1UMORDEKAI e sazi konke okwenzekileyo wa dabula izingubo zake wambata indwangu yokulila, kanye nomlota, wa pumela pakati komuzi, wa kala ngokukala okukulu okunosizi.
2Wa ti weza napambi kwesango lenkosi; ngokuba namunye o nga ngena pakati kwesango lenkosi embete indwangu yokulila.
3Emazweni onke lapa izwi lenkosi nomteto wayo kwa fika kona, kwa ba kona ukulila okukulu, pakati kwabaJuda, nokuzila ukudhla, nokukala nokutyaya isifuba nabaningi ba lala pansi bembete indwangu yokulila nomlota.
4Izinduna zika Esetere nezincekukazi zake ze za za m tyela; konake inkosikazi ya dabuka kakulu; ya tumela kuMordekai ingubo ukumvatisa nokususa indwangu yokulila kuye, a ka yamkelanga.
5uEsetere wa biza uHatake kuzo izinduna zenkosi o wa miswa ukukonza kuye wa m yala ngoMordekai ukuba azi ku intoni? nokuba ku ngani na?
6uHatake wa pumela wa ya esitaladini somuzi esipambi kwesango lenkosi;
7uMordekai wa m tyela konke o be kumehlele nemali uHamani a e tembisile uku yitela esikwameni senkosi ngabaJuda ukuba ba bujiswe.
8Wa m nika futi incwadi yombalo womteto o wa vela eShushani ukubabubisa ukuba a yi bonise uEsetere nokumyala ukuze a ngene enkosini ukubatandazela nokucelela abantu ba kubo ebusweni bayo.
9uHatake weza, wa m tyela uEsetere amazwi aka Mordekai.
10uEsetere wa kuluma kuHatake wa yala ngoMordekai ngokuti.
11Izinceku zonke zenkosi nabantu bonke bamazwe enkosi ba yazi, ukuba o ngenayo enkosini endhlini pakati, noma o indoda, noma o ngumfazi, e nga bizwanga iyo u kona umteto wayo munye ukumbulala; kupela lowo inkosi e mpakamisela intonga yegolide ukuba a pile kantike mina a ngi bizwanga ukuba ngi ngene enkosini nga lezinsuku ezi mashumi matatu.
12Ba m tyela uMordekai amazwi aka Esetere.
13uMordekai wa ti pendulani kuEsetere ni ti u nga cabangi enhliziyweni yako ukuti u ya kusinda u sendhlini yenkosi ku nabaJuda bonke.
14Ngokuba uma u tula impela ngalesikati ku ya kuti ukukululwa nokusinda kwabaJuda ku vele kwenye indawo, kanti wena, nendhlu ka yihlo ni ya ku bujiswa, ubani owaziyo ukuba a u fikile embusweni ngenxa yesikati esinje na?
15uEsetere wa ba yala, ba pendule ba ti kuMordekai,
16Hambani ni ye ni bute abaJuda bonke aba nga funyanwa eShushani ndawonye ni zile, ni nga dhli, ni nga puzi, izinsuku ezintatu, imini, nobusuku nami nezincekukazi zami si ya kuzila futi; ngakoke ngi ya kungena enkosini oku nge ngomteto, uma ngi buba, ngi ya kububa.
17uMordekai wa hamba endhlini yake wenza njengako konke uEsetere a be m yale ngako.