1USARA wa e neminyaka e ikulu namashumi amabili nesikombisa: leyo ya iminyaka yokuhamba kuka Sara.
2Wa fa uSara eKirjataba, okuti eHebroni ezweni la seKenani: weza uAbrahama ukumkalela uSara, nokumliiela.
3uAbrahama wesuka pambi kofileyo wake, wa kuluma namadodana ka Heti, e ti,
4Ngi ngumfokazi nomhambuma pakati kwenu: ngi peni indawo yokumbela pakati kwenu, ukuba ngi mbele ofileyo wami, a nga bi ko emehlweni ami.
5Amadodana ka Heti a m pendula uAbrahama, e ti kuye,
6Si zwe, nkosi yetu: u inkosi enkulu pakati kwetu: a u mbele ofileyo wako kwelihle kuwo onke amafipa etu; a ku ko muntu kiti o za kunqabela nefa lake, ukuba u nga mbeli ofileyo wako.
7uAbrahama wesuka, wa kotamela ebantwini bezwe, emadodeni ka Heti.
8Wa kuluma nabo, e ti, Uma ku intando yenu ukuba ngi mbele ofileyo wami a nga bi ko emehlweni ami; ngi zweni, ni ngi ncengele kuEfroni indodana ka Zohari,
9Ukuba a ngi pe umhume wa seMakepela, a nawo emkaulweni wezwe lake: u ya kungipa ngemali e lingene nawo, u be owami wokumbela pakati kwenu.
10uEfroni wa e hlezi pakati kwamadodana ka Heti: uEfroni umHeti wa m pendula uAbrahama ezindhlebeni zamadodana ka Heti, pambi kwabo bonke aba ngena esangweni lomuzi wake, e ti,
11Ai, nkosi yami, ngi zwe: lelolizwe ngi ku nika lona, nomhume o kulo, ngi ku nika wona; emehlweni amadodana abantu bami ngi ku nika kona: u mbele ofileyo wako.
12uAbrahama wa kotama ebusweni babantu bezwe.
13Wa kuluma kuEfroni ezindhlebeni zabantu bezwe, e ti, Kodwa a ku ngi zwe: ngi ya kukunika imali ngezwe; u i tabate kimi, ngi za kumbela kona ofileyo wami.
14uEfroni wa m pendula uAbrahama, e ti kuye,
15Nkosi yami, ngi zwe: izwe li lingene namashekeli esiliva a amakulu amane; ku ini loko pakati kwami nawe na? mbela ofileyo wako.
16uAbrahama wa lalela uEfroni; uAbrahama wa m linganisela uEfroni isiliva, a be li tyilo ezindhlebeni zamadodana ka Heti, amashekeli esiliva a amakulu amane, eli lingeneyo kubatengi.
17Kwa ti izwe lika Efroni, ela seMakepela, ngapambi kweMamre, izwe, nomhume owa u kulo, nemiti yonke e ya i sezweni, emikaulweni yonke, inxa zonke, kwa m qiniselwa.
18KuAbrahama ku be okwake, emehlweni amadodana ka Heti, pambi kwabo bonke aba ngena esangweni lomuzi wake.
19Ngasemva kwaloko uAbrahama wa mbela uSara umkake emhumeni wa sezweni la seMakepela pambi kweMamre, okuti, iHebroni ezweni la seKenani.
20La ti izwe, nomhume walo, kwa m qiniselwa uAbrahama iwo amadodana ka Heti, li be elake lokumbela.