1KUMBULA, Jehova, esehlelwe iko; bheka, u bone ihlazo letu.
2Izwi letu se li ngelabantu bolunye uhlanga, nezindhlu zetu zi ngezabezizwe.
3Si izintandane, a si nababa; omame ba ngabafelokazi.
4Amanzi etu si wa puzile ngemali; izinkuni zetu si zi tenga.
5Sa xotywa, be sezintanyeni zetu, sa zama, si nge nakupumula.
6Selulele isandhla ngasEgipite, na ngaseAsiria, ukuba si sutiswe ngesinkwa.
7Obaba betu bona: a ba se ko; si twele izono zabo.
8Izigqili zi si busile; kwa ku nge ko o si kululu esandhleni sabo.
9Sa tola ukudhla kwetu ngemipefumlo yetu, ngenxa yenkemba ya sehlane.
10Isikumba setu sa tya njengeziko, ngokutyisa kwendhlala.
11Ba bona abafazi eZioni, nezintombi emizini ya kwaJuda.
12Kwa panyekwa izikulu ngezandhla: ka hlonitywanga amalunga.
13Izinsizwa za twala amatye okugaya; abantwana ba kubeka pansi kwezinkuni.
14Amalunga a shiyile isango, nezinsizwa ugubu.
15Ku nqamukile ukutokoza kwenhliziyo yetu; ukusina kwetu ku pendukile ukulila.
16Ku wile umqele ekanda: Nako kitina, ngokuba sonile.
17Ngaloku inhliziyo i pela amandhla; ngaloku amehlo etu a fipele.
18Intaba yeZioni, e citekileyo, izimpungutye zi hamba pezu kwayo.
19Kepa wena, Jehova, u ma pakade; isihlalo sako si kona izizukulwane ngezizukulwane.
20U si kohlwa ngani njalonjalo, u si lahle isikati eside na?
21Si buyisele kuwe, Jehova, se si ya kubuya; yenza zi be zintya izinsuku zetu njenga sendulo;
22Uma u nga si lahlile impela, u si tukutelela kakulu.