1KWA ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti;
2Ku ngani ni kulume lesisikulumo ngezwe la seIsraeli sokuti. Obaba ba dhlile izinwazi ezimuncu, amazinyo abantwana a butyelezi?
3Kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova a ku sa yi ku ba kini futi ukukuluma lesisikulumo eIsraeli.
4Bheka imipefumlo yonke eyami yona; njengompefumlo wa oyise njalo nompefumlo wendodana, eyami yona: umpefumlo onayo wo fa wona.
5Kepa uma umuntu e lungile, enze ukwahlula nokulunga,
6E nga dhlanga ezintabeni, e nga pakamiselanga amehlo ake ezitombeni zendhlu ya seIsraeli, e nga ngcolisanga umkake o wakelene naye, e nga sondelanga kuso isifazana esiqakayo.
7E nga hlupanga umuntu, e buyisile isibambiso secala, e ngamukanga ngokwamuka, e nikile isinkwa sake kuye olambile, e mbatisile o hambaze ngengubo;
8E nga nikanga ngenzuzo, e nga tabatanga iseleko, e buyisile isandhla sake kubo ububi, enzile ukwahlula okufaneleyo pakati komuntu nomuntu;
9E yile ngokwemiteto yami, e gcinile izahlulo zami ukwenza okufaneleyo; u lungile yena, wo pila ngokupila, i tyo iNkosi uJehova.
10Kanti uma e zele indodana e ngumpangi, e palaza igazi, enza oku fana nokunye kwaloku,
11E ngenzi na loku konke okufaneleyo, kepake e dhlile ezintabeni, e ngcolisile umkake o wakelene naye,
12E hlupile ompofu nodingayo, e mukile ngokwamuka, e nga buyisanga isibambiso, e pakamisile amehlo ake kuzo izitombe, enzile ukunengeka,
13E nikile ngenzuzo, e tabatile iseleko; wo pila ngako na? a ka yi ku pila: wenzile ukunengeka konke loku; u ya kufa mpela; igazi lake li ya kuba pezu kwake.
14Bhekake uma e zele indodana, i ti i bone izono zonke zika yise a zenzileyo, uma i bone i ngenzi njengazo,
15I nga dhlanga ezintabeni, i nga pakamisanga amehlo ayo ezitombeni zendhlu ya seIsraeli, i nga ngcolisanga umkake o wakelene nayo,
16I nga hlupanga umuntu, i nga bopanga isibambiso, i ngamukanga ngokwamuka, i nikile isinkwa sayo kuye olambile, yambatisile yena ohambaze ngengubo,
17I buyisile isandhla sayo kuye ompofu, i nga tabatanga inzuzo neseleko, yenzile izahlulo zami, i hambile emitetweni yami; a i yi ku fa ngokupambeka kuka yise wayo, yo pila ngokupila.
18Uyise wayo ngokuba u hlupile ngokuhlupa, wamukile umhlobo ngokwamuka, wenzile loko o ku nga lungile pakati kwabantu bake, bhekake, wo fa ekupambekeni kwake.
19Kepa ni tyo, ukuti, ku ngani indodana a i twali ukupambeka a kuka yise na? Uma indodana yenzile ukwahlula nokulunga, i gcinile nemiteto yonke, i yenzile yona, yo pila ngokupila.
20Umpefumlo onayo, wo fa wona. Indodana a i yi ku twala ukupambeka kuka yise, noyise a ka yi ku twala ukupambeka kwendodana: ukulunga kolungileyo ko ba pezu kwake, nokubi komubi ko ba pezu kwake.
21Kepa omubi uma e buya ezonweni zonke zake a zenzileyo, e gcine imiteto yonke yami, enze ukwahlula nokulunga, wo pila ngokupila, a ka yi ku fa.
22Izipambeko zonke zake a zenzileyo a zi yi ku kunjulwa nga kuye; ekulungeni kwake a kwenzileyo wo pila.
23Ku ngukutanda yini ukuba ngi fise ukufa komubi na? i tyo iNkosi uJehova; ku nga bi ekubuyeni kwake ezindhleleni zake, a pile na?
24Kanti uma olungileyo e buya ekulungeni kwake, enze okubi, enze na njengokunengeka konke omubi a kwenzayo, wo pila na? Ukulunga konke a kwenzileyo a ku yi ku kunjulwa; ekukohliseni kwake a kohlisile ngako, nasekoneni kwake onile ngako, wo fa.
25Kepa ni ti, Indhlela yeNkosi a i lingani. Yizwanike Ndhlu ya seIsraeli; indhlela yami a i lingani na? e nga ti izindhlela zenu a zi lingani na?
26Ekubuyeni kolungileyo kuko ukulunga kwake enze okubi, a fe kuko; ebubini bake a benzileyo wo fa.
27Kanti ekubuyeni komubi ebubini bake a benzileyo, enze ukwahlula nokulunga, umpefumlo wake wo pila wona.
28Ngokuba wa bona, wa buya kuzo zonke izipambeko zake a zenzileyo, wo pila ngokupila, a ka yi ku fa.
29Kepa indhlu ya seIsraeli, i ti, Indhlela yeNkosi a i lingani. A zi lingani izindhlela zami Ndhlu ya seIsraeli na? e nga ti izindhlela zenu a zi lingani na?
30Ngako ngo nahlula nina Ndhlu ya seIsraeli yilomuntu njengezindhlela zake, i tyo iNkosi uJehova. Pendukani ni buye kuzo zonke izipambeko zenu i ukuze okubi ku nga bi ukubujiswa kwenu.
31Lahlani kini izipambeko zonke zenu e ni pambekile ngazo, ni zenzele inhliziyo entya, nomoya omutya: ngokuba no fa ngani, Ndhlu ya seIsraeli na?
32Ngokuba a ngi yi ku tokoza ekufeni kofayo, i tyo iNkosi uJehova: ngako buyani ni pile.