1KONA u Jobe wa pendula wa ti,
2Namhlanje ukusola kwami ku nosizi; isandhla esi kimina si ya sinda ku nokububula kwami.
3Kwa nga ngi ngazi ukuba ngi nga m tolapi ukuba ngi finyelele na sesihlalweni sake.
4Ngi nga lungisa indaba yami pambi kwake, ngi gcwalise umlomo wami ngamaci.
5Ngi nga wazi amazwi a nga ngi pendula ngawo, ngi zwe a nga kutyo kimina.
6U za ku ngi pikisa ngamandhla ake amakulu na? ca, a nga ngi zwela.
7Kona olungileyo a nga pikisana naye, ngi kululwe kumahluli wami o ngunapakade.
8Bheka, ngi ya pambili kodwa amuko kona; na semva kodwa a ngi nakumbona.
9Nga kwesokohlwa lapo e sebenza kona a ngi nakumbona; u ya zifihla nga kwesokunene ukuba ngi nga m boni.
10Ngokuba u ya yazi indhlela e ngi hamba ngayo; lapo e se ngi hlolile ngi ya ku vela njengegolide.
11Unyawo lwami lu namatela ezinyatelweni zake; indhlela yake ngi yi gcinile, a ngi ka pambuki.
12A ngi hlehlanga emyalweni wezindebe zake; ngenzile igugu amazwi omlomo wake kakulu ku nokudhla kwami o ku ngi faneleyo.
13Kodwa u into inye njalo; ubani o nga m guqulayo na? Okufiswa umpefumlo wake u ya kwenza.
14Impela u ya kufeza oku ngi miselweyo nokuningi oku nje ku kuye.
15Ngako ngi ya tutumela ebusweni bake, uma ngi qonda ngi ya meseba.
16uTixo u i dangalisile inhliziyo yami, uSomandhla u ya ngi hlupa.
17Ngokuba a ngi iso isimungulu pambi kohlupo lwami napambi kwami ngi sityekelwa ubumnyama obukulu.