1NGASEMVA kwa lawa mazwi inkosi uAhashurosi wa m kulisa uHamani indodana ka Hamedatha umAgagi ya m pakamisa ya misa isihlalo sake si be pezu kwezikulu zonke eza zi naye.
2Za ti izinceku zonke zenkosi e za zi sesangweni lenkosi za guqa pansi za m kotamela uHamani ngokuba inkosi i bi yalile kanjalo ngaye; kodwa uMordekai a ka guqanga a ka m kotamelanga.
3Izinceku zenkosi e za zi ngasesangweni lenkosi za ti kuMordekai weqelani umteto wenkosi na?
4Kwa ti, ngokutyo kwazo kuye imihla ngemihla nokungalaleli kwake kuzo za ze za bika kuHamani ukuba zi bone uma izwi lika Mordekai li ngema ngokuba wa e ba tyelile ukuti u ngumJuda.
5Lapo uHamani wa bona ukuba uMordekai a ka guqanga, ka zitobi kuye wa gcwala ulaka.
6Kwa deleleka emehlweni ake ukubeka isandhla kuMordekai yedwa; ngokuba ba se be m tyelile isizwe sa kubo ka Mordekai ngaloko uHamani wa funa ukubulala abaJuda bonke aba be sembusweni wonke ka Ahashurosi aba kubo ka Mordekai;
7Ngenyanga yokuqala uMisani ngonyaka weshumi nambili wenkosi uAhashurosi benza iPuri oku ukuti inkato ebusweni buka Hamani imihla ngemihla, izinyanga ngezinyanga kwa za kwa ba e yeshumi nambili e nguAdare.
8uHamani wa ti enkosini uAhashurosi si kona isizwe esitile, esihlakazekile, esixubene nabantu emazweni onke ombuso wako; imiteto yabo ya hlukene neyabantu bonke, bona aba yi londi imiteto yenkosi, ngako a ku fanele inkosi ukuba i ba yeke.
9Uma ku kuhle enkosini ma ku lotywe ukuba ba bujiswe mina ngi ya kukoka ezandhleni zabapati umsebenzi amatalenta a yizinkulungwane ezi ishumi esiliva ukuba ba wa lete esikwameni senkosi.
10Inkosi ya kumula indandato yayo esandhleni sayo ya i nika uHamani indodana ka Hamadatha umAgagi, isita sabaJuda.
11Inkosi ya ti kuHamani isiliva li e lako nabantu futi enza kubo njengokuba ku kuhle emehlweni ako.
12Konake ababali benkosi ba bizwa ngenyanga yokuqala, ngosuku lweshumi nantatu lwayo, kwa balwa njengako konke a ku yalayo uHamani kubo abenkosi aba busayo nakuzo izinduna eza zi pezu kwamazwe onke na kuzo izikulu zabantu bonke bamazwe njengokubalwa kwawo, nakubo abantu bonke njengolimi lwabo; egameni lika Ahashurosi kwa balwa kwa cindezelwa ngendandato yenkosi.
13Za ti izincwadi za tunywa ngesandhla sezigijimi emazweni enkosi onke ukucita, ukubulala, nokububisa, abaJuda bonke abatya kanye nabadala, abantwana nabafazi, ngosuku lunye, ngolweshumi nantatu lwenyanga yeshumi nambili e inyanga uAdare nokutata okupangwayo kwabo ku be impango yabo.
14O kwa tyiwo, okubaliweyo, kwa ku umteto wokunikwa amazwe onke a za kunikwa kubantu bonke ukuba ba lungele lolosuku.
15Izigijimi za puma, zi tyetyiswa izwi lenkosi; nomteto wa vela enqabeni eShushani. Inkosi noHamani ba hlala pansi ukupuza, kodwa umuzi iShushani wa dinga ukwenza njani.