1KONA uPaule e bhekisisa umpakati, wa ti, Madoda; bazalwane, ngi hambile, ngi nenhliziyo elungileyo pambi kuka Tixo, ku ze ku be namhla.
2Wa ti umpristi omkulu, uAnania, wa ba tyela aba be mi kuye ukuba ba m tyaye umlomo.
3Kona uPaule wa ti kuye, uTixo wo ku tyaya wena, ludonga oluhuqiwe ngobumhlope; u hlalela ini ukuteta icala lami ngomteto, u ti, a ngi tyaywe, u nquma ngokupambene nomteto, na?
4Ba ti abemiyo kona, U ya tuka umpristi omkulu ka Tixo na?
5Wa ti uPaule, Be ngi ngazi, bazalwane, ukuba u umpristi omkulu: ku lotyiwe ukuti, U nga kulumi kabi ngombusi wabantu ba kini.
6uPaule se e bonile ukuba abanye ba ngabaSaduse, nabanye abaFarisi, wa memeza empakatini, wa ti, Madoda, bazalwane, ngi ngumFarisi, indodana yomFarisi; ngokwetemba nokuvuka kwabafileyo ngi mangalelwe.
7Se e tyilo loku, kwa vela ukupikisana kubaFarisi nabaSaduse; abantu ba hlukana.
8Ngokuba abaSaduse be ti, a ku ko ukuvuka kwabafileyo, a ku ko nengelosi, nomoya: kepa abaFarisi ba vuma kokubili.
9Kwa ba kona umsindo omkulu: ababili ba kubaFarisi besuka, ba pika, be ti, A si boni icala ku lomuntu: uma umoya u kulumile naye, nokuba ingelosi, ma si nga lwi noTixo.
10Se ku vukile ukupikisana okukulu, induna enkulu yesaba i ti, uPaule u za kudatyulwa ibo, ya tyela impi ukwenka, i m kipe pakati kwabo, i muke naye, i m yise enqabeni.
11Ngobusuku obulandelayo, iNkosi yema kuye, ya ti, Yima isibindi; njengaloku u qinisile ngami eJerusalema, ku njalo wo qinisa na seRoma.
12Kwa ti se ku sile, abaJuda benza icebo, ba zibopa ngokufunga, ba ti, a ba yi kudhla, a ba yi kupuza, be nga ka m bulali uPaule.
13Labo aba benzile lelocebo ba dhlula amashumi amane ngobuningi.
14Ba ya kubakonzi abakulu na kumalunga, ba ti, Si zibopile ngokufunga kokuti, a si yi kuzwa ukudhla si nga ka m bulali uPaule.
15Ngako nina; kanye nompakati ma ni tyele induna enkulu, ukuba i m ehlisele kini, kungati be ni za kubuzisisa futi ngaye; se si lungele tina ukumbulala, e nga ka sondeli.
16Kepa indodana ka dade wabo ka Paule yezwa ngokulinda kwabo, ya ya ya ngena enqabeni, ya bika kuPaule.
17Kona uPaule wa biza induna yekulu, wa ti, Yisa lensizwa enduneni enkulu; i nendaba yokubika kuyo.
18Ya i tabata, ya i yisa enduneni enkulu, ya ti, uPaule, isibotyiwa, wa ngi biza, wa ti, a ngi lete lensizwa kuwe, i nendaba yokukutyela.
19Kona induna enkulu ya i tabata ngesandhla, ya puma nayo be bodwa, ya buza ya ti, Indabani le, o za kungibikela yona na?
20Ya ti, abaJuda ba vumelene ukucela kuwe, ukuba u m ehlise uPaule ngomso, eze empakatini, kungati ba za kubuzisisa futi ngaye.
21Kepa ma u nga ba vumeli; ngokuba ba kona abantu ba kubo aba dhlula amashumi amane, aba m qamela, ba zibopile ngokufunga, ba ti a ba yi kudhla, a ba yi kupuza, be nga ka m bulali; kaloku se be lungele, ba bheka ukuvuma kwako.
22Kona induna enkulu ya i mukisa insizwa, ya i yala, i ti, U nga tyeli muntu ukuba u ngi bikele loku.
23Ya biza izinduna ezimbili zekulu, ya ti, Lungisani amabuto amakulu amabili, nabamahashi ba be mashumi a isikombisa, nabemikonto ba be makulu amabili, ba suke ba ye eKesaria ngehora lesitatu la sebusuku;
24Ni ba nike izilwane, ukuba ba m kwelise uPaule, ba m yise kahle kuFelise umbusi.
25Ya loba incwadi yokuti,
26uKlaudia Lisia u ya m bingelela uFelise, umbusi odumileyo.
27Lomuntu wa banjwa abaJuda, wa be za kubulawa ibo: nga fika nempi, nga m kulula ngi zwile ku tiwa u umRoma.
28Be ngi tanda ukuzwa icala aba m mangalela ngalo, nga m ehlisela empakatini wa kubo.
29Nga bona e mangalelwa ngemibuzo yomteto wa kubo, kepa e nge nacala la luto olufanele ukufa nokubotywa.
30Se ngi bikelwe icebo, eli za kwenziwa abaJuda ku lomuntu, nga tumela kuwe masinyane, ngi ba yalile abamcebayo, ba ye ba lande icala lake pambi kwako. Sala kahle.
31Kona amabuto, njengaloku a ku yalelweyo, a m tabata uPaule, a m yisa eAntipatri ebusuku.
32Ngangomso a shiya abamahashi, ba hambe naye, a buyela enqabeni wona.
33Labo se be fikile eKesaria, ba nika umbusi incwadi, ba m misa uPaule pambi kwake.
34Umbusi, se e fundile incwadi, wa buza, ukuba owa lipi izwe. E zwile ku tiwa u ngowa seKilikia;
35Wa ti, Ngi ya kuzwa indaba yako, lapo se be fikile abakucebayo. Wa yala ukuba a londwe esigodhlweni sika Herodi.