1KWA ti kwa ba kona umuntu ka Beliali, igama lake li nguSheba, indodana ka Bikri umBenjamini, wa beta itilongo, wa ti, A si nandaba kuDavida a si nafa endodaneni ka Jese; yiyani nonke kotente benu O Israeli.
2Ngako onke amadoda a kwa Israeli a buya ekulandeleni uDavida, a landela uSheba indodana ka Bikri; kodwa a bakwa Juda ba namatela enkosini yabo, ku suke eJordani ku ze ku fike eJerusalema.
3uDavida wa bika endhlini yake eJerusalema; inkosi ya tata abesifazana aba ishumi izixebe zake a e zi shiyile ukulinda indhlu, wa zi kweza, wa zi pa ukudhla, kodwa a ka ngenanga kuzo, ngako za valelwa za ze za fa, zi pile ngobudikazi.
4Ya i si ti inkosi kuAmasa, ngi butele amadoda a kwaJuda ngezinsuku ezintatu, nawe u be kona.
5Ngako uAmasa wa hamba ukubuta amadoda a kwaJuda; kodwa wa hlala sa ze sa dhlula isikati a e si nqunyelwe.
6uDavida wa ti kuAbishai, Manje uSheba indodana ka Bikri u ya kusihlupa kakulu ku nokuhlupa kuka Absalomu. Tata izinceku zenkosi yako, u m landele, funa a ngene emzini o nezintango, a si punyuke.
7Kwa pumake amadoda a ka Joabi, namaKeriti, namaPeleti, nawo onke amadoda a namandhla; a puma eJerusalema, ukulandela uSheba indodana ka Bikri.
8Se be fikile etyeni elikulu eli seGibeoni uAmasa wa hlangabezana nabo, ingubo ka Joabi a e i fakile ya i semzimbeni wake, kwa ku kona ibande li nenkemba esikwameni sayo okalweni lwake; lapo e hamba ya wa inkemba.
9uJoabi wa ti kuAmasa, u pilile mfo wetu na? uJoabi wa bamba uAmasa ngesilevu ngesandhla sokuponsa ukumanga.
10Kodwa uAmasa a ka i nakanga inkemba e ya i sesandhleni sika Joabi, ngako wa m gwaza ngayo obanjeni lwesihlanu, wa cita izibilini zake emhlabatini, a ka sindanga wa fa. Ngako uJoabi, noAbishai umfo wabo ba landela uSheba indodana ka Bikri.
11Enye insizwa ka Joabi yema eduze naye, ya ti, O tanda uJoabi no ngoka Davida, Ma ka m landele uJoabi.
12uAmasa wa e se cwile egazini lake emgwaqweni omkulu. Lapo umuntu e bona ukuba bonke abantu ba yema kona, wa m susa uAmasa emgwaqweni wa m yisa endhle wa m boza ngendwangu, ngokuba bonke a ba be dhlula kuye ba bema.
13E se susiwe emgwaqweni, bonke abantu ba dhlula noJoabi uku landela uSheba indodana ka Bikri.
14Wa dabula kuzo zonke izizwe zakwa Israeli wa ze wa fika eAbela, naseBeth-maka, naseBerimu; aba kona ba butana ba m landela futi.
15Ba fika ba m vimbezela eAbela laseBeth-maka, wa misa udonga ngasemzini, lwema emseleni; bonke abantu a ba be noJoabi, bemba udonga uku lu wisa.
16Kwa kala owesifazana ohlakanipileyo emzini, Yizwani, yizwani; ngi ya ncenga yi tini kuJoabi, a sondele lapa ngi kulume naye.
17Kwa ti e se fikile eduze naye, wa ti owesifazana, u nguJoabi wena na? Wa pendula wa ti, ngi uye, wa e se ti owesifazana kuye, Yizwa amazwi encekukazi yako. Wa pendula uJoabi wa ti ngi yezwa.
18Wa kulumake wa ti, Abantu ba be vama ukutyo endulo be ti, Impela ba ya kucela eAbela; kona ba qeda.
19Mina ngi ngotulileyo nokolekayo kwaIsraeli, u funa ukucita umuzi omkulu kwaIsraeli; ini ukuba u gwinye ifa lika Jehova na?
20uJoabi wa pendula wa ti, Ma ku be kude, ma ku be kude kimi, ukuba ngi gwinye ngi cite.
21Indaba ka i njalo; kodwa indoda ya sentabeni ya seEfraimi, uSheba indodana ka Bikri igama lake, welulela isandhla sake enkosini, uDavida. Ngi nike yena kupela kona ngi ya kusuka emzini, wa ti owesifazana kuJoabi, Bheka, ikanda lake li ya kuponswa kuwe odongeni.
22Owesifazana wa ya kubantu bonke ngokuhlakanipa kwake; Ba m nquma ikanda uSheba indodana ka Bikri, ba li ponsa kuJoabi; uJoabi wa beta itilongo, ba buya emzini kwa ba i lowo 'muntu wa ya kutente wake. uJoabi wa buyela eJerusalema enkosini.
23Manje uJoabi wa e pezu kwayo yonke impi yakwaIsraeli, uBenaia indodana ka Jehoida wa e pezu kwamaKereti na pezu kwamaPeleti.
24uAdoramu wa e induna yemali; uJehoshafati indodana ka Ahiludi wa e ngumlobi.
25uSheva wa e ngumbali; uZadoki noAbiatari ba be ngabapristi.
26uIra umJairi wa e induna enkulu nga kuDavida.