1WO kuArieli, kuArieli, umuzi o wa u hlala uDavida, yandisani umnyaka ngomnyaka, hlabisani.
2Noko ngi ya ku li hlupa iArieli, ku be kona ubunzima nenhlupeko; ku za kuba njengeArieli, kimi.
3Ngi ya kumisa ngi ku haqe, ngi ku vimbele ngodonga, ngi ku misele izinqaba.
4Nawe u dilizwe, u kulume u semhlabatini, nenkulumo yako i be pansi, otulini, nezwi lako li be njengelomlozi li puma emhlabatini, nenkulumo yako i nyenyeze otulini.
5Futi ubuningi bezizwe bako bu be njengotuli oluncane, nobuningi babo abesabekayo bu be njengamakoba a dhlulayo; yebo kwenzakale masinya impela.
6U fikelwe uJehova wamabandhla ngokuduma, na ngokuzamazama komhlaba, ngomsindo omkulu, ngesivunguvungu, na ngelangabi lomlilo oqedayo.
7Iningi lezizwe zonke ezi lwa noArieli nabo bonke aba lwa nalo nezinqaba zalo, naba li hlupayo, ba be njengepupo la sebusuku.
8Ku be njengokulamba komuntu o pupa e dhla a vuke e sa lambile; nowomileyo a pupa e puza; kodwa a vuke e pela mandhla umpefumlo wake u fise: ko ba njalo kubo ubuningi bezizwe zonke, ezi lwa nentaba iZioni.
9Yimani ni mangale; kalani ni memeze; ba dakiwe bona, kodwa qa ngewaini; ba ya tengezela, kodwa qa ngenxa yopuzo olu namandhla.
10Ngokuba uJehova u ni fikele ngomoya wobutongo obukulu, u wa valile amehlo enu; abaprofeti nababusi benu aba izanusi u ba sibekele.
11Nesiboniso sako konke se si kinina njengamazwi encwadi enamatelisiweyo, e nikwa kwabanokwazi ngabantu, be ti, funda loku, ngi ya kuncenga: a ti yena a ngi nako, ngokuba i namatelisiwe:
12Incwadi i nikwa yena ongenakwazi, be ti, funda loku, ngi ya kuncenga; a ti yena, a ngi fundile mina.
13Wa tike uJehova, ngokuba laba bantu ba sondela kimi ngemilomo yabo, be ngi konza na ngezindebe zabo, kodwa izinhliziyo zabo be zi qubekisile kude nami, nokungesaba ba ku fundiswa ngenkulumo yabantu.
14Ngako, bheka, ngi ya kusuka ngenze umsebenzi o isimangaliso kulababantu, umsebenzi o isimangaliso impela; ngokuba ukwazi kwabahlakanipileyo babo ku pele, nokuqonda kwabaqondayo ku fihlwe.
15Wo kubona aba linga kakulu ukutukusa izenzo zabo nga kuJehova, nemisebenzi yabo i sebumnyameni, aba ti, ubani o si bonayo, saziwa ubani na?
16Impela ukupendukezela kwenu izinto ku ya kuba njengebumba lombumbi; umsebenzi u ya kutyo ku yena owenzileyo, u ti a u ngenzanga na? into ebunjiweyo i ya kuti ku yena o i bumbileyo, i ti, a ka qondanga luto na?
17A ku iso isikatyana iLebanoni li pendulwe li be insimu evumileyo, nensimu evumileyo i be ihlati na?
18Ngalololusuku izitulu zi ya kuzwa amazwi encwadi, namehlo ezimpumpute a bone ekufipaleni na sebumnyameni.
19Nabatobekileyo bandise injabulo yabo kuJehova, nabampofu kubantu ba jabule ngo ingcwele ka Israeli.
20Ngokuba owesabekayo u se ize, no weisayo u bulewe, nabo bonke aba lindela ububi ba nqunyiwe.
21Aba menzela icala umuntu ngenxa yegama, ba m tiye yena o kuzayo ngasesangweni, ba pendule abalungileyo ngenxa yento e ize nje.
22Ngako u ti uJehova, o wa sindisa uAbrahama, ngenxa yendhlu ka Jakobe, uJakobe a ka sa i ku jaba manje, nobuso bake bu nga papateki.
23Kodwa lapo e bona abantwana bake, umsebenzi wezandhla zami, be ngapakati kwake, ba ya ku konza igama lami, ba konze o ingcwele ka Jakobe, besabe uTixo ka Israeli.
24Nabo a ba be duka ngenhliziyo, ba ya kuzwa ba qonde, na ba be sola be funde.