1UDAVIDA wa ya eNobi kuAhimeleki umpristi. uAhimeleki wa ya kumhlangabeza uDavida e novalo, wa ti kuye, U wedwa ngani, e nge ko umuntu nawe?
2uDavida wa ti kuAhimeleki umpristi, Inkosi i ngi yalile ngendaba, ya ti kimi, Ma ku ngazi muntu ngalendaba e ngi ku tuma ngayo, ne ngi ku yalile ngayo; izinsizwa ngi zi bonisile indawo etile.
3Ngakoke ku intoni pansi kwesandhla sako? ngi nike esandhleni sami izinkwa ezi isihlanu, nokunje okunye oku kona.
4Umpristi wa m pendula uDavida wa ti, A siko isinkwa nje sabantu pansi kwesandhla sami, kepa si kona isinkwa esingcwele; uma izinsizwa zi zigcinile esifazaneni kupela.
5uDavida wa pendula umpristi wa ti kuye, Ehe, abesifazana ba nqatyelwe ukuza kitina izolo na kutangi iloku nga pumayo; nezitya zezinsizwa zingcwele; lendhlela a i ngcwele, kepa i ngcweliswa ngesitya.
6Umpristi wa m nika isinkwa esingcwele; ngokuba sa si ngeko isinkwa kupela isinkwa sokubhekwa, e be si susiwe pambi kuka Jehova, ukuba si bekwe isinkwa esityisayo ngosuku esa suswa ngalo.
7Kwa ku kona ngalolosuku umuntu wezinceku zika Sauli, e bambekile pambi kuka Jehova, igama lake uDoegi wa kwa Edomi, isikulu sabalusi baka Sauli.
8uDavida wa ti kuAhimeleki, akuko lapa pansi kwesandhla sako umkonto noma inkemba? ngokuba a ngi fikanga nenkemba yami nezikali zami, ngokuba indaba yenkosi ya i pangiswa.
9Umpristi wa ti, Inkemba ka Golia umFilisti, owa m bulalayo esihlanjeni sa seEla, nansi si songiwe ngengubo ngasemva kweefodi; uma u yi tabata, i tabate, ngokuba a i ko enye lapa ngapandhle kwayo. uDavida wa ti, A i ko enye e njengayo; ngi nike yona.
10uDavida wesuka wa baleka ngalolosuku pambi kuka Sauli, wa ya kuAkishi inkosi ya seGati.
11Izinceku zika Akishi za ti kuye, Lo a siye uDavida inkosi yezwe? a ba vumanga ini ngaye be sina be ti, uSauli u bulele izinkulungwane zake, uDavida izinkulungwane ezi ishumi?
12uDavida wa beka lawamazwi enhliziyweni yake, wa m esaba uAkishi inkosi ya seGati.
13Wa pendula ukuqonda kwake emehlweni abantu; wa zenzisa uhlanya ezandhleni zabo, wa dweba ezivalweni zesango, wehlisela amate esilevini.
14uAkishi wa ti ezincekwini zake, Bhekani, ni ya bona ukuti lomuntu u uhlanya; ni m letelani kimi?
15Ngi swele izinhlanya ini, ukuba ni m lete lo ukuba a zenzise uhlanya kimi? lo u ya kungena endhlini yami?