1WO kumqele wokuzidhla, na kuzo izidakwa za seEfraimi, ubuhle obukulu bazo bu imbali ebunayo, aba pezu kwekanda lezigodi ezikulupeleyo, zabo aba dakiweyo iwaini.
2Bheka, uJehova u naye omkulu, no namandhla, o ya ku wisa pansi ngesandhla sake oku njengesivunguvungu esibulalayo, nesileta amatye, noku njengamanzi amaningi eqa ezindongeni.
3Umqele wokuzidhla wezidakwa zakwa Efraimi, zi u nyatelwe ngapansi konyawo:
4Nobuhle obukazimulayo, obu pezu kwekanda lesigodi esikulupeleyo, bu ya kuba njengembali ebunayo, nanjengezitelo ezityetyayo ku nga ka fiki ihlobo: ku ti ozibonayo zi se sezandhleni zake a zidhle.
5Ngalololusuku uJehova wamabandhla u ya kuba umqele nodumo, nomqele wenkazimulo kuyo insali yabantu bake.
6Nomoya wokwahlulela kuye o hlezi ahlulela, namandhla kubo aba pendulela impi ngasesangweni.
7Kodwa bona futi bonile ngenxa yewaini, na ngokupuza oku namandhla ba dukile; umpristi nomprofeti bonile ngokupuza oku namandhla, ba gwinyiwe iwaini, be dukile ngokupuza oku namandhla; ba duka ekuboneni, ba kubeka ekwahluleni.
8Ngokuba zonke izitebe zi gcwele ubuhlanzo nobubi, a kuko ndawo engangcolile.
9U ya kufundisa ubani ukwazi na? a qondise ubani izifundo na? bona abalunyulweyo, be susiwe emabeleni.
10Ngokuba umteto ma u be ngomteto, umteto ngomteto, nomudwa u be ngomudwa, umudwa ngomudwa; lapa incozana, na lapo incozana;
11Ngokuba u ya kukuluma kulababantu ngezindebe ezimamatekayo, na ngolunye ulimi.
12A ti kubona, naku ukupumula eni ya kupumuza ngabo abakateleyo: na loku ku iko ukupumula; kodwa a ba lalelanga.
13Kodwa izwi lika Jehova la li kubona umteto ngomteto, umteto ngomteto: umudwa ngomudwa, umudwa ngomudwa; lapa ingcosana na lapo ingcosana; ukuze ba hambe, ba we ngemuva bapuke, ba bajwe, ba tatwe.
14Ngakoke yizwani izwi lika Jehova, nina beisi eni busa laba bantu aba seJerusalema.
15Ngokuba ni tyilo ukuti, si senzile isivumelwano nokufa, si vumelene futi netuna; ukuti lapo ku dhlula ukutyaya okukukulayo, ku nga fiki kitina; ngokuba senzile amanga a be isisekelo setu, si zitukusile ngapansi kwamanga:
16Ngako u ti uJehova uTixo, Bheka ngi ya beka eZioni isisekelo setye, itye eli lingiweyo, itye legumbi eli igugu, isisekelo esiqinileyo, yena okolwayo a ngenzi amawala.
17Ngi ya kumisa futi ukwahlulela kuyo intambo, nokulunga kulo iplumeti; namatye ezulu a muke nenqaba yamanga, namanzi a sibekele indawo yokuzitukusa.
18Nesivumelwano senu kanye nokufa sapulwe, nesivumelwano senu netuna si ngemi, nokutyaya okukukulayo lapo ku dhlulayo ku ni nyatele pansi.
19Lapo ku pumayo njalo ku ya kunitata, ngokuba kusasa nga kusasa, njalo ku ya kudhlula, emini na sebusuku; ku be inkatazo nokuzwa ngendaba yako.
20Ngokuba icansi li futyane ukuba umuntu a zelule kulona; nengubo i ncane ukuba umuntu a zembese ngayo.
21Ngokuba uJehova u ya kuvuka njenga sentabeni iPerazimu a tukutele njenga sesigodini eGibeoni, ukuba enze umsebenzi wake; a feze ukwenza kwake, ukwenza kwake okumangalekayo.
22Manjeke ni ngabi abeisi, funa izibopo zenu zi qiniswe: ngokuba ngi zwile ngoJehova uTixo wamabandhla ngencitakalo, e bekelwe umhlaba wonke.
23Nikani indhlebe, ni zwe izwi lami; yizwani, ni zwe inkulumo yami.
24Umlimi u ya lima lonke usuku e limela ukuhlwanyela na? u ya qekeza a dube izisinde zomhlabati wake na?
25Lapo e se lungisile ngapezulu, a ka wa hlwanyeli ini amafityizi a vumvuzele ikumini, a tyale ukolweni namabele endaweni yawo, nerayi emceleni na?
26Ngokuba uTixo wake u m azisa ingqondo, a m fundise.
27Ngokuba amafityizi ka bulwa ngensimbi, nesondo lengqukumbane ka li pendulwa pezu kwekumini; kodwa amafityizi a bulwa ngesibulo, nekumini ngenduku.
28Amabele esinkwa a ya bulwa: Kepa a ka na ku wa bula isikati eside a ngqengqe isondo lengqukumbane pezu kwawo, ba nga wa cezuli abamahashi bake.
29Lokuke ku puma kuJehova wamabandhla, o isimangaliso enkulumweni, nomkulu ekwenzeni.