1KWA ti ngosuku olutile uJonatani indodana kaSauli wa ti kumfana o pete izikali zake, Wo za, a si wele si ye ekamu lamaFilisti, eli ngapesheya. Ka m tyela uyise.
2uSauli wa e hlezi ekugcineni kweGibea pansi komrimoni eMigroni, abantu aba be naye be nga ti amakulu a isitupa.
3uAhiya, indodana ka Ahitubi umfo wabo ka Ikabodi, indodana ka Finehasi, indodana ka Eli, umpristi ka Jehova eShilo, embete iefodi Abantu ba be ngazi ukuti, uJonatani wa e hambile.
4Pakati kwamazibuko, uJonatani a funa ukuwela ngawo ukuya ekamu lamaFilisti, kwa ku kona itye elibukali ngalapa, netye elibukali ngalapa, igama lelinye la li nguBozeze negama lelinye la li nguSene.
5Elinye itye la li insika ngasenyakato pambi kweMikmashi, elinye ngaseningizimu pambi kweGibea
6uJonatani wa ti kumfana o pete izikali zake, Wo za a si wele si ye ekamu la labo aba nga sokile; mhlaumbe uJehova u ya kusisebenzela, ngokuba a ku ko okumtiyayo uJehova ukuba a sindise ngabaningi noma ngaba incozana.
7O pete izikali zake wa ti kuye, Enza konke oku senhliziyweni yako, hambake; bheka, ngi nawe njengenhliziyo yako.
8uJonatani wa ti, Bheka, si ya kuwela, si ye kulabobantu, si zibonakalise kubo.
9Uma be ti kitina, Yimani lapo si ze si fike kini, kona si ya kuma endaweni yetu si nga nyukeli kubo.
10Kodwa uma be ti, Kupukelani kitina, si ya kukupuka, ngokuba uJehova u ba nikele esandhleni setu; loku ku ya kuba isiboniso kitina.
11Besuka bobabili ba zibonakalisa ekamu lamaFilisti; amaFilisti a ti, Nanga amaHeberu a puma emigodini a e catye kuyo.
12Abantu bekamu ba m pendula uJonatani nopete izikali zake, ba ti, Kupukelani kitina, si ya kunityela indaba. uJonatani wa ti kopete izikali zake, Kupuka emva kwami, ngokuba uJehova u ba nikele esandhleni sika Israeli.
13uJonatani wa kupuka ngezandhla na ngezinyawo, nopete izikali zake wa bulala emva kwake.
14Labo aba bulawa kuqala, a ba bulawa uJonatani nopete izikali zake, ba be ngabantu ku nga ti amashumi amabili, ibanga li nga ti inxenye yesoi lendima yesimu.
15Kwa ku kona ukututumela ekamu, endhle na kubantu bonke, ba tutumela aba sekamu nabapangayo, kwa zamazama umhlaba, kwa ba ukututumela oku vela kuTixo.
16Abalindi baka Sauli eGibea la kwaBenjamini ba bona, bheka, isixuku sa hlakazeka ngalapa na ngalapa.
17uSauli wa ti kubantu aba be naye, Balani, ni bone ukuba ubani omukileyo kitina. Ba bala, bheka uJonatani nopete izikali zake ba be nge ko.
18uSauli wa ti kuAhiya, Leta umpongolo ka Tixo; ngokuba umpongolo ka Tixo wa u kona ngalesosikati nabaka Israeli.
19Kwa ti, uSauli e sa kuluma kumpristi, umsindo owa u sekamu lamaFilisti wanda; uSauli wa ti kumpristi, Susa isandhla sako.
20uSauli nabantu bonke aba be naye ba butana ba ya ekulweni; bheka ba tyayana ngenkemba, kwa ku kona isipitipiti esikulu.
21AmaHeberu a be kona namaFilisti njengakuqala, a kupukela nawo ekamu, nawo a pendukela kuba Israeli, a ba be noSauli noJonatani.
22Nabantu bonke ba kwa Israeli aba be catyile entabeni ya kwaEfraimi bezwa ku tiwa, amaFilisti a balekile, ba wa xotya ekulweni.
23uJehova wa sindisa abakaIsraeli ngalolosuku. Ukulwa kwa dhlulela eBet-aveni.
24Abantu ba kwa Israeli ba hlupeka ngalolosuku. uSauli wa fungisa abantu, wa ti, Ma tukwe lowo o dhlayo ukudhla ku nga ka hlwi, ukuba ngi zipindisele eziteni zami. A kwa ba ko muntu owezwa ukudhla.
25Izwe lonke leza ehlatini; kwa ku kona izinyosi pansi.
26Abantu ba fika ehlatini, bheka, kwa vama izinyosi; kepa a kwa bi ko muntu owa beka isandhla emlonyeni, ngokuba abantu besaba isifungo.
27Kodwa uJonatani a kezwanga lapo uyise wa fungisa abantu, wa selula isihloko senduku a i peteyo, wa si faka ezinyosini, wa beka isandhla emlonyeni, amehlo ake a qabuka.
