1USAULI wa busa umnyaka wa ba munye; e se busile iminyaka emibili kwaIsraeli,
2uSauli wa ziketela abantu aba izinkulungwane ezintatu kwaIsraeli, izinkulungwane ezimbili za zi noSauli eMikmashi na sezintabeni za seBeteli; inkulungwane enye ya i noJonatani eGibea la kwa Benjamini; abanye abantu wa ba mukisa ba ya kotente babo.
3uJonatani wa hlula ikamu lamaFilistini ela li seGeba; kwaziwa amaFilisti. uSauli wa tyaya itilongo ezweni lonke, e ti, ma kezwe amaHeberu.
4AbaIsraeli bonke bezwa ku tiwa, uSauli wahlulile ikamu lamaFilisti, nokuti abaIsraeli ba ya nengeka kuwo amaFilisti. Abantu ba bizwa ukuba ba m landele uSauli ba ye eGilgali.
5AmaFilisti a butana ukuba a lwe nabaIsraeli; izinqola ezi izinkulungwane ezimashumi matatu, nabamahashi aba izinkulungwane ezi isitupa, nabantu aba njengesihlabati esi sogwini lolwandhle ngobuningi; benyuka, bemisa eMikmashi, ngasempumalanga kweBetaveni.
6Abantu ba kwa Israeli ba bona ukuti ba sengcingweni, (ngokuba abantu ba katazeka,) abantu ba catya emihumeni, na semahlatini, na sematyeni, na sezinqabeni, na semigodini.
7AmaHeberu a wela iJordani, a ya ezweni la kwa Gadi nela kwa Giladi; uSauli wa e seGilgali; abantu bonke ba m landela, be tutumela.
8Wa hlala izinsuku ezi isikombisa, isikati esimisiweyo uSamueli; kepa uSamueli a kezanga eGilgali; abantu ba hlakazeka kuye.
9uSauli wa ti, Letani kimi umnikelo wokutyiswa, neminikelo yokutula.
10Wa nikela umnikelo wokutyiswa. Kwa ti e se qedile ukunikela umnikelo wokutyiswa, bheka, uSamueli wa fika; uSauli wa puma ukuya kumhlangabeza, ukuba a m bingelele.
11uSamueli wa ti, Wenzani? uSauli wa ti, Nga bona ukuti abantu ba hlakazekile kimi, nokuti a u fikanga ngesikati esimisiweyo, nokuti amaFilisti a butene eMikmashi,
12Nga ti, Kaloku amaFilisti a ya kwehlela kimi eGilgali, ngi nga kuleka nga kuJehova, nga ziqinisa nga nikela umnikelo wokutyiswa.
13uSamueli wa ti kuSauli, Wenze kabi, loku a u gcinanga umyalo kaJehova, uTixo wako, a ku yala ngawo; ngokuba uJehova nga e se qinisile umbuso wako kwa Israeli njalonjalo.
14Kepa manje umbuso wako a u yi kuma. uJehova u zifunele umuntu o njengenhliziyo yake, uJehova u m misile yena a be inkosi yabantu bake, ngokuba a u gcinanga loku a ku yala ngako uJehova.
15uSamueli wesuka, wa kupuka eGilgali wa ya eGibea la kwaBenjamini. uSauli wa bala abantu aba be kona naye, ku nga ti abantu abamakulu a isitupa
16uSauli noJonatani indodana yake nabantu aba be kona nabo ba hlala eGibea la kwaBenjamini, kepa amaFilisti a misa eMikmashi.
17Abacitayo ba puma ekamu lamaFilisti ngezigaba ezitatu; esinye isigaba sa hamba ngendhlela e ya eOfra, ezweni la seShuali;
18Esinye sa hamba ngendhlela e ya eBetihoroni; esinye isigaba sa hamba nge ya ezweni eli bheka esihlanjeni sa seZebomi ngasehlane.
19Kepa kwa ku nge ko umkandi ezweni lonke la kwa Israeli; ngokuba amaFilisti a ti, Funa amaHeberu a zenzela izinkemba, nemikonto.
20Bonke abaIsraeli behla ba ya kuwo amaFilisti kwa ba ilowo wa e ya kulola impumlo nomese wegeja lake, nembazo yake, negeja lake,
21(Kwa ku butuntu imilomo, nemimese, nezimfoloko,) nokubaza izinti zokuhlaba.
22Kwa ti ngosuku lokulwa kwa ku nge ko inkemba nomkonto esandhleni somuntu owa e noSauli noJonatani, kodwa kwa ku kona kuSauli na kuJonatani indodana yake.
23Ba puma abekamu lamaFilisti ba ya esangweni la seMikmashi.