1KWA ti inkosi uHezekia e ku zwa loku; wa hxebula izingubo zake, wambata indwangu yamasaka, wa ngena endhlini ka Jehova.
2Wa tumela uEliakimu, o miselwa indhlu, noShebna umbali, nezikulu kubapristi, bambete indwangu yamasaka, ba ya kuIsaya umprofeti indodana ka Amozi.
3Ba ti kuye, U ti uHezekia, namhla ku ngusuku losizi, nosuku lobunzima, nosuku lokutukwa, ngokuba izingane se zi zile esizalweni, kodwa ka wako amandhla ukubeleta.
4Kungabe uJehova uTixo wako u ya kuzwa onke amazwi ka Rabsheka, yena o tunywa inkosi ya seAsiria, inkosi yake, ukutuka uTixo opilileyo; a m lahle ngamazwi a we zwileyo uJehova uTixo wako; a ku kulekele abaseleyo aba kona.
5Njalo izinceku zenkosi uHezekia ze za kuIsaya.
6uIsaya wa ti kuzo, Ni ya kukuluma enkosini yenu, ni ti, U ti uJehova, U ngesabiswa amazwi o we zwileyo ezi ngi tukile ngawo izinceku zenkosi.
7Bheka, ngi ya kutuma umoya kuyena, u ya kuzwa izwi, a buyele ezweni lake; ngi za kumwisa ngenkemba ezweni lake.
8Njalo uRabsheka wa buya wa yi fumana inkosi ya seAsiria i hlasela eLibna; ngokuba u be zwile ukuba i bi sukile eLakisha.
9E se zwile ngaye uTirhaka inkosi ya seEtiopia, ukuti, Bheka, u se pumile ukulwa nawe, wa buya wa tuma izigijimi kuHezekia, e ti,
10Ma ni tyo kuHezekia inkosi yabaJuda, ni ti, U nga kohliswa uTixo wako owetemba kuye, ngokuti, iJerusalema ka li yi kunikelwa esandhleni senkosi ya seAsiria.
11Bhekake, u su zwile loko a kwenzileyo amakosi a seAsiria emazweni onke, ukuba a wa qeda nya; po, wena u ya kusindiswa yini?
12Izitixo zezizwe aba zi citayo obaba betu, za zi sindisa na? ukuti iGozana, neHarana, neRezepa, naba seEdene, ba be kona eTelasa.
13I pi inkosi ya seHamati, nenkosi ya seArpade, nenkosi yomuzi wa seSefavami, iHena neIva?
14uHezekia wa yamkela lencwadi esandhleni sesigijimi, wa yi funda; uHezekia wenyuka wa ya endhlini ka Jehova, wa yeneka pambi kuka Jehova.
15uHezekia wa kuleka kuJehova wa ti, E Jehova Tixo ka Israeli, o hlezi pezu kwamakerubi, wena wedwa u ngu Tixo impela wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.
16Jehova, tobela indhlebe yako, u zwe; Jehova, bheka ngamehlo ako u bone; u zwe amazwi ka Senakeribe o m tumileyo ukutuka uTixo opilileyo.
17Iqiniso Jehova, amakosi a seAsiria a citile izizwe namazwe azo.
18Izitixo a zi ponsile emlilweni; ngokuba za zi nge sizo izitixo, kodwa zi ngumsebenzi wezandhla zabantu, umuti, namatye; ngako a zi qedile.
19E Jehova Tixo wetu, ngi ku nxusa, u si sindise esandhleni sake, njalo imibuso yonke yomhlaba i ya kwazi, ukuba wena u nguJehova uTixo, wena wedwa.
20uIsaya indodana ka Amozi wa tuma kuHezekia, wa ti, U ti uJehova uTixo ka Israeli, Loku o ku kulekile kimi ngaye uSenakeribe inkosi ya seAsiria, ngi ku zwile.
21Nanti izwi a li shumayelayo uJehova ngaye; Intombi indodakazi ya seZioni i ku delile, i ku hlekile usulu; indodakazi ya seJerusalema i nikina ikanda layo kuwe.
22Ubani o m tukileyo, ubani owa m qalekisa na? Ubani u pakamisile izwi lako na, wa bheka ngamehlo ako pezulu? Kuye yena o yingcwele ka Israeli.
23Ngazo izigijimi zako u yi tukile iNkosi, u tyilo, ukuti, Ngobuningi bezinqola zami ngenyukile ezintabeni ezipakamileyo ngapakati kweLebanoni; Ngi ya kugaula amasedari amade alo, namaberosha amahle alo, ngi ya kufika endaweni yokulala ekugcineni ahlatini lensimu yake.
24Ngi mbile, ngi puzile amanzi a sezizweni, na ngezinyawo zami ngi tyisile yonke imifula ya sEgipite.
25A ku zwanga yini kade ukuba nga kwenza loku na? na ngasendulo nga ku tyo? Kaloku ngenzile ukuze u cite imizi e biyiwe udonga i be amaqoqwana.
26Ngako abakileyo kuyo a ba namandhla a incozana, ba te kexe, ba danile; ba be njengemfino ya sendhle, na njengotyani obuluhlaza, na njengesikota opahleni lwezindhlu, na njengamabele etyazile e nga ka vutwa.
27Kodwa ngi ya kwazi ukuhlala kwako, nokupuma kwako, nokungena kwako, nobujaka bako kimi.
28Ngokuba ubujaka bako kimi nomsindo wako u zwakele ezindhlebeni zami, ngi ya kufaka udobo lwami emakaleni ako, netomu lami emlonyeni wako, ngi ze ngi ku buyise ngalendhlela oweza ngayo.
29Loku ku ya kuba isibonakaliso kuwe, Nga lomnyaka ku ya kudhliwa okumilayo ngokwako, na ngomnyaka wesibili okupumayo ngako; na ngomnyaka wesitatu tyalani, ni vune, tyalani isivini, ni dhle izitelo zaso.
30Ku ya kuti abasindileyo bendhlu ka Juda, abaseleyo ba ya kubuya bandele pansi, ba hlanze izinhlamvu pezulu.
31Ngokuba ku ya kupuma eJerusalema abaseleyo nabasindileyo nga sentabeni ya seZioni; amandhla ka Jehova wamabandhla a ya kwenza loko.
32Ngako u ti uJehova ngayo inkosi ya seAsiria, ukuti, Ka i yi ku ngena ku lomuzi, ka i yi kucibityela kona umcibityelo, ka i yi kuza pambi kwawo nesihlangu, ka i yi kwenza iduli ku wona.
33Ngendhlela e bi za ngaye, i za kubuya ngayo, ka i yi kungena kulomuzi, u tyo uJehova.
34Ngi ya kumboza lomuzi, ngi wu sindise, ngenxa yami, na ngenxa ka Davida inceku yami.
35Kwa ti nga lobubusuku ingelosi ka Jehova ya puma, ya bulala ekamu lamaAsiria abantu aba izinkulungwane ezi ikulu, namashumi a shiyagalombili nesihlanu; ekuvukeni kwabo kusasa bonke ba be izidumbu.
36Njalo uSenakeribe inkosi ya seAsiria wa muka, wa pinda wa ya, wa hlala eNineva.
37Kwa ti ekudumiseni kwake endhlini ka Nisroke isitixo sake, uAdrameleka noShareze amadodana ake a m gela ngenkemba, a baleka, a ya ezweni la seArate, uEsarhadona indodana yake wa busa esikundhleni sake.