1MA ku be ilowo a tyo ngati ukuti, si izikonzi zika Kristu, nababonisi bemfihlakalo ka Tixo.
2Kepa ku bhekiwe kubabonisi ukuba ilowo a funyanwe e kolekile.
3Kodwa kimina ku intwana ukuba ngahlulelwe inina, noma ngahlulelwa ngokwabantu; yebo a ngi zahluleli.
4Ngokuba a ngazi luto ngokwami; kepa a ngi tetelelwa ngaloku; o ngahlulelayo u iNkosi.
5Ngako ni ngahluleli nanto ku nga ka bi isikati, ku ze ku fike iNkosi, e ya kuveza obala okufihlakeleyo ebumnyameni, i bonakalise ukuzindhla kwezinhliziyo; kona ilowo u ya kubatyazwa uTixo.
6Loku, bazalwane, ngi ku guqulele kimina na kuApolo ngokulinganisa ngenxa yenu, ukuze ni funde kitina ukuba ni nga zindhli ni dhlule okulotyiweyo, ukuba ni nