1NGAKOKE u ya kumtanda uJehova, uTixo wako, u ku gcine a ku tyoyo, nezimiso zake nokwahlulela kwake, nomteto wake njalo njalo.
2Yazinike namuhla; ngokuba a ngi kulumi kubantwana benu, a ba ngaziyo, na ba nga ka ku boni ukululeka kuka Jehova uTixo wenu, ubukulu bake, isandhla sake esi namandhla, nengalo yake eyeluliweyo,
3Nemimangaliso yake, nezenzo zake, a zenzayo ngapakati kweEgipite kuFaro inkosi ya sEgipite, na kulo lonke izwe lake;
4Na kwenzayo empini ya sEgipite emahashini abo, na sezincweleni zabo; nokwenza kwake ukuba amanzi olwandhle olubomvu lu ba minze, ekulandeleni kwabo, nokuqedwa kwabo uJehova ku ze ku be namuhla;
5Nokwenza kwake kinina ehlane, na ze na fika ku lendawo,
6Na kwenzayo kuDatane, na kuAbiramu, amadodana ka Eliabi indodana ka Rubeni; ngokuvuleka komhlaba, noku minzwa kwabo, nendhlu yonke yabo, notente babo, nako konke o kwabo, ngapakati kwabaIsraeli bonke;
7Kodwa amehlo enu a zi bonile zonke izenzo ezikulu ezenziwe uJehova.
8Ngako ni ya kugcina wonke umteto e ngi ni yala ngawo namuhla, ni ze ni be namandhla, ni ngene ni fuye izwe, e ni ya kulo ukuba nake kona.
9Nokuba zande izinsuku zenu ezweni, ela fungelwe koyihlo benu uJehova uku li nika bona, nenzalo yabo, izwe eli vama ubisi nezinyosi.
10Ngokuba izwe eni ya kulo uku li fuya, a li njengalo izwe la sEgipite ena puma kulo, lapo be ni hlwanyela kona imbeu yenu, ni yi matisa ngezinyawo zenu, njengensimu yemifino.
11Kodwa izwe, e ni ya kulo, li izwe lezintaba, nezigodi, li puza amanzi ngemvula yezulu.
12Izwe eli nakekelwa, uJehova uTixo wenu; amehlo ka Jehova uTixo wako a kulo njalo, ku suka ekuqaleni komyaka ku ze ku gcine.
13Ku ya kuti, uma ni zi lalela kahle izimemezelo e ngi ni yala ngazo namuhla, uku tanda uJehova uTixo wenu, noku m konza ngayo yonke inhliziyo yenu, na ngawo wonke umpefumulo wenu,
14Ngi ya kuninika imvula yezwe lenu ngesikati sayo, imvula yokuqala nemvula yokugcina, u ze u vune ukudhla kwako newaini lako, namafuta ako.
15Ngi ya kupa izinkomo zenu utyani, ematafeni, ukuba u dhle wesute.
16Hlakanipani, izinhliziyo zenu zi nga kohliseki, ni cezuke ni konze ezinye izitixo, ni zi dumise;
17Nolaka luka Jehova lu vuke, a vale izulu, i nga bi ko imvula, nezwe li nga be li sa tela izitelo zalo; nokuba ni fe masinyane ezweni elihle eni nikwa lona uJehova uTixo wenu;
18Ngako ma ni wa gcine lawa mazwi ezinhliziyweni zenu, na semipefumlweni yenu, ni wa bope a be isibonakaliso esandhleni senu ukuba u be izidhlodhlo emkatini yamehlo enu.
19Ni wa fundise abantwana benu, ni wa kulume ezindhlini zenu, na lapo ni hambayo, lapo ni lalayo, na lapo ni vukayo.
20Ni wa lobe ezinsikeni zomyango wezindhlu zenu, nasemasangweni enu;
21Ukuba izinsuku zenu zande, nezinsuku zabantwana benu, ezweni ela fungelwa uJehova koyihlo benu ukuba nika lona, njengezinsuku zezulu emhlabeni.
22Uma ni londa kahle wonke umteto e ngi ni yala ngawo ukuwenza, ukumtanda uJehova uTixo wenu, nokuhamba ngazo zonke izindhlela zake, noku namatela kuye;
23Konake uJehova u ya kuzixotya zonke izizwe ngapambi kwenu, ni ya kufuya izizwe ezikulu nezi namandhla ku nani.
24Yonke indawo lapo ni nyatela kona i ya kuba yenu; ku suka ehlane naseLebanoni, nasemfuleni uUfrati, ku ze ku fike elwandhle lokugcina ku be umqamlo wenu.
25A ku yi kubako umuntu, o ya kuma ngapambi kwenu; ngokuba uJehova uTixo wenu u ya kwehlisela, ezweni lonke e ni ya kunyatela kulo ukwesaba, nevuso ngani, njengokutyo kwake kinina.
26Bheka, ngi beka namuhla ngapambi kwenu, isibusiso nesiqalekiso;
27Isibusiso, uma ni lalela izimemezelo zika Jehova uTixo wenu, e ngi ni yala ngazo namuhla.
28Nesiqalikiso, uma ni nga laleli izimemezelo zika Jehova uTixo wenu, ni pendukele kwezinye izindhlela, ku ne ngi ni yala ngazo namuhla, uku landela ezinye izitixo, e ni nga zaziyo.
29Ku ya ku ti lapo uJehova uTixo wenu e ni fikisile ezweni e ni ya kulo ukuba ni li fuye, ni ya kubeka isibusiso pezu kwentaba iGerizimi, nesiqalekiso pezu kwentaba iEbali.
30Aziko ngapesheya kweJordani, nga sentyonalanga, ezweni lamaKenani a hlala ezintabeni ngaseGilgali, ngasematafeni aseMore na?
31Ngokuba ni ya kuliwela iJordani ekungeneni kwenu ezweni lenu e ni nikwa lona uJehova uTixo wenu, ni ya kulifuya, ni hlale kulo.
32Ni qapele ngokuyenza yonke imiteto, nokwahlula e ngi ku beka ngapambi kwenu namuhla.