1MADODA, bazalwane, nobaba, yizwani, ukupendula kwami, engi pendula ngako kinina kaloku.
2Ba ti ukuzwa e shumayela kubo ngolimi lwamaHeberu, ba tula nokutula; wa ti yena,
3Ngi umuntu o ngumJuda; nga zalwa eTarsu la seKilikia, ngondhliwa ku lomuzi, ezinyaweni zika Gamalieli; nga fundiswa ngokomteto wa obaba kwa pelela; nga kutalela uTixo, njengani nonke namhla.
4Nga hlupa aba lendhlela ba za ba fa, nga bopa abesilisa nabesifazana, nga ba nikela etilongweni.
5Umpristi omkulu u ngufakazi wami, nalo lonke ibandhla lamalunga; ngamakela kubo izincwadi ezi lotyelwe abazalwane, nga ya eDamaseku, ukuba ngi ba yise eJerusalema be botyiwe labo aba be kona, ukuze ba hlutywe.
6Kwa ti, ngi sa hamba, ngi sondela eDamaseku, nga semini enkulu, kwa ngi zuma ukukanya okukulu kwa sezulwini, kwa ngi baneka.
7Nga wa pansi emhlabatini, ngezwa izwi li ti kimi, Sauli, Sauli, u ngi hlupelani na?
8Nga pendula, nga ti, Nkosi, u ngubani na? Ya ti kimi, Ngi nguJesu wa seNazareta, o m hlupayo.
9Nabo aba be nami ba bona ukukanya, besaba; kodwa a ba li zwanga izwi lokuluma nami.
10Nga ti, Nkosi, ngi ya kwenzani na? Ya ti iNkosi kimi, Suka u ye eDamaseku; lapo u ya kutyelwa konke, o ku miselweyo ukuba u kwenze.
11Kepa ngi nga sa boni ngenxa yokukazimula kwa lokokukanya, ngi holwa ngesandhla ilabo aba be nami, nga fika eDamaseku.
12Kwa ti uAnania, umuntu oqondileyo ngokomteto, e dunyiswa abaJuda bonke aba be hlezi kona,
13Weza kimi, wema, wa ti kimi, Sauli mzalwane buya u bone. Ngalesosikati nga m bheka.
14Wa ti yena, uTixo wa obaba betu u ku misile, ukuze wazi intando yake, u m bone olungileyo, u zwe izwi la semlonyeni wake.
15Ngokuba u ya kuba ufakazi wake kubantu bonke ngaloko okubonileyo nokuzwileyo.
16Kaloku u libalelani na? suka, u bapatizwe, u zi hlambulule izono zako, u kuleke egameni leNkosi.
17Kwa ti, se ngi buyele eJerusalema, ngi sa kuleka etempelini, ngehlelwa isiyezi;
18Nga i bona iNkosi i ti kimi, Tyetya u pume masinyane eJerusalema; ngokuba a ba yi kwamkela ukuqinisa kwako ngami.
19Nga ti, Nkosi, ba yazi ukuba be ngi bopa, ngi tyaya abakolwa uwe, emabandhleni onke.
20Futi, lapo ku citwa igazi lika Stefane ufakazi wako, be ngi mi kona nami, ngi vumela ukubulawa kwake, nga gcina izingubo zabambulalayo.
21Ya ti kimi, Hamba; ngokuba ngi za kukutuma, u ye kude ezizweni.
22Ba m lalela wa za wa tyo lelizwi; kona ba memeza ba ti, A ku suswe onje emhlabeni; ka fanele a pile.
23Be sa memeza, ba sakaza izingubo zabo, be tuquza utuli pezulu,
24Induna enkulu ya yala ukuba a ngeniswe enqabeni, ya ti ma ka buzwe ngokutyaywa ngezinduku; ukuze i zwe isici sokuba be memeza kangaka ngaye.
25Be sa m elula ngezintambo, uPaule wa ti enduneni yekulu e mi kona, Ku vunyelwe ini, ukuba ni tyaye umuntu o ngumRoma, e nga lahlwanga icala lake na?
26Induna yekulu i zwile loko, ya ya ya tyela induna enkulu, ya ti, U za kwenzani na? Lomuntu u ngumRoma.
27Yeza induna enkulu, ya ti kuye, Ngi tyele, u ngumRoma na? Wa ti; Yebo.
28Ya pendula induna enkulu, ya ti, Lobubupakati nga bu tenga ngemali eningi. Wa ti uPaule, Nga zalwa nabo mina.
29Lapo aba be za kumbuza besuka kuye: induna enkulu yesaba, yazi ukuba u umRoma, na ngokuba i bi m bopile.
30Ngangomso, i tanda ukuzwa iqiniso lokuba wa mangalelwa ngani abaJuda, ya m kumula izibopo, ya yala ukuba ku butane abapristi abakulu nompakati wonke; ya m ehlisa uPaule, ya m beka pambi kwabo.