1WEZWA amazwi amadodana ka Labani, e ti, uJakobe u tabatile konke okwa ku okuka baba: ngaloko okwa ku okuka baba wenzile yonke lemfuyo.
2uJakobe wa bona ubuso buka Labani, bheka, bu nga sa bheki kuye njengesikati esidhlulileyo.
3Wa ti uJehova kuJakobe, buyela ezweni la okoko bako, na sezihlotyeni zako; ngi ya kuba nawe.
4uJakobe wa tuma wa biza uRatyeli noLea, ukuba be ze endhle emhlambini wake.
5Wa ti kubo, Ngi ya bona ubuso buka yihlo, a sa bheki kimi njengesikati esidhlulileyo; kepa uTixo ka baba u nami.
6Ni yazi nani ngi m konzile uyihlo ngamandhla onke ami.
7Uyihlo u ngi kohlisile, u pendule umvuzo wami ka shumi; uTixo a ka m vumelanga a ngenzele okubi.
8Nxa e be tyo ukuti, Ezimagqabagqaba a zi be umvuzo wako; za zi ti zonke izinkomo za zala ezimagqabagqaba: nenxa a be tyo ukuti, ezimahunqu a zi be umvuzo wako; za zi ti zonke izinkomo zi zala ezimahungqu.
9Njalo uTixo o zi tabatile izinkomo zika yihlo wa ngi pa zona.
10Kwa ti ekumiteni kwezimvu, nga pakamisa amehlo ami, nga bona ekupupeni, bheka, izinqama zonke ezizayo ezimvini za zimahungqu nezimagqabagqaba nezimahwanqa.
11Sa ti kimi isitunywa sika Tixo ekupupeni, Jakobe: Nga ti, Ngi lapa.
12Sa ti, A ku pakamise amehlo ako, u bone, zonke izinqama ezizayo ezimvini zimahungqu, nezimagqabagqaba, nezimahwanqa: ngokuba ngi bonile loko konke a kwenzele kona uLabani.
13Ngi uTixo wa seBeteli, lapa wa gcoba kona insika, lapa wa funga isifungo kimi: a ku suke, u muke ku lelilizwe, u buyele ezweni la kini.
14Wa pendula uRatyeli noLea, ba ti kuye, Si se nesabelo ini, nefa endhlini ka baba na?
15A si bizwa uye ngokuti abafokazi na? ngokuba wa tengisa ngati, wa dhla imali yetu.
16Ngokuba imfuyo yonke uTixo a i susile ku baba i nge yetu, neyabantwana betu; kwenze konke a ku tyilo kuwe uTixo.
17Kona uJakobe wesuka wa kwelisa abantwana bake nomkake emakamelweni;
18Wa zi quba zonke izinkomo zake, nayo yonke imfuyo yake a be i fuyile, izinkomo zokuzuza kwake, a be zi fuyile ePadanaramu, ukuba a ye kuIsaka uyise, ezweni la seKanani.
19uLabani wa e yile ukugunda izimvu zake: uRatyeli wa yeba imifanekiso ka yise.
20uJakobe wa m kohlisa uLabani wa seSiria, ngokuba e nga m tyelanga ukuti u za kumuka.
21Wa muka nako konke a e nako; wesuka, wa wela umfula, wa qonda ngasentabeni ya seGiladi.
22Ngosuku lwesitatu uLabani wa tyelwa ukuti, uJakobe u mukile.
23Wa hamba nabafo wabo, wa m landela endhleleni izinsuku ezi isikombisa; wa m fumana entabeni ya seGiladi.
24Weza uTixo kuLabani wa seSiria ngepupo ebusuku, wa ti kuye, Qapela u nga kulumi kuJakobe okuhle nokubi.
25uLabani wa m fumana uJakobe. uJakobe wa e misile itente lake entabeni: uLabani nabafo wabo be misa entabeni ya seGiladi.
26Wa ti uLabani kuJakobe, Wenzeni na? u ngi kohlisile, u mukise amadodakazi ami njengabatunjwayo ngesinkemba.
27Wa balekelani ngasese na? wa ngi kohlisa; a ku ngi tyelanga, kona nga be ngi ku mukisile ngokwenama, na ngezihlabelelo, na ngogubu, na ngenkoka.
28A u vumanga ukuba ngange amadodana ami namadodakazi ami: wenze ubuula ngalowo msebenzi,
29Ku semandhleni esandhla sami ukuba ngi kwenzele okubi: kepa uTixo ka yihlo wa tyo kimi ebusuku izolo ukuti, Qapela u nga kulumi kuJakobe okuhle nokubi.
30Nxa u muka impela ngokuba u nxanela indhlu ka yihlo, po, wa bebelani otixo bami na?
