1BHEKA inkosi i ya kubusa ngokulunga, namakosana a buse ngokwahlulela.
2Umuntu a be indawo yokucatyela umoya, nendawo yokufihlela isivunguvungu: njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengesitunzi setye elikulu ezweni elikatazayo.
3Namehlo abo ababonayo a nga fipali, nezindhlebe zabo abezwayo zi zwe.
4Futi inhliziyo yo ipulukundhlu i ya kuqonda ukwazi, nolimi lonamalimi lu kulume kahle.
5Ku nga tyiwo kumuntu o nge naluto ku tiwe isipani, noncityanayo ku tiwe u nobubele.
6Ngokuba umuntu o nge waluto u ya kukuluma ubushinga, nenhliziyo yake yenze ububi, bokuzenzisa, nokutyo amanga ngoJehova, ukwenza u be ize umpefumlo wolambileyo, enze ukuba ku pele ukupuza kowomileyo.
7Futi izikali zoncityanayo zimbi; wenza amacebo amabi ukubulala abampofu ngamazwi a ngamanga, noma e kuluma kahle odingayo.
8Kodwa opanayo u veza ukupana: na ngokupana loko u ya kuma.
9Vukani, nina sifazana esi hlezi kahle; yizwani izwi lami, nina zintombi ezi nga nakekeliyo: nikani indhlebe kuyo inkulumo yami.
10Ni ya kuhlutywa izinsuku neminyaka eminingi, nina sifazana esi nga nakekeliyo: ku ya kuputa izitelo, ukuvuna ku nga fiki.
11Tutumelani, nini sifazana esi hlezi kahle; ni hlupeke nina aba nga kataliyo; kumulani izingubo zenu ni beze, ni bince amasaka ezinkalweni.
12Ba kalele izingono zamabele, namasimu amahle, nesivini esitelayo
13Ku mile ezweni labantu bami, ameva namagatya; yebo pezu kwezindhlu zonke zenjabulo emzini ojabulayo.
14Ngokuba izindhlunkulu zi ya kudelwa; iningi lomuzi li shiywe; isinqaba nezindonga zi be imihume njalo, injabulo yezimbongolo za sendhle, idhlelo lemihlambi.
15Si ze si fikelwe umoya wa pezulu, nehlane li be insimu etelayo, nensimu etelayo i be ihlati.
16Ukwahlulela ku hlale ehlane, nokulunga ku hlale ensimini etelayo.
17Nomsebenzi wokulunga u be ukutula: nokugcina kokulunga ku be ukutula nokuqiniseka njalo.
18Nabantu bami ba ya kuhlala endaweni yokutula, na sezindhlini eziqinileyo, na sezindaweni zokupumula ezitulileyo:
19Lapo lehlisa isicoto pezu kwehlati; nomuzi u be pansi endaweni epansi.
20Ba ya busiswa aba hlwanyela ngasemifuleni yonke, be lusela kona inkabi nembongolo.