1WA bheka, wa bona, abacebileyo be tela izipo zabo eminikelweni.
2Wa bona umfelokazi ompofu e tela kona imalana embili.
3Wa ti, Ngi qinisile ngi ti kini, lomfelokazi ompofu u telile kakulu ku nabo bonke.
4Ngokuba bonke laba ba telile eminikelweni ka Tixo ngobuningi babo, kodwa yena ngobumpofu bake u telile konke a nako, a pila ngako.
5Abanye be kuluma ngetempeli ukuti, li vunuliswe ngamatye amahle na ngeminikelo, wa ti,
6Lezizinto eni zi bonayo, ku ya kufika imihla oku nga yi kushiywa ngayo itye pezu kwetye, eli nga yi kuwiswa pansi.
7Ba m buza, be ti, Mfundisi, loku ko ba nini na? nesiboniso so ba ini, lapo ku za kufika konke loku na?
8Wa ti, Bhekani ni ngedukiswa; ngokuba abaningi ba ya kuza ngegama lami, be ti, Ngi nguKristu, isikati se si sondele; ni nga ba landeli.
9Nxa ni ku zwa ukulwa nokuvukelana, ni ngesabi; ku ya kufika loku kuqala, kepa ukupela ku nga ka sondeli.
10Kona wa ti kubo, Isizwe si ya kuvukela isizwe, umbuso u ya kuvukela umbuso:
11Ku ya kuba kona ukuzamazama okukulu komhlaba izindawo ngezindawo, nendhlala, nezifo; ko ba kona izibonakaliso ezisabekayo, nezimangaliso ezikulu nga sezulwini.
12Kodwa ku nga ka fiki konke loko, ba ya kubeka izandhla zabo pezu kwenu, ba ni hlupe, ba ni nikele ezindhlini zokusonta, na sematilongweni, ni letwa emakosini na kubabusi, ngenxa yegama lami.
13Ku ya kuba ubufakazi kinina.
14Misani ezinhliziyweni zenu, ukuba ni nga ku zindhli eni ya kupendula ngako.
15Ngi ya kuninika umlomo nokuhlakanipa, ezi nge ku pike; zi ku mele, zonke izita zenu.
16Ni ya kunikelwa abazali, nabafo wenu, nabazalwane, nezihlobo, yebo, abanye kini ba ya kubabulala.
17Ni ya kuzondwa abantu bonke ngegama lami.
18Kodwa a lu yi kulahleka nalunye unwele lwekanda lenu.
19Ngokubekezela kwenu no i sindisa imipefumlo yenu.
20Nxa ni bona iJerusalema li haqiwe impi, kona yazini ukuba se ku sondele ukucitakala kwalo.
21Kona aba seJudia ma ba balekele ezintabeni, naba pakati kwalo ba pume, naba sendhle ba nga ngeni kulo.
22Ngokuba lezi zi izinsuku zokupindisela, ukuba ku gcwaliseke konke okulotyiweyo.
23Au kwabakulelweyo nabancelisayo nga lezozinsuku! ku ya kuba kona ukuhlupeka okukulu ezweni, nolaka pezu kwa lababantu.
24Ba ya kuwa ngosiko lwenkemba, ba tunjwe izizwe zonke; iJerusalema i ya kunyatelwa izizwe, ku ze ku pelele izikati zezizwe.
25Ku ya kuba kona iziboniso elangeni, na senyangeni, na sezinkanyezini; na semhlabeni ku tutumele izizwe, zi xakekile; ku dume ulwandhle namaza:
26Abantu ba pele amandhla ngokwesaba, na ngokubheka lezozinto ezizayo emhlabeni; ku ya kuzanyazanyiswa amandhla ezulu.
27Kona ba ya kubona iNdodana yomuntu i za ngefu, i namandhla nobukosi obukulu.
28Nxa lezizinto zi qala ukwenzeka, lulamani, ni pakamise amakanda enu, ngokuba ku sondele ukusindiswa kwenu.
29Wa shumayela kubo umfanekiso wokuti, Bhekani, umkiwane nemiti yonke;
30Nxa i si hlumile, ni ya bona, nazi ngokwenu, ukuba ihlobo li seduze.
31Njalo, nxa ni bona lezizinto za fika, nazi umbuso ka Tixo u seduze.
32Ngi qinisile ngi ti kini; Lesisizukulwane a si yi kudhlula ku nga kenzeki loku konke.
33Ku ya kudhlula izulu nomhlaba; kodwa amazwi ami a ka yi kudhlula.
34Xwayani, ku nga ti izinhliziyo zenu zi be butuntu ngokuminza, na ngokudakwa, na ngokunaka lokukupila, lu ni fikele lolosuku ni ngazelele.
35Ngokuba lu ya kufika njengomgibe pezu kwabo bonke aba hlezi ezweni lonke.
36Lindani, ni kuleke ngezikati zonke, ukuba ni fanele ukupepa loku konke oku za kwenzeka, ni me pambi kweNdodana yomuntu.
37Emini wa e fundisa etempelini; ebusuku wa ya wa hlala entabeni okutiwa e yemihlwati.
38Abantu bonke besuka kusasa, beza kuye etempelini ukumuzwa.