1VUKA, vuka; u fake amandhla ako, Zioni; zi hlobise ngezingubo zako ezinhle, Jerusalema, muzi o ingcwele; ngokuba ku nga sa yi ku buya ku ngene kuwe ongasokanga nomubi.
2Zi tuntute utuli; u vuke u hlale pansi, wena Jerusalema: zi kulule esibotyweni sentamo yako, wena ntombi ka Zioni o isibotywa.
3Ngokuba u tyo loku uJehova, Ni zi tengisile ize; futi no sindiswa ku ngeko mali.
4Ngokuba u tyo loku uJehova uTixo, Abantu bami behla kuqala Egipite ukuba bake kona; naba seAsiria ba ba hlupa ngeze.
5Manjeke, ngi nantoni lapa mina, u tyo uJehova, ukuba abantu bami ba mukiswe ngeze na? bona aba ba busayo ba benza ukuba ba bubule, u tyo uJehova; negama lami li tukwa zonke izinsuku.
6Ngako abantu bami ba ya kulazi igama lami: ba ya kwazi ngalolosuku ukuba ngi nguye mina okulumayo: bheka, imina.
7Za ba zinhle ezintabeni izinyawo zake o letayo indaba enhle o memeza ukutula; o leta indaba enhle yokulunga, o memeza insindiso: o tyoyo kulo iZioni ukuti, uTixo wako u ya busa!
8Abalindi bako ba ya kupakamisa izwi labo; ba hlabelele kanye kanye ngezwi: ngokuba ba ya kubona ngamehlo, lapo uJehova e li buyisa futi iZioni.
9Jabulani; ni gwabe kanye kanye, nina zindawo ezi citekileyo zeJerusalema: ngokuba uJehova u ba duduzile abantu bake, u li kululile iJerusalema.
10uJehova u hlubulile umkono wake o ingcwele emehlweni ezizwe zonke; nezinhlangoti zonke zomhlaba zi ya ku i bona insindiso ka Tixo wetu.
11Sukani, sukani, ni pume lapa, ni nga i tinti into e ngcolileyo; ni pume kuyena; ni be mhlope, nina bapati bezitya zika Jehova.
12Ngokuba a ni i kupuma ngokutyetya, na ngokubaleka: ngokuba no landela uJehova; noTixo ka Israeli wo ni vikela na ngemva.
13Bheka, inceku yami e yo kwenza kahle, i ya kupakanyiswa i nikwe amandhla, i be nkulu kakulu.
14Abaningi ba mangale ngayo; ubuso bayo bonakele, ku nobomuntu omunye, nokuma kwayo ku nokwamadodana abantu:
15Njaloke i fafaze izizwe eziningi; amakosi a yi valele imilomo: ngokuba a ya kukubona loko a kade e nga ku tyelwanga: na loku a kade e nga ku zwanga a ku qonde.