1KWA pendula uElifazi umTemani wa ti,
2Umuntu u ya siza uTixo, njengokuba e zisiza na?
3Ku ya m tokozisa uSomandhla ukuba u lungile na? ku ya m siza ini ukuba wenze izindhlela zako zi pelele na?
4U ya ku kukuza ngenxa yokwesaba na? u ya kukumangalela na, e teta amacala?
5Ukona kwako a ku ku kulu na? nezono zako zi nge namkaulo na?
6Ngoba u cindezele umfo wenu ngesitembiso samanga, wapuca ompofu izingubo zake.
7A u m puzisanga amanzi owomileyo, nolambileyo wa m ncitya ukudhla.
8O namandhla wa nqoba umhlaba; no nobunene wa hlala kuwo.
9U mukisile abafelokazi beze, nemikono yezintandane yapulwa.
10Ngako se u haqwe ugibe, nokwesaba ku ya ku zuma;
11Nobumnyama, ukuze u nga boni; namanzi amaningi a ya ku sibekela.
12uTixo kako ini ezulwini elipakemeyo? bhekake izinkanyezi zi pezulu kude kangaka!
13Wena u ti uTixo wazi kanjani na? A nga hlula ini e semva kwamafu amnyama na?
14Amafu a isisibekelo kuye, ka boni yena; u ya hamba esiyingini sezulu.
15U ya kugcina indhlela endala e kade i hanjwa izoni na?
16E za nqunywa ku nga ka bi isikati sazo, isisekelo sazo sa kukulwa uzamcolo na?
17E za ti kuTixo, Si yeke; uSomandhla wa e ngenzani kubo na?
18Noko yena wa e gcwalisile izindhlu zabo ngezibusiso, kepa amazwi abashingayo a kude nami.
19Abalungileyo ba ya kubona, ba jabule; naba nge nacala ba ba hleka usulu.
20Impela aba izita zetu ba nqunyiwe, nako konke okuseleyo kwabo ku qedwa umlilo;
21Funda ngaye u be nokutula, kona u ya kwehlelwa okulungileyo.
22Yamkela emlonyeni wake umteto, u wa gcine amazwi ake enhliziyweni yako.
23Uma u pindela kuSomandhla, u xotye ukona ku be kude nendhlu yako, kona u ya kwakiwa.
24U lahle igolide njengotuli, ne la seOfire njengamatye a semfuleni.
25uSomandhla u ya kuba imfuyo yako, u be neliningi isiliva.
26Kona wo tokoza ngoSomandhla, u pakamise ubuso kuTixo.
27Wo kuleka kuye a kuzwe u feze izifungo zako.
28Noma u funa into u ya kayenzelwa; ku ya kukanya ezindhleleni zako.
29Lapo abantu be zitoba, u ya kuti, kubo, Ku kona ukupakanyiswa; yena u ya kumsindisa o zitobayo.
30Aba nge nacala u ya kubakulu la; ba kululwa ngobumhlope bezandhla zake.