1UABRAHAMA wa e mdala, e neminyaka eminingi: uJehova wa e m busisile uAbrahama ngako konke.
2Wa ti uAbrahama encekwini yake enkulu yendhlu yake, e ya i ngumbusi wako konke a e nako, A ku beke isandhla sako pansi kwetanga lami:
3Ngi ya kukufungisa uJehova, uTixo wezulu, uTixo womhlaba, ukuba u nga i tabateli indodana yami umfazi kumadodakazi abaseKenani, engi hlezi pakati kwabo:
4Kodwa u ya kuya ezweni la kiti, nasezihlotyeni zami, u i tabatele indodana yami uIsaka umfazi.
5Ya ti inceku kuye, ingabe intombi i nge vume ukungilandela i ze ezweni leli: imbala ngi ya kuyiyisa indodana yako ezweni owa vela kulo, ini na?
6Wa ti uAbrahama kuyo, Qapela u nga yi yisa kona indodana yami.
7uJehova, uTixo wezulu, owa ngi tabata endhlini ka baba, na sezweni lokuzalwa kwami, owa kuluma, wa funga kimi, e ti, Inzalo yako ngi ya kuinika lelizwe; u ya kutuma isitunywa sake pambi kwako, wo tabatela indodana yami umfazi kona.
8Noma intombi i nga vumi ukukulandela, kona ku ya kuti u nga bi nacala ngalesisifungo sako: kepa u nga yi yisi kona indodana yami.
9Ya ti inceku ya beka isandhla sayo pansi kwetanga lika Abrahama inkosi yayo, ya funga kuye ngaleyonto.
10Inceku ya tabata amakamelo a ishumi emakamelweni enkosi yayo, yemuka; izinto zonke zenkosi yayo za zi sesandhleni sayo: yesuka, ya ya eMesopotami, emzini ka Nahori.
11Ya guqisa amakamelo ayo ngapandhle komuzi ngasemtonjeni wamanzi, matambama, ngesikati sokupuma kwabesifazana be ya kuka amanzi.
12Ya ti, Jehova, Tixo wenkosi yami uAbrahama, a ku ngi size namhla, u yenzele umusa inkosi yami uAbrahama.
13Bheka, ngi mi emtonjeni wamanzi; amantombazana abantu bomuzi a puma ukuka amanzi:
14Ma ku ti, intombazana engi za kutyo kuyo ukuti, A ke wetule isitya sako, ngi puze; i ti, Puza, ngi za kuwapuzisa nawo amakamelo ako: ma ku ti, i be iyo o i miseleyo inceku yako uIsaka: ngaloko ngi ya kwazi ukuti, u yenzele inkosi yami umusa.
15Kwa ti, i nga ka qedi ukukuluma, bheka, kwa puma uRebeka owa zalwa uBetuli, indodana ka Milka, umka Nahori, umfo wabo ka Abrahama, e twele isitya sake ehlombe lake.
16Intombazana ya inhle i bukeka, ya intombi, i ngaziwa indoda: yehlela emtonjeni, ya gcwalisa isitya sayo yenyuka.
17Inceku ya gijima ya ya ukuihlangabeza, ya ti, A ku ngi puzise incozana amanzi esityeni sako.
18Ya ti, Puza, nkosi yami: ya tyetya, yetula isitya sayo esandhleni sayo, ya i puzisa.
19Se i qedile ukuipuzisa, ya ti, Ngi za kuwakela nawo amakamelo ako, a ze a qede ukupuza.
20Ya tyetya, ya tululela isitya sayo emqengqeni, ya gijima, ya ya emtonjeni futi ukuka, yakelela amakamelo onke ake.
21Umuntu e i bhekisisa, wa tula, ukuba a bone uma uJehova u busisile ukuhamba kwake, ini na.
22Kwa ti, se e qedile ukupuza amakamelo, umuntu wa i tabatela iqele legolide, isilinganiso salo sa si inxenye yeshekeli, namasongo amabili ezandhla zayo, isilinganiso sawo sa si ngamashekeli egolide a ishumi;
23Wa ti, U yindodakazi ka bani na? A ku ngi tyele: i kona indawo endhlini ka yihlo ukuba si lale na?
24Ya ti kuye, Ngi indodakazi ka Betuli, indodana ka Milka, a m zalela yona uNahori.
25Ya ti kuye futi, Si notyani nefolishi eliningi, nayo indawo yokulala.
26Umuntu wa guqa, wa kotama pambi kuka Jehova.
27Wa ti, A ku bongwe uJehova, uTixo wenkosi yami uAbrahama, o nga yekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso: uJehova u ngi hole endhleleni wa ngi yisa endhlini yezihlobo zenkosi yami.
28Intombazana ya gijima, ya bika endhlini ka nina lezi zindaba.
29uRebeka wa e nomne wabo, igama lake la li nguLabani: uLabani wa gijima wa ya ngapandhle kumuntu, ngasemtonjeni.
30Kwa ti, se e bonile iqele namasongo ezandhleni zika dade wabo, e zwe amazwi ka Rebeka udade wabo, e ti, U tyo njalo umuntu kimi; wa ya kumuntu; bheka wa e mi emakamelweni ngasemtonjeni.
31Wa ti, Ngena, wena obusisiwe uJehova; u meleni ngapandhle na? ngi lungisile indhlu, nendawo yamakamelo.
32Umuntu wa ngena endhlini: wa kumula amakamelo ake, wa nika amakamelo utyani nefolishi, namanzi okugeza izinyawo zake, nezinyawo zabantu aba be naye.
