1NGALESOSIKATI uJehova wa ti kimi, Baza amatye amabili njenga wa kuqala, u kupukele kimina entabeni, u zenzele umpongolo womuti.
2Ngi ya kuloba pezu kwamatye amazwi a e pezu kwamatye a kuqala o wa wapulayo; u wa beke empongolweni.
3Nga wenza umpongolo ngomuti womshita, nga wa baza amatye amabili, a njenga wa kuqala, nga kupukela entabeni, ngi pete amatye lawo amabili esandhleni sami.
4Wa loba pezu kwamatye, amazwi a njenga wa kuqala, izimemezelo ezi ishumi, e za kulunywa kinina uJehova entabeni ngapakati komlilo ngosuku lomhlangano; uJehova wa ngi nika wona.
5Nga penduka, ngehla entabeni nga beka amatye empongolweni e ngi wenzileyo; a kona lapo, njengo ku ngi yaleza kuka Jehova.
6Abantwana baka Israeli ba hamba besuka eBerote labantwana baka Jakani, ba fika eMosera; Wa fa lapo uAroni, wambelwa kona; uEleazari indodana yake wa ba umpristi esikundhleni sake.
7Be suka lapo ba ya eGudgoda; besuka eGudgoda ba fika e Jotbate, izwe lemifula yamanzi.
8Ngalesosikati uJehova wahlukanisa isizwe sakwa Levi, ukutwala umpongolo wesivumelwano sika Jehova, nokuma ngapambi kuka Jehova uku konza noku busisa egameni lake, ku ze ku be namhla nje.
9Ngako uLevi a ka nalo ifa kubafo wabo; ifa lake li uJehova, njengo kutyo kuka Jehova uTixo wako kuye.
10Nga hlala entabeni, njenga kuqala izinsuku ezi ngamashumi amane nobusuku obu ngamashumi amane; uJehova wa ngi zwa ngalesosikati, uJehova a ka ni bulalanga.
11Wa ti uJehova kimi, Suka, u hambe ngapambi kwabantu, ukuba ba ngene ba fuye izwe, e nga funga koyise babo ukuba ngi ba nike lona.
12Manje, O Israeli, uJehova uTixo wako u funani kuwe, ngapandhle kokuba u mesabe uJehova uTixo wako, nokuhamba ngazo zonke izindhlela zake, noku m tanda, noku m konza uJehova uTixo wako ngayo yonke inhliziya yako, na ngawo wonke umpefumulo yako.
13Ukuzigcina izimemezelo zika Jehova, nemiteto yake, e ngi ku yala ngayo namuhla ku be ukusiza kwako.
14Bheka izulu, nezulu lamazulu li nge lika Jehova uTixo wako, umhlaba futi, nako konke oku kuwo.
15Kodwa uJehova wa e be namele oyihlo benu uku ba tanda, wa keta inzalo yabo ngasemva kwabo, nina kubantu bonke, njenga namuhla.
16Sokanike ijwabu lenhliziyo yenu, ni nga be ni sa ba ntamo lukuni.
17Ngokuba uJehova uTixo wenu u nguTixo wezitixo, inkosi yamakosi uTixo omkulu, o namandhla nosabekayo, o nga ketiyo umuntu, no ngamkeliyo umvuzo.
18Wenza ukwahlula kongenayise, nomfelokazi, u tanda umhambi, ngokumnika ukudhla nezingubo.
19Tandanike o isihambi; ngokuba nani na be ni izihambi ezweni la sEgipite.
20U ya kumesaba uJehova uTixo wako; u m konze yena, u namatele kuye, u funge igama lake.
21Yena u ngukubusiswa kwako, uTixo wako, okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo, ezi bonwe ngamehlo enu.
22Oyihlo behlela Egipite abantu aba ngamashumi a isikombiza; manje uJehova uTixo wako, u kwenzile u be njengezinkanyezi zezulu ngobuningi.