1KWA ti ngomnyaka wesitatu ka Hoshea indodana ka Ela inkosi yabaIsraeli, uHezekia indodana ka Ahazi inkosi ya ba Juda wa qala ukubusa.
2Ekuqaleni kwake ukubusa, iminyaka yake ya i ngamashumi amabili nesihlanu; wa busa iminyaka ya i ngamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema. Igama lika nina la li nguAbi indodakazi ka Zakaria.
3Wenza okufaneleyo emehlweni ka Jehova; njengako konke a kwenzayo uyise uDavida.
4Wa zi susa izindawo ezipakamileyo, wa casa izitombe, wa gaula uAshera, wa kanda inyoka yetusi a be yenzile uMosi; ngokuba kwa za kwa fika izinsuku lezo abantwana baka Israeli ba be sa tyisa impepo pambi kwayo, wa yi biza ngokuti uNehushatane.
5Wa m etemba uJehova uTixo ka Israeli; njaloke ngasemva kwake kwa ye ku ngeko o njengaye kuwo onke amakosi abaJuda, na kuwo onke a nga pambili kwake.
6Wa namatela kuJehova, ka pambukanga ekumlandeleni kwake, kodwa wa gcina imiyalo yake, uJehova a m yalayo yona uMosi.
7uJehova wa e naye; njalo wa sizeka ezindaweni zonke a pumela kuzo; wa hlubuka enkosini ya seAsiria, ka be sa yi konza.
8Wa cita amaFilisti, kwa za kwa fika eGaza, nasemikaulweni yalo, kwa suka edokodweni labalindi, kwa za kwa semuzini o inqaba.
9Kwa ti ngomnyaka wesine wenkosi uHezekia, ukuti umnyaka wesikombisa ka Hoshea indodana ka Ela, inkosi yaba Israeli, uShalmanesa inkosi ya seAsiria wa hlasela eSamaria, wa li haqa.
10Ekupeleni kweminyaka emitatu ba li nqoba; ngomnyaka wesitupa ka Hezekia ukuti umnyaka wesishiyagalolunye ka Hoshea inkosi yabaIsraeli, iSamaria la nqotywa.
11Inkosi ya seAsiria ya mukisa abaIsraeli eAsiria, ya ba beka eHala, na seHabore, ngasemfuleni wa seGozana, na semizini yamaMidia;
12Ngokuba be nga lalelanga izwi lika Jehova uTixo wabo, kodwa ba sapula isivumelwano sake, nako konke a kuyalelayo uMosi inceku ka Jehova, ka ba vumanga ukulalela nokwenza loko.
13Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekia, uSenakeribe inkosi ya seAsiria wa hlasela emizini yonke e biyiwe udonga ya kwa Juda, wa yi nqoba.
14uHezekia inkosi yabaJuda wa tuma enkosini ya seAsiria eLakisha wa ti, ngonile kuwe; Buya kimi; loku o ya kungihlaulisa ngako, ngi ya kukuhlaula. Inkosi ya seAsiria ya m hlaulisa uHezekia inkosi yabaJuda ngamatalenta esiliva a ngamakulu amatatu, namatalenta egolide a ngamashumi amatatu.
15uHezekia wa m nika imali yonke eya funyaniswa endhlini ka Jehova, na kuyo imfuyo yendhlu yenkosi.
16Nga lesosikati uHezekia wa nquma izicaba zetempeli lika Jehova, nezinsika eza nanyatiselwa uHezekia inkosi yabaJuda, igolide lazo wa li nika inkosi ya seAsiria.
17Inkosi ya seAsiria ya tuma uTartana noRabsarise noRabsheka ba vela eLakisha ba ya enkosini kanye nempi enkulu ukuhlasela kuHezekia eJerusalema. Ba kupuka ba ya eJerusalema. Se be fikile, beza, bema ngasemseleni wecibi eli ngasenhla, nga sendhleleni embiweyo ya sezweni lomgezi.
18Se be yi bizile inkosi, kwa pumela kubo uEliakimu indodana ka Hilkia, yena o be linda indhlu; noShebna umlobi noJoa indodana ka Asafa umkumbuzi wezindaba.
19uRabsheka wa ti kubo, a ke ni kulume noHezekia; ni ti, I ti inkosi enkulu, inkosi ya seAsiria, Itemba lini otemba lona?