33Kwa bekwa pambi kwake ukudhla ukuba a dhle kepa wa ti. A ngi yi kudhla, ngi nga ka biki indaba yami. Wa ti, Kuluma.
34Wa ti ngi inceku ka Abrahama.
35uJehova u i busisile kakulu inkosi yami; i kulile: u i nikile izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamelo, nezinjomane.
36uSara umka nkosi yami e semdala, wa i zalela inkosi yami indodana: i nikele kuyo konke e nako.
37Ya ngi fungisa inkosi yami, i ti, U nga tabateli indodana yami umfazi emadodakazini a seKanani, engi hlezi ezweni labo:
38U ya kuya endhlini ka baba, na sezihlotyeni zami, u i tabatele indodana yami umfazi.
39Nga ti enkosini yami, Ingabe intombazana i nge ngi landele.
40Ya ti kimi, uJehova, engi hamba ebusweni bake, u ya kutuma isitunywa sake nawe, a busise ukuhamba kwako; u ya kutabatela indodana yami umfazi ezihlotyeni zami, endhlini ka baba.
41Kona ku ya kuti, u nga bi nacala ekukufungiseni kwami, uma u fika ezihlotyeni zami; noma be nga ku niki, ku ya kuti, u nga bi nacala ekukufungiseni kwami.
42Ngeza emtonjeni namhla, nga ti. Jehova uTixo wenkosi yami uAbrahama, nxa u ngi busisa endhleleni engi hamba ngayo:
43Bheka, ngi mi emtonjeni wamanzi; ku ya kuti, uma intombazana i puma ukuka amanzi, ngi ti kuyo, A ku ngi puzise incozana amanzi esityeni sako,
44I ti kimi, puza wena, ngi za kuwakelela nawo amakamelo ako: ma ku be iyo intombazana, uJehova a i miseleyo indodana yenkosi yami.
45Kwa ti ngi nga ka qedi ukukuluma enhliziyweni yami, bheka, uRebeka wa puma e twele isitya sake ehlombe lake; wehlela emtonjeni waka amanzi: nga ti kuye, A ku ngi puzise.
46Wa tyetya, wetula isitya sake ehlombe, lake, wa ti, Puza; ngi ya kuwapuzisa nawo amakamelo ako: nga puza, wa puzisa nawo amakamelo.
47Nga m buza nga ti, U indodakazi ka bani na? Wa ti, indodakazi ka Betuli, indodana ka Nahori, a m zalela yona uMilka: nga faka iqele ebusweni bake, namasongo ezandhleni zake.
48Nga guqa, nga kotama pambi kuka Jehova, nga m bonga uJehova uTixo wenkosi yami uAbrahama, o be ngi kombisile indhlela elungileyo ukuba ngi tabate indodakazi yomfo wabo wenkosi yami, i be umka ndodana yayo.
49Kaloku uma ni tanda ukuyenzela inkosi yami umusa neqiniso ngi tyeleni; noma ku nge njalo ngi tyeleni; ukuba ngi penduke ngi ye ngakwesokunene na ngakwesokohlo.
50Kona uLabani noBetuli ba pendula ba ti, I vela kuJehova lento: si nge kulume kuwe okubi nokuhle.
51Bheka, uRebeka u sebusweni bako, m tabate, u hambe, u za kuba umka ndodana yenkosi yako, njengaloko a ku tyoyo uJehova.
52Ya ti ukuzwa amazwi abo, inceku ka Abrahama ya kotama pansi pambi kuka Jehova.
53Inceku ya veza izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo, ya zi nika uRebeka: ya ba pa umne wabo nonina izinto ezinhle.
54Ba dhla, ba puza, yona nabantu aba be nayo, ba hlala ubusuku; bonke ba vuka kusasa, ya ti, ngi mukiseni, ngi ye enkosini yami.
55Umne wabo nonina ba ti, A ke i hlale nati intombazana izinsuku, mhlaumbi zi be ishumi; emva kwaloko i ya kuhamba.
56Ya ti kubo, ni nga ngi libazisi, loku uJehova u busisile ukubamba kwami; ngi mukiseni ukuba ngi ye enkosini yami.
57Ba ti, si za kubiza intombazana, si buze emlonyeni wayo.
58Ba m biza uRebeka, ba ti kuye, U za kuhamba na lomuntu na? Wa ti, Ngi za kuhamba.
59Kona ba mukisa uRebeka udade wabo, nomzanyana wake, nenceku ka Abrahama nabantu bayo.
60Ba m busisa uRebeka, ba ti kuye, U udade wetu wena, ma u be aba izinkulungwane zamatye, inzalo yako a i dhle isango labaizondayo.
61Wesuka uRebeka namantombazana ake, ba kwela amakamelo ba m landela umuntu: Inceku ya m tabata uRebeka, yemuka.
62uIsaka wa e za ngendhlela ya semtonjeni wa seLahairoi: Ngokuba wa e hlala ezweni la seningizimu.
63uIsaka wa puma matambama wa ya ukuqonda ngasendhle; wa pakamisa amehlo ake, wa kangela, bheka, amakamelo e za.
64uRebeka wa pakamisa amehlo ake, wa m bona uIsaka, wehla ekamelweni.
65Wa ti encekwini, Ubani lomuntu o hamba endhle ukusihlangabeza na? Ya ti inceku, U inkosi yami: Wa tabata indwangu, wa zigubuzela.
66Inceku ya m tyela uIsaka konke e bi kwenzile.
67uIsaka wa m ngenisa endhlini ka Sara unina, wa tabata uRebeka, wa ba umkake; wa m tanda: uIsaka wa duduzeka emva kokufa kuka nina.