1WO kubona a behlela Egipite, be funa ukusiza kona, bezenamisa emahashini, betemba ezinqoleni, ngokuba zi ningi: nakwabanamahashi, ngokuba be namandhla kakulu; be nga bheki ko ingcwele ka Israeli, be nga m funi uJehova.
2Kepa naye u hlakanipile, u ya kuleta ububi, a nga be sa wa buyisa namazwi ake: kodwa a vukele indhlu yabenza okubi, nabo aba ba sizayo bona abenza okubi.
3Aba sEgipite ba ngabantu, a ba siye uTixo; namahashi abo a inyama, a siwo umoya. Lapo uJehova u ya kwelula isandhla sake, yena o sizayo u ya kuwa, naye o sizwayo a we pansi, ba pele bonke kanyekanye.
4Ngokuba uJehova u tyilo loku kimina, njengebubesi elitya li bodhlela impango yalo, lapo abalusi abaningi be bizelwa ukulizingela, a li yi ku lesaba izwi labo, li zi hlupe ngenxa yomsindo wabo: ngaloko uJehova wamabandhla u ya kwehla ukulwela intaba iZioni, nentatyana ya kona.
5Njengezinyoni zi ndiza, njalo uJehova wamabandhla u ya ku vikela iJerusalema: ku ti ukuba a li vikele u ya kulisindisa a lengame a li londoloze.
6Pendukani kuyena o hlutyukwe kakulu abantwana baka Israeli.
7Ngokuba ngalolosuku bonke abantu ba ya kuzilahla izitombe zabo zesiliva, nezitombe zegolide, e zenziwe izandhla zenu, ni zenzela isono.
8Lapoke owa seAsiria u ya kuwa ngenkemba e nge yiyo e yesiqwaga; nenkemba e nge yiyo e yomuntu ompofu, i ya kumqeda: kodwa u ya kuyibalekela inkemba, nezinsizwa zake zi ya kujaba.
9A welele enqabeni yake ngenxa yokwesaba namakosi ake a sesabe isibonakaliso, u tyo uJehova, omlilo wake u seZioni, neziko lake li seJerusalema.