20Wena u ti, amazwi ako a ize kodwa, Ngi nalo icebo, ngi nawo amandhla ukulwa; kepa wetemba kubani loku u hlubuke kimi?
21Impela, bheka, u yetemba ku loludondolo lohlanga olucacekileyo, ukuti iEgipite, lona uma umuntu e simelela kulo, li ngene esandhleni sake, li m hlabe; u njaloke yena uFaro inkosi ya sEgipite kubo bonke abametembayo.
22Kodwa uma ni ti kimi, Si ya metemba uJehova uTixo wetu; a si uyena lowo, izindawo zake ezipakamileyo namalati ake a wa susile uHezekia wa ti kubaJuda na kwaba seJerusalema Ma ni dumise pambi kwa lelilati eJerusalema?
23A ku ze u lwe nenkosi yami, inkosi ya seAsiria, ngi ya kukunika amahashi a izinkulungwane ezimbili, uma u namandhla ngokwako ukubeka abakweli kuwo.
24Po, u ya kupendukisa kanjani ubuso benduna inye ezincekwini ezincane zenkosi yami, noko wetembe izinqola nabamahashi kulo iEgipite.
25Se ngi kupukele yini ngapandhle kuka Jehova, ku lendawo ukuyicita na? uJehova wa ti, kimi, Kupukela ku lelozwe, u li cite.
26Wa ti uEliakimu indodana ka Hilkia, noShebna, noJoa, kuye uRabsheka, a ke u kulume ezincekwini zako ngolwimi lwamaSiria, ngokuba si ya lu zwa, u nga kulumi nati ngolwimi lwabaJuda ezindhlebeni zabantu abasodongeni.
27Kodwa uRabsheka wa ti kubo, Inkosi yami i ngi tumile yini enkosini yako na kuwe ukuba ngi kulume lawamazwi? A i ngi tumanga yini ku lawamadoda a hleziyo odongeni, ukuba a dhle kanye nani amasimba awo, a puze umtyobingo wawo?
28Njaloke uRabsheka wema wa memeza ngezwi elikulu, ngolwimi lwabaJuda, wa kuluma wa ti, Yizwani izwi lenkosi enkulu, inkosi ya seAsiria;
29I ti inkosi ukuti, Ma ni nga kohliswa uHezekia; ngokuba a ka yi kuba namandhla ukunikipa esandhleni sayo;
30Futi ni nga vunyiswa uHezekia netembe kuJehova, e ti, Impela uJehova u ya kusisindisa nokusindisa, lomuzi ka u yi kunikelwa esandhleni senkosi ya seAsiria.
31Ni nga m laleli uHezekia; ngokuba i ti inkosi ya seAsiria, Ma nenze isivumelwano nami ngesipo, ni pumele kimi, ni dhle nina bantu nonke isivine senu, nomkiwane wenu, ni puze nina nonke amanzi omtombo wenu;
32Ngi ze ngi fike ngi ni yise ezweni eli njengalo izwe lakini, izwe eli namabele newaini, izwe eli nesinkwa nezivine, izwe eli namafuta emihlwati, nezinyosi, ukuba ni pile nina kahle, ni nga fi; ni nga m laleli uHezekia funa a ni kohlise, e ti, uJehova u ya kusisindisa.
33Izitixo ezinye zezizwe za zi kulula izwe lazo yini esandhleni senkosi ya seAsiria na?
34Zi pi zona izitixo za seHamati, neza seArpade na? Zi pi izitixo za seSefavami neHena nelva? Konje zi sindisile abantu ba seSamaria esandhleni sami na?
35Zi pi zona pakati kwezitixo zonke zezizwe, eza kipa izwe lazo esandhleni sami, ukuba uJehova a li kipe iJerusalema esandhleni sami?
36Kepa abantu ba tula nje, ka ba m pendulanga ngaluto; ngokuba inkosi i bi yalile ukuti, Ni nga m penduli.
37Njalo weza uEliakimu indodana ka Hilkia, o be miselwa indhlu, noShebna umbali, noJoa indodana ka Asafa umkumbuzi wezindaba, beza kuye uHezekia, izingubo zabo zi datyulwe, ba m landisa amazwi ka Rabsheka.