31Wa pendula uJakobe, wa ti kuLabani, Ngokuba be ngesaba: ngokuba be ngi ti, funa u ngamuke amadodakazi ako.
32Lowo, o za kutola kuye otixo bako, a ka yi kusinda: ebusweni babafo wetu, bona okwako engi nako, u ku tabate: uJakobe wa e ngazi ukuti, uRatyeli wa e bebile.
33uLabani wa ngena etenteni lika Jakobe, na setenteni lika Lea, na setenteni lezincekukazi ezimbili; a ka ba tolanga. Wa puma etenteni lika Lea wa ngena etenteni lika Ratyeli.
34uRatyeli wa e tabatile imifanekiso, e i bekile empahleni yekamelo, wa e hlezi pezu kwayo. uLabani wa i funisisa etenteni lonke, a ka i tolanga.
35Wa ti kuyise, Ma i nga tukuteli inkosi yami uma ngi nga suki, ngi me ebusweni bako; ngokuba umkuba wesifazana u se kimi. Wa funisisa; kepa a ka i tolanga imifanekiso.
36uJakobe wa tukutela, wa xabana noLabani: uJakobe wa pendula wa ti kuLabani, Li pi icala lami na? si pi isono sami, ukuba u ngi landele u tukutele na?
37Loku u su funile ezintweni zonke zami, u fumene ntoni, yezinto zonke zendhlu yako na? i beke lapa ebusweni babafo wetu nabafo wenu, ba tete icala pakati kwetu sobabili.
38Leminyaka e amashumi amabili be ngi hlezi kuwe; izimvu zako nezimbuzi zako a zi punzanga; izinqama zomhlambi wako a ngi zi dhlanga.
39Ezipangiweyo nga ngi nga zi leti kuwe; nga ngi zi hlaula; wa zi biza esandhleni sami, noma zebiwe emini, noma zebiwe ebusuku.
40Nga ngi njalo; nga qedwa ilanga emini, nga qedwa iqwa ebusuku; kwa suka ubutongo emehlweni ami.
41Kwa ku njalo kimi iminyaka e amashumi amabili endhlini yako; iminyaka e ishumi nane nga sebenzela kuwe amadodakazi ako amabili, neminyaka e isitupa izinkomo zako: u pendule umvuzo wami ka shumi.
42Nxa e be nge nami uTixo ka baba, uTixo ka Abrahama, nokwesaba kuka Isaka, nga u be u su ngi mukisaze. uTixo u bonile ukuhlutywa kwami, nemisebenzi yezandhla zami, wa ku sola izolo ebusuku.
43uLabani wa pendula wa ti kuJakobe, Lawa madodakazi a ngamadodakazi ami, na laba bantwana ba ngabantwana bami, na lezizinkomo zi izinkomo zami, nako konke o ku bonayo ku ngokwami: kaloku ngi ya kuwenzelani lawa amadodakazi ami, nabantwana bawo, a ba ba zeleyo, na?
44A ke senze isivumelwano, mina nawe, si be ufakazi pakati kwami nawe.
45uJakobe wa tabata itye, wa li misa li be insika.
46Wa ti uJakobe kubafo wabo, Butani amatye; ba tabata amatye, ba yenza inqwaba: ba dhla kona enqwabeni.
47uLabani wa i qamba ngokuti iJegarsahaduta; kepa uJakobe wa i qamba ngokuti iGaledi.
48Wa ti uLabani, Kaloku lenqwaba i ngufakazi pakati kwami nawe. Ngako igama layo la tiwa iGaledi:
49NeMizpa; ngokuba wa ti, uJehova ma ka bheke pakati kwami nawe, uma se sahlukene.
50Nxa u hlupa amadodakazi ami, nxa u tabata abafazi welekele pezu kwamadodakazi ami, a ku ko muntu nati; bheka, uTixo u ufakazi pakati kwami nawe.
51Wa ti uLabani kuJakobe, Bheka lenqwaba, bheka lensika, engi i misileyo pakati kwami nawe;
52Lenqwaba ma i be ufakazi, na lensika ma i be ufakazi, ukuba ngi nga dhluli lenqwaba ngi ye kuwe, nokuba u nga dhluli lenqwaba na lensika, u ze kimi, ngobubi.
53uTixo ka Abrahama, uTixo ka Nahori, uTixo ka yise wabo, ka tete icala pakati kwetu. uJakobe wa funga ukwesaba kuka yise uIsaka.
54uJakobe wa hlaba izinkomo entabeni, wa biza abafo wabo ukuba ba dhle ukudhla; ba dhla ukudhla, ba hlala entabeni ubusuku.
55Wa vuka uLabani ekuseni, wanga amadodana ake namadodakazi ake, wa wa busisa: wesuka uLabani, wa buyela endaweni yake.