1KWA ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti,
2Ndodana yomuntu, yenza inqandelo, u kulume isikulumo kuyo indhlu ya seIsraeli.
3U tyo, ukuti, Njalo, i tyo iNkosi uJehova; Inqe elikulu, elikulu emapikweni, elide ekombeni, eli gcwele izimpape, e li be namabala, le za eLebanoni, la waka amaqabu esedari.
4La pula isihloko samahlumela alo, la si yisa ezweni la seKanani, la si beka emzini yabatengi.
5La tabata imbeu yezwe, la yi tela emhlabatini wembeu; la yi yisa ngasemanzini amaningi, la yi beka i be umnyezane.
6Ya ti ya hluma, ya be ivini elenabayo elifupi, li misa amagatya alo nga ku lona, nezimpande zalo za zi pansi kwalo; la ti li be ivini, la veza amagatya, la pumisa amahlumela.
7La ba kona nenqe elinye elikulu, elikulu emapikweni, elivama nezimpape; bhekake, lelivini loma la guqulela kulo izimpande zalo, la pumisela kulo namagatya alo, ukuze li netise lona kuyo insimu yokutyalwa kwalo,
8La tyalwa emhlabatini ovundileyo ngasemanzini amaningi, ukuze li veze igatya, li hlanze ukudhla, li be ivini elihle.
9Yityo, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Li zo kula kahle na? a li yi ku domula izimpande zalo yini, li nqume isitelo si bune na? lo buna amaqabunga onke okumila kwalo, ku nge ngengalo enkulu, nabantu abaningi uku li fukula kuzo izimpande zalo.
10Bhekake se li tyaliwe, lo kula kahle na? uma umoya wa sempumalanga u tyaya pezu kwalo, a li yi ku buna ngokubuna na? li zo buna ensimini yokumila kwalo.
11Kwa ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti.
12Woza u tyo, kuyo indhlu epambeneyo, a nazi ukuba ku yini loku na? Yityo, ukuti, Bheka inkosi ya seBabulona se i zile eJerusalema, i tabatile inkosi yalo futi, nezikulu zalo, i zi zisile kulo eBabulona,
13I bambile o wenzalo yenkosi, yenzile uvumelwano naye, i m zisile pansi kwesifungo futi, i bambile nabanamandhla bezwe.
14Ukuze umbuso u be okotamekileyo, a nga zipakamisi; kepa a gcine uvumelwano lwayo, a me kulo.
15Kepa wa hlubuka kuyo ngoku tuma izitunywa zake Egipite, a piwe amahashi nabantu abaningi. Wo kutalelani? wo zikulula o kwenza loku na? wo lwapula uvumelwano yena, a kululwe na?
16Kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova, endaweni yenkosi e m enzile inkosi, o dela isifungo sayo, o lw apula novumelwano lwayo, wo fa kuyo pakati kweBabulona isibili!
17Futi uFaro a ka yi ku siza ngempi enkulu, na ngebandhla elikulu ngokuqonga udonga na ngokwaka inqaba ukunquma imipefumlo eminingi.
18Ngokuba u delile isifungo ngokwapula uvumelwano, lapo pela wa be u nikile isandhla sake, kepa wenzile loku konke, a ka yi ku zikulula.
19Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Kupila kwami, isifungo sami a si delileyo, novumelwano lwami a lwapulileyo, ngo lu pindisela ekanda kuye isibili!
20Ngo ti ngeneka ineta lami pezu kwake, wo badjwa esihibeni sami, ngi ya ku m yisa eBabulona mina, ngi ye ecaleni naye lapo, ngenkohliso yake, o wa kohlisa ngayo ngakimi.
21Ko ti ababalekayo bake bonke, kanye nezigaba zonke zake zi we ngenkemba, futi abaseleyo bonke bo hlakazwa emimoyeni yonke; ni ya ku ti nazi ukuba mina Jehova ngi kulumile.
22Njalo i tyo iNkosi uJehova; ngo tabata kuwo amaqabunga esedari elipakamileyo, ngi wa beke; ngo sapula isihloko samahlumela alo etambileyo, ngi li tyale entabeni ende epakamileyo:
23Entabeni e ukupakama kwa seIsraeli, ngo li tyala; li veze igatya li hlanze isitelo, li be isedari elinamandhla; ko ti pansi kwalo ko hlala izinyoni zonke zezinhlobo zonke; etunzini lamagatya alo zo hlala.
24Ku ya kuti yonke imiti yazi ukuba mina Jehova ngi ncipisile umuti opakamileyo, ngi kulisile umuti omfupi, ngi womisile umuti omanzi, ngenzile omileyo u hlanze; mina Jehova ngi kulumile ngi kwenzile.