1KWA ti ngomnyaka wamashumi amatatu, ngenyanga yesine, ngosuku lwesihlanu lwenyanga, se ngi pakati ekutunjweni ngasemfuleni uKebari; izulu la li vuleka, nga bona izibonakaliso zika Tixo.
2Ngosuku lwesihlanu lwenyanga, kwa ku ngumnyaka wesihlanu wokutunjwa kuka Jehoyakina inkosi.
3Izwi lika Jehova la ba kona belu kuHezekeli indodana ka Buzi umteteleli, ezweni labaKaldea ngasemfuleni uKebari; sa ti isandhla sika Jehova sa ba pezu kwake lapo.
4Nga se ngi bheka, bhekake, isivunguvungu sa fika si vele enyakato, si ifu elikulu, li nomlilo ozibambelelayo, nokukazimula kwa be ku li haqa; na kuko pakati kwa vela njengokukanya kwetusi, ku vele emlilweni.
5Na pakati kwako kwa vela umfanekiso wezidalwa ezine; kwa ti ilesi isimo kuzo; za zi nomfanekiso womuntu.
6Ilesi sa si nobuso obune, nalesi sa si namapiko amane.
7Izinyawo zazo za zi unyawo oluqondayo, sa ti isiqu sezinyawo zazo sa si njengesiqu sonyawo lwetole; za zi kazimla njengokukanya kwetusi elipucuziweyo.
8Za zi nezandhla zomuntu pansi kwamapiko azo ezinhlangotini ezine zazo; kwa ku kona ubuso namapiko kuzo lezo ezine.
9Amapiko a hlanganiswa elinye kwelinye; a zi cezukanga ekuyeni kwazo; za ya ileso ngokuqonda kobuso baso.
10Kwa ti ngomfanekiso wobuso bazo, lezozine za zi nobuso bomuntu, nobuso bengonyama ngesokunene; lezozine za zi nobuso benkomo ngesokohlo; lezozine za zi nobuso benqe.
11Kwa ku njalo ubuso bazo: namapiko azo anekwa ngapezulu; amabili a hlangana a wesinye kuwo a wesinye; namabili a sibekela umzimba wazo.
12Za ti za ya ilesi ngokuqonda kobuso baso; za ya lapo umoya wa be u ya ku ya kona; a zi pendukanga ekuyeni kwazo.
13Kwa ti ngomfanekiso wezidalwa, isimo sazo sa si njengamalahle omlilo avutayo, njengokubonakala kwesibani; kwa zihambela pakati kwezidalwa, wa ti umlilo wa ba nokukanya, kwa puma nonyazi kuwo umlilo.
14Za ti izidalwa za gijima za buya njengokubonakala konyazi.
15Lapo nga bona izidalwa bhekake isondo elinye emhlabatini ngasezidalweni, li kubo ubuso obune baso.
16Ukubonakala kwamasondo nomsebenzi wawo, kwa ku njengokukazimula kwetopazi; kwa ti umfanekiso omunye u be kuwo lawamane, ukubonakala kwawo nomsebenzi wawo kwa ku njengesondo pakati kwesondo.
17Ekuyeni kwawo a ya ngezinhlangoti ezine zawo; a ka cezukanga ekuyeni kwawo.
18A be namabande awo, nokupakama, a be e sabeka; a ti amabande awo a gcwala amehlo a haqa lawamane.
19Kwa ti ekuyeni kwezidalwa amasondo a hamba nga kuzo; nasekupakanyisweni kwezidalwa pezu komhlabati, amasondo a pakanyiswa.
20Lapo umoya wa be u ya kuya kona, a ya kona, nalapo umoya wa be u ya kuya kona; a ti amasondo a pakanyiswa kanye nazo; ngokuba umoya wesidalwa u be u semasondweni.
21Ekuyeni kwazo a ya wona; ekumeni kwazo, e ma; nasekupakanyisweni kwazo pezu komhlabati, amasondo a pakanyiswa kanye nazo: ngokuba umoya wezidalwa u be u semasondweni.
22Kwa ti pezu kwamakanda esidalwa kwa ku kona isimo e si umkati wezulu, njengokubonakala kwekrustali elisabekayo, lenekwa pezu kwamakanda azo ngapezulu.
23Na nga pansi komkati a be kona amapiko aqondileyo, elinye li kulo elinye; ku yileso a be kona amabili a zi sibekelayo, na ku leso a be kona amabili a zi sibekelayo, ukuti imizimba yazo.
24Nga se ngi zwa inhlokomo yamapiko azo ekuyeni kwazo, njengenhlokomo yamanzi amaningi, njengezwi lika Somandhla, izwi lokukuluma, njengezwi lebandhla; ekumeni kwazo amapiko azo ehliswa.
25La ti la ba kona izwi li pume emkatini wezulu o be u pezu kwamakanda azo, lapo za zi se mi, zehlisile amapiko azo.
26Kwa ti nga pezu komkati o be u pezu kwamakanda azo, kwa ku kona umfanekiso wesihlalo sobukosi njengokubonakala kwetye eli isafire: na pezu komfanekiso wesihlalo sobukosi, umfanekiso njengesimo somuntu pezu kwalo ngapezulu.
27Nga se ngi bona njengokukanya kwetusi, njengokubonakala komlilo ohaqayo ngapakati, ku qale ekubonakaleni kokalo lwaso kwangapezulu, ku qale nasekubonakaleni kokalo lwaso kwa ngapansi; nga ngi bona njengokubonakala komlilo, kwa ku kona nokukazimula okuhaqayo kuso.
28Njengokubonakala kotingo o lu sefwini ngosuku lwemvula, kwa ku njalo ukubonakala kokukazimula okuhaqayo. Yiloku ukubonakala komfanekiso wokukazimula kuka Jehova. Nga bona mina, nga wa ngobuso bami, ngezwa izwi lokulumayo.