1LALELANI mina, nina eni hambela ukulunga, nina eni funa uJehova: bhekani kulo itye eni nqetyulwa kulo, nomgodi e ni mbiwe kuwo.
2Bhekani kuAbehama uyihlo wenu, na kuSara o ni zeleyo; ngokuba nga m biza yedwa, nga m busisa, nga mandisa.
3Ngokuba uJehova u ya kududuza iZioni: a duduze zonke izindawo zalo ezi citekileyo; enze ihlane lalo li be njengeEdene, nemfunda yalo njengensimu ka Jehova; injabulo nokutokoza ko tolwa kona, ukubonga, nezwi lokuhlabelela.
4Ngi zweni, bantu bami; ni ngi bekele indhlebe, nina sizwe sami: ngokuba umteto wo vela kimi ngenze ukwahlulela kwami ku be ukukanya kubantu bami.
5Ukulunga kwami ku seduze: insindiso yami i pumile, nemikono yami i ya kwabela abantu bami; iziqingi zi ya kuhlalela mina, zetembe ko wami umkono.
6Lulamiselani amehlo ezulwini, ni wu bheke umhlaba pansi: ngokuba amazulu a ya kunyamalala njengomusi, nomhlaba u guge njengengubo, nabo aba hlezi kona ba fe njengaloko: kodwa insindiso yami i ya kuma njalo njalo, nokulunga kwami ku nga peli.
7Lalelani mina, nina eni kwaziyo ukulunga, abantu aba nomteto wami ezinhliziyweni zabo; ni nga kwesabi ukucunula kwabantu, nezituko zabo.
8Ngokuba inyundu i ya kubadhla njengengubo, nomsundu u ba dhle njengoboya bemvu: kodwa ukulunga kwami ku ya kuma njalo njalo, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.
9Vuka, vuka, u hlome amandhla, o mkono ka Jehova; vuka, njengezinsuku za kuqala, ezizukulwaneni ezi dhlulileyo. A ku wena o wa nquma iRahabi na? wa limaza udrako na?
10A ku wena o womisa ulwandhle, amanzi olwandhle olukulu: o wenza indhlela kulo ukuze ba wele aba sindisiweyo na?
11Ngako abasindisiweyo baka Jehova ba ya kubuya, ba fike ngokuhlabelela eZioni; nenjabulo engapeliyo yo ba emakanda abo: ba ya kutola ukutokoza nenjabulo; nenhlupeko nokulila ko baleka.
12Mina, yebo mina, ngi nguye o ni duduzayo: ubani wena, ukuba u ze wesabe umuntu o ya kufa na, nendodana yomuntu e ya kwenziwa i be njengotyani na;
13U kohlwe uJehova umenzi wako, o welula amazulu, no wenza izisekelo zomhlaba; wesaba njalo zonke izinsuku ulaka lomhlupi, e kwangati u ya kukubulala? lupi ulaka lomhlupi na?
14Isibotywa esi tunjweyo si ya tyetya ukuba si kululwe, ukuze si ngafi emgodini, nesinkwa sake si pele.
15Kodwa mina ngi nguJehova uTixo wako, o wa dabula ulwandhle, amaza alo e bodhla: uJehova wamabandhla igama lake.
16Mina ngi wa bekile amazwi ami emlonyeni wako, ngi ku sibekele ngesitunzi sesandhla sami, ukuze ngi wa tyale amazulu, ngi mise isisekelo somhlaba, Ngi tyo kulo iZioni ukuti, Nina ni ngabantu bami.
17Vuka, vuka, u me, wena Jerusalema, o si puzileyo esandhleni sika Jehova isitya solaka lwake; u zi puzile izinziki zesitya sokututumela, wa zi kama.
18A kako o ya kumhola kuwo wonke amadodana o wa zeleyo; a kako nompatayo ngesandhla kuwo onke amadodana a wa kulisileyo.
19Loku kokubili ku fikele wena; ubani o ya kukudabukela na? incitakalo, nokufa, nendhlala, nenkemba ngo ku duduza ngobani na?
20Amadodana ako a dangele, a lala ezihlokweni zezitaladi zonke, njengenkunzi ya sendhle esihibeni: a gcwele ulaka luka Jehova, nokusola kuka Tixo wako.
21Manjeke yizwa loku, wena sihlupeki, nesidakwa, kodwa ku nge ngewaini:
22U tyo loku uJehova uTixo wako o mela abantu bake, Bheka, ngi si susile ezandhleni zenu isitya sokututumela nezinziki zolaka lwami: a u sa yikupuza futi:
23Kodwa ngo ku faka loko ezandhleni zabo aba ku hlupayo; aba tyiloyo, empefumulweni wako ukuti, Kotama, si hambe pezu kwako: Wa kotama umzimba wako wa ba njengomhlaba, njengesitaladi, kubo aba hamba pezu kwako.