28Omunye kubantu wa kuluma wa ti, Uyihlo wa fungisa abantu, wa ti, Ma tukwe lowo odhlayo ukudhla namhla. Abantu ba pela mandhla.
29uJonatani wa ti, Ubaba u katazile izwe, bhekanike, amehlo ami a se qabukile, ngokuba ngezwa incozana yezinyosi.
30Kakulu uma abantu be be dhlile impango namhla yezita zabo aba i fumanayo! ngokuba manje nga e nga se bulewe kakulu amaFilisti na?
31Ba bulala amaFilisti ngalolosuku ku suka eMikmashi ku ze ku fike Ajaloni. Abantu ba pela 'mandhla kakulu.
32Abantu ba gijimela empangweni, ba tata izimvu, nezinkabi, namatole, ba zi hlaba emhlabatini; abantu ba zi dhla kanye negazi.
33Ba bika kuSauli, ba ti, Bheka, abantu ba yona kuJehova ngokuzidhla kanye negazi. Wa ti, Nonile; gingqelani kimi namhla itye elikulu.
34uSauli wa ti, Hlakazekelani ebantwini, ni ti kubo, A ku be ilowo a lete inkabi yake kimi na lowo imvu yake, ni zi hlabe lapa, ni dhle, ni ngoni kuJehova ngokudhla kanye negazi. Abantu bonke ba leta ngalobobusuku, kwa ba ilowo inkabi yake e sesandhleni sake, ba zi hlaba kona.
35uSauli wa makela uJehova ilati; leli la li ilati lokuqala a makela lona uJehova.
36uSauli wa ti, A sehle si wa landele amaFilisti ngobusuku, si wa pange ku ze ku se, si nga shiyi noyedwa kuwo. Ba ti, Enza konke okuhle emehlweni ako. Umpristi wa ti, A si sondele lapa kuTixo.
37uSauli wa buza kuTixo, wa ti, Ngehle ngi wa landele amaFilisti na? u ya kuwanikela esandhleni sika Israeli na? Ka m pendulanga ngalolosuku.
38uSauli wa ti, Sondelani lapa nina nonke zikulu zabantu, ni qonde, ni bone ukuba si p isono sa namhla.
39Ngokuba, Jehova opilayo, o sindisa uIsraeli, noma si kuJonatani indodana yami, u ya kufa nokufa. Kepa a kwa ba ko noyedwa ebantwini owa m pendulayo.
40Wa ti kubo bonke abaIsraeli, Buyelani nganhlanye nina, mina noJonatani si ya kubuyela nganhlanye. Abantu ba ti kuSauli, Enza okuhle emehlweni ako.
41uSauli wa ti kuJehova uTixo ka Israeli, Nika inkato e iqiniso. Kwa dhliwa uJonatani noSauli; abantu ba sinda.
42uSauli wa ti, Enzani inkato pakati kwami noJonatani indodana yami. Wa dhliwa uJonatani.
43uSauli wa ti kuJonatani, Ngi tyele o kwenzileyo. Wa ti uJonatani ngezwa incosana yezinyosi ngesihloko senduku e be ngi i pete, bheka, se ngi ya kufa.
44uSauli wa ti, uTixo a kenze njalo, nakakulu, u ya kufa impela, Jonatani.
45Kepa abantu ba ti kuSauli, U ya kufa uJonatani o kwenzile lokukusindisa okukulu kwa Israeli na? Amanga; Jehova opilayo, a ku yi kuwa pansi nolulodwa unwele lwekanda lake, ngokuba u sebenzile noTixo namhla. Kwa njalo abantu ba m kulula uJonatani, ka za fa.
46uSauli wenyuka wa buya ekulandeleni amaFilisti; amaFilisti a ya endaweni yawo.
47Kwa njalo uSauli wamkela umbuso pezu kweIsraeli, wa lwa nezita zonke zake inxa zonke, noMoabi, nabaka Amoni, noEdomi, namakosi a seZoba, namaFilisti, na sezindaweni zonke a bheka kuzo wa nqoba.
48Wa duma ngobuqawe, wa nqoba uAmeleki, wa kulula abaIsraeli esandhleni sabapangayo.
49Amedodana ka Sauli a e ngoJonatani, noIsui, noMelkishua; amagama amadodakazi ake amabili; igama lenkulu la li nguMerabi, igama lencane la li nguMikali.
50Igama lomka Sauli la li ngu Ahinoami, indodakazi ka Ahimazi; igama lenduna yempi yake la li nguAbneri, indodana ka Neri uyisekazi ka Sauli.
51uKishi uyise ka Sauli, noNeri uyise ka Abneri ba be ngamadodana ka Abieli.
52Kwa ku kona ukulwa okunzima namaFilisti izinsuku zonke zika Sauli; uSauli wa be e bona umuntu o namandhla no iqawe, a ba butele kuye.