1KU vama ukuzwakala ukuti, ku kona kini ubufebe, ilobubufebe, obu nga bi ko ezizweni, bokuti, umuntu a tabate umka yise.
2Kepa ni ya kukunyezwa, ni nga dabukanga, ukuba a kitywe pakati kwenu o wenza lomsebenzi.
3Ngokuba, noma ngi nge ko ngomzimba, ngi kona ngomoya, se ngi nqumile icala la lomuntu o wenza loko okunjalo, ngokungati ngi kona,
4Ngegama leNkosi yetu uJesu Kristu, ni butene nomoya wami, ngamandhla eNkosi yetu uJesu Kristu;
5Ukuba ni nikele onjalo kuSatani, ku bube okwenyama, ukuze umoya u sindiswe ngosuku lweNkosi yetu uJesu Kristu.
6A ku lungile ukuzibonga kwenu. A nazi ini ukuti imvubelo e incozana i bilisa inhlama yonke?
7Ngako kipani imvubelo endala, ni be inhlama entya, loku a ni namvubelo. Ngokuba uKristu, ipasika letu, sa m hlatyelwa.
8Njalo a si gcine umhlangano, si nga bi namvubelo endala, namvubelo yokuzonda neyokona, si be nesinkwa esi nge namvubelo sesiminya neqiniso.
9Nga ni lobela encwadini ukuba ni nga hlangani nezifebe;
10Kepa ngi nga tyo, ni nga hlangani nakanye nezifebe za lelizwe, nabafisayo, nabapangayo, naba bonga otixo; ngokuba kona nga ni puma ezweni.
11Kepa manje ngi ni lobele ukuba ni nga hlangani, uma umuntu o tiwa umzalwane e isifebe, noma e fisa, noma e bonga otixo, noma e tuka, noma e isidakwa, noma e panga; ni nga hlangani nomuntu onje, ni nga dhli naye.
12Ngokuba ngi nomsebenzi muni wokwahlulela aba ngapandhle? Nina a ni bahluleli aba ngapakati na?
13Aba ngapandhle uTixo u bahlulela. Ngako kipani kini lomuntu omubi.