1KWA tyelwa uJoabi ukuti Bheka, inkosi i ya kala i lilela uAbsalomu.
2Ukusindiswa lolo 'suku, kwa ba ukulila ku bantu bonke; ngokuba abantu bezwa ngalolo 'suku ku tiwa inkosi i dabukile ngendodana yayo.
3Abantu ngalolo 'suku ba ngena ngasese emzini, njengabantu aba nezinhloni be nyonyoba be balekela impi.
4Inkosi ya mboza ubuso bayo, inkosi ya kala ngezwi elikulu ya ti, O ndodana yami Absalomu, O Absalomu, ndodana yami, ndodana yami.
5uJoabi wa ngena endhlini enkosini, wa ti, u jabisile namuhla ubuso bezinceku zonke zako, ezi sindisile ukupila kwako namhla, nokupila kwamadodana ako, nokwamadodakazi ako, nokupila kwabafazi bako, nokupila kwezixebe zako.
6Ngokutanda izita zako, nokuzonda izihlobo zako. Ngokuba u tyilo namhla ukuti, A u wa kataleli amakosana, nezinceku; ngi ya bona namhla ukuti, uma uAbsalomu u be pilile tina sonke si file namuhla be ku za ku kujabulisa kakulu.
7Sukake u pume u kulume kahle ezincekwini zako. Ngokuba ngi funga uJehova, uma a u pumi, a ku yi kuhlala muntu nawe ngalobu 'busuku; loko ku ya kuba kubi kuwe ku nabo bonke ububi o ba ku fikelayo, u se insizwa ku ze ku be manje.
8Ya vukake inkosi, ya hlala nga sesangweni ba ba tyela bonke abantu, be ti, Bhekani, inkosi i hlezi emnyango. Abantu bonke ba butana ngapambi kwenkosi; ngokuba bonke abakwaIsraeli ba se be balekele kotente babo.
9Bonke abantu ba pikisana kuzo zonke izizwe za kwa Israeli, be ti, inkosi ya si sindisa esandhleni sezita zetu, ya si kipa esandhleni samaFilisti manje se i balekele ezweni ngenxa ka Absalomu.
10uAbsalomu e sa m gcobayo tina, u file empini. Manjeke ini ukuba ni nga kulumi izwi lokubuyisa inkosi na?
11Inkosi uDavida ya tumela kuZadoki na kuAbiata abapristi e ti, Kulumani ezikulwini za kwa Juda, ni ti, Ku ngani ukuba ni be abokugcina ekubuyiseleni inkosi yayo na? njengaloku inkulumo yabaIsraeli bonke i fikile enkosini, nasendhlini yayo.
12Nina ni ngabafo wetu, ni ngamatambo ami nenyama yami, ku nganike ukuba ni be abokugcina ekubuyiseni inkosi na?
13Ni ti kuAmasa, wena a u siye owetambo lami, nenyama yami na? uTixo enze njalo kimi, a dhlulise futi uma u nga yi kuba induna yempi ngapambi kwami njalo, endaweni ka Joabi.
14Wa tobisa izinhliziyo zabantu bonke ba kwa Juda, za ba njengenhliziyo yomuntu munye; ngako ba tumela enkosini, be ti, Buya wena nezinceku zako zonke.
15Ngako ya buya inkosi ya fika eJordani, uJuda wa fika eGiladi, ukuhlangabeza inkosi, nokupelekezela inkosi ekuweleni iJordani.
16uShimi indodana ka Gera, umBenjamini, wa seBahurimu wa tyetya wehla nabantu ba kwa Juda ukuhlangabeza inkosi uDavida.
17Kwa ku kona naye amadoda a inkulungwane akwaBenjamini, noZiba inceku yendhlu ka Sauli, namadodana ake a ishumi nesihlanu, nezinceku zake ezi ngamashumi amabili. Ba wela iJordani pambi kwenkosi.
18Kwa wela isikebe si twele a bendhlu yenkosi, nokwenza okufaneleyo kuye uShimi indodana ka Gera, wa wa pansi pambi kwenkosi, i si welile iJordani.
19Wa ti, enkosini, inkosi yami ma i nga beki icala kimi, u nga kumbuli loko okwenziwa inceku yako ngokweyisa ngosuku lokupuma kwenkosi yami, inkosi eJerusalema, inkosi i nga ku cabangi loko enhliziyweni yayo.
20Ngokuba inceku yako i yazi ukuba yonile, ngako, bheka, ngi fikile kuqala namuhla kuyo yonke indhlu ka Josefa ukwehla ukuhlangabeza inkosi yami inkosi.
21uAbishai indodana kaZeruia wa pendula wa ti, uShimi a za bulawa ngaloku, ngokuba wa tuka ogcotyiweyo ka Jehova?
22Wa ti uDavida, ngi za kwenzani kinina, madodana ka Zeruia, ukuba namuhla ni be nga pambene nami na? Ku ya kubulawa umuntu namuhla kubaIsraeli na? A ngazi ini mina ukuba ngi inkosi namuhla pezu kwabaIsraeli na?
23Ngako ya ti inkosi kuShimi, A u yi kufa wena, Ya funga inkosi kuye.
24uMefibosheti indodana ka Sauli wehla ukuhlangabeza inkosi e nga zange a lungise izinyawo zake, e nga si gundile nesilevu sake, e nga zi hlanzile nezingubo zake, se loku kwa ba usuku e ya muka ngalo inkosi, kwa ze kwa ba usuku lokubuya kwayo ngokutula.
25Kwa ti, e se fikile eJerusalema ukuhlangabeza inkosi, ya ti inkosi kuye, A u hambanga ngani wena nami Mefibosheti na?
26Wa pendula wa ti, nkosi yami, nkosi, inceku yami ya ngi kohlisa; ngokuba inceku yako ya ti, ngi ya ku zibopelela imbongolo, ukuba ngi kwele kuyo, ngi ye enkosini, ngokuba inceku yako i unyonga.
27U i hlebile inceku yako, enkosini yami, inkosi; kodwa inkosi yami inkosi, i fana nengelosi ka Tixo; kwenzeke okulungileyo emehlweni ako.
28Ngokuba yonke indhlu ka baba ya i njengabafileyo ngapambi kwenkosi yami inkosi; noko wa i beka inceku yako kubo abadhla etebuleni lako, ngi nomsebenzi muni ukuba ngi buye ngi kale futi enkosini na?
29Ya ti inkosi kuye, u sa kulumelani ngezindaba zako na? Se ngi tyilo ukuba wena noZiba yahlukaniselanani izwe.
30Wa ti uMefibosheti enkosini, Yebo, ma ka tate konke, njenga loku inkosi yami, inkosi i buyele ngokutula endhlini yayo.
31uBarzillai umGiladi wehla e puma eRogelimu, wa wela iJordani kanye nenkosi, uku yi welisa iJordani.
32uBarzillai wa e indoda endala kakulu, e neminyaka e ngamashumi a isishiyagalombili wa e kade e pa inkosi ukudhla i sa hlezi eMahanaimi, ngokuba wa e ngumuntu omkulu kakulu.
33Ya ti inkosi kuBarzillai, wela nami wena, ngi ya kukupakela kanye nami eJerusalema.
34Wa ti uBarzillai enkosini, ngi se nokupila okungakanani mina na? Ukuba ngi ze ngi ye nenkosi eJerusalema?
35Namuhla ngi neminyaka e ngamashumi a isishiyagalombili; ngi nokuqikela okuhle nokubi na? I nako inceku yako ukukuzwa e ku dhlayo, ne ku puzayo na? ngi nga be ngi sa li zwa futi izwi lamadoda a gwabayo, nelesifazana e si gwabayo na? Ku ngani ukuba inceku yako i be umntwalo enkosini yami inkosi na?
36Inceku yako i ya kuhamba incosana i wele iJordani kanye nenkosi; ku nganike ukuba inkosi i ngi pindisele ngento enhle kangaka na?
37Ngi ya kuleka, dedela inceku yako ukuba i buye, ukuba ngi fele emzini wakiti, ngi gqitywe eduze netuna lika baba, ne lika mame, kodwa bheka inceku yako uShimhamu, ma i hambe yona kanye nenkosi yami inkosi; a kwenze kuye, okuhle kuwe.
38Ya pendula inkosi ya ti, uShimbamu u ya kuwela nami, ngi ya kukwenza kuye okulungileyo kuwe, nokufunayo kimi ngi ya kukwenzela kona.
39Abantu bonke ba wela iJordani. Lapo inkosi se i welile, inkosi ya manga uBarzillai, ya m busisa, wa buyela endaweni yake.
40Ya dhlulake inkosi ya ya eGilgali, uShimhamu wa hamba nayo, nabantu bonke ba kwa Juda ba welisa inkosi, nenxenye yabantu ba kwa Israeli.
41Bheka, onke amadoda a kwa Israeli a fika enkosini, a ti kuyo inkosi, Ku ngani ukuba abafo wetu, amadoda a kwa Juda, a kwebile na? Ba i leta inkosi nendhlu yayo, namadoda onke a ka Davida kanye naye, nganeno kweJordani na?
42Onke amadoda a kwa Juda, a pendula amadoda a kwa Israeli, e ti, ngokuba inkosi i isihlobo impela kitina, ku nganike ukuba ni si tukutelele nga lento na? Si ke sa dhlani yenkosi na? I si pile isipo na?
43Amadoda a kwaIsraeli a pendula amadoda a kwaJuda, e ti, si nezinxenye ezi ishumi enkosini, uDavida u fanele tina kunani, ni seyiselani tina na? E yetu inkulumo i be i ngesiyo eyokuqala ukubuyisa inkosi yetu na? Amazwi amadoda a kwaJuda, a e lukuni ku namazwi amadoda a kwaIsraeli.