1KWA sondela umhlangano wesinkwa esi nge namvubelo okutiwa iPasika.
2Abapristi abakulu nababali ba funa ukuba benze njani ukumbulala; ngokuba besaba abantu.
3uSatani wa ngena kuJuda o tiwa uIskariote, e ngowaba ishumi nambili.
4Wemuka wa ya wa kuluma nabapristi abakulu nezinduna, ukuba enze njani ukumnikela kubo.
5Ba jabula, ba vumelana naye ukumnika imali.
6Wa vuma, wa funa ituba lokumnikela kubo, ku nge ko abantu.
7Kwa fika usuku lwesinkwa esi nge namvubelo, eli nga hlatywa ngalo ipasika.
8Wa tuma uPetro noJohane, e ti, Hambani ni ye ni si lungisele ipasika, si dhle.
9Ba ti kuye, U tanda ukuba si ku lungiselepi na?
10Wa ti kubo, Bhekani, se ni ngenile emzini, ni ya kuhlangana nomuntu e pete isitya samanzi; m landeleni ni ye endhlini, a ngena kuyo.
11Ni ti kumninindhlu, Umfundisi u ti kuwe, Ipi indhlu lapa ngi nga dhla kona ipasika nabafundi bami?
12U ya kunibonisa indhlu enkulu, e pezulu, endhlelweyo; ni lungise kona.
13Bemuka ba fumana njengokutyo kwake kubo; ba lungisa ipasika.
14Se si fikile isikati, wa hlala nabapostoli aba ishumi nambili.
15Wa ti kubo, Ngi nxanele nokunxanela ukudhla nani lelipasika, ngi nga ka hlupeki.
16Ngokuba ngi ti kini, A ngi sa yi kubuya ngi li dhle, li ze li pelele embusweni ka Tixo.
17Wa tabata isitya, wa bonga, wa ti, Si tabateni, ni sahlukaniselane.
18Ngi ti kini, A ngi sa yi kupuza isitelo sevini u ze u fike umbuso ka Tixo.
19Wa tabata isinkwa, wa bonga, wa si hlepula, wa ba nika, e ti, Loku ku umzimba wami, o nikelwa nina: yenzani loku, ni ngi kumbule.
20Njalo wa tabata isitya emva kokudhla; e ti, Lesisitya si isivumelwano esitya ngegazi lami, eli palazelwa nina.
21Kodwa bhekani, isandhla so ngi nikelayo si nami esitebeni.
22Imbala, iNdodana yomuntu i ya ya njengokumisiweyo, kodwa nako ku lomuntu e nikelwa nye!
23Ba qala ukubuzana ukuba ubani kubo a za kwenza loku.
24Kwa ku kona inkani pakati kwabo yokuti ubani kubo o za kutiwa omkulu.
25Wa ti kubo, Amakosi ezizwe a zi busa, nababusi bazo ba tiwa abanomusa.
26Kodwa nina a ni yi kuba njalo; kepa omkulu kini a ka be njengomcinyane, nombusi a be njengokonzayo.
27U mupi omkulu, o hlezi ekudhleni, nokonzayo na? a siye o hlezi ekudhleni na? kodwa mina ngi pakati kwenu njengokonzayo.
28Nina ni ibo aba be mi nami ekulingweni kwami.
29Ngi ya ni misela umbuso, njengobaba u ngi misele mina.
30Ukuba ni dhle, ni puze esitebeni sami embusweni wami, ni hlale ezihlalweni zobukosi, nahlulele izizwe ezi ishumi nambili zika Israeli.
31iNkosi ya ti, Simone, Simone, bheka, uSatani u ya ni funisisa, ukuba, a ni hlunge njengamabele.
32Kodwa ngi ku kulekele, ukuba ukukolwa kwako ku nga peli: lapo u su penduke, u ba qinise abazalwane bako.
33Wa ti kuyo, Nkosi, se ngi lungele ukuya nawe na setilongweni, na sekufeni.
34Ya ti, Ngi ti kuwe, Petro, Iqude a li yi kukala namhla, u nga ka piki katatu u ti a u ngazi.
35Ya ti kubo, Lapo nga ni tuma ni nge nasikwama; naika, nazicatulo, na swelanto na? Ba ti, A si swelanganto.
36Ya ti kubo, Kodwa o nesikwama, ka si tabate, enze njalo o neika: o nge nankemba, ka tenge ngengubo yake, a tenge inkemba.
37Ngokuba ngi ti kini, Loku okulotyiweyo nga se ku gcwaliseka ngami, kokuti, Wa balwa nezoni: ngokuba okutyiwo ngami se ku pelele.
38Ba ti, Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili. Ya ti kubo, kwanele.
39Wa puma wa ya njengokwenza kwake entabeni yemihlwati, abafundi bake ba m landela.
40Se e fikele ku leyondawo, wa ti kubo, Kulekani ukuba ni nga ngeni ekulingweni.
41Wa dela kubo, ku nga ti ibangana lokuponsa itye, wa guqa wa kuleka,
42E ti, Baba, uma u vuma, susa lesisitya kimi, kepa a ku nga bi ngokutanda kwami, ku be ngokwako.
43Kwa bonakala kuye ingelosi ya sezulwini i m qinisa.
44E sekuhlupekeni okukulu wa qinisa ukukuleka; ukujuluka kwake kwa njengamatonsi egazi ehlela pansi emhlabatini.
45Se e suke ekukulekeni weza kubafundi bake, wa ba fumana be lele ngokudabuka.
46Wa ti kubo, Ni laleleni na? vukani, ni kuleke, ukuba ni nga ngeni ekulingweni.
47E sa kuluma, kwa fika abantu, naye o tiwa uJuda, e hamba pambi kwabo, wa sondela kuJesu ukumanga.
48uJesu wa ti kuye, Juda, u ya i nikela iNdodana yomuntu ngokwanga na?
49Aba be naye be bona oku za kwenzeka, ba ti kuye, Nkosi, so galela ngenkemba na?
50Omunye kubo wa galela inceku yompristi omkulu, wa nquma indhlebe yayo ya kwesokunene.
51uJesu wa pendula wa ti, Yekani, kwanele. Wa i pata indhlebe yayo, wa i polisa.
52Kona uJesu wa ti kubapristi abakulu, nezinduna zetempeli, namalunga, e be fikile kuye, Ni pumele kimi nezinkemba nezinduku ngokungati ngi umpangi.
53Be ngi nani imihla ngemihla etempelini, a nelulelanga isandhla kimi. Kodwa se ku isikati senu, namandhla obumnyama.
54Ba m qamba, bemuka naye, ba m yisa endhlini yompristi omkulu. uPetro wa m landela e kude.
55Se be basile umlilo esigodhlweni be hlala pansi, uPetro wa hlala pakati kwabo.
56Intombazana i m bona e hlezi nga semlilweni, ya m bhekisisa, ya ti, Lo wa e naye.
57Wa m pika, e ti, Sifazana, a ngi m azi.
58Ngasemva kwesikatyana, omunye wa m bona, wa ti, Wena u ngowa kubo. uPetro wa ti, Ndoda, a ngi siye.
59Se ku dhluhle isikati ku nga ti ihora, omunye wa qinisa wa ti, Nempela; lo wa e naye; u ngowa seGalile.
60uPetro wa ti, Ndoda, a ngi kwazi o ku tyoyo. Masinyane, e sa kuluma, iqude la kala.
61iNkosi ya penduka, ya m bheka uPetro: uPetro wa kumbula izwi leNkosi, e be li tyilo ukuti, Iqude li nga ka kali, u ya kungipika katatu.
62Wa puma uPetro, wa kala nokukala.
63Abantu aba m bamba uJesu, ba m hleka; be m tyaya.
64Ba m gubuzela; ba m tyaya ubuso, ba m buza, be ti, Si tyele, ukuba ubani o ku tyayileyo.
65Nokunye okuningi ba kuluma kuye, be m tuka.
66Kwa ti ekuseni kwa butana amalunga abantu, nabapristi abakulu, nababali, ba m yisa empakatini wabo, be ti.
67Uma u nguKristu, si tyele. Wa ti kubo Uma ngi ni tyela, a ni yi kukolwa.
68Uma ngi ni buza, a ni yi kungipendula, nokungikulula.
69iNdodana yomuntu se i za kuhlala ngakwesokunene samandhla ka Tixo.
70Ba ti bonke, U iNdodana ka Tixo na? Wa ti kubo, Ni ya tyo ni ti ngi iyo.
71Ba ti, Si sa funelani obunye ubufakazi na? se si m zwile tina ngomlomo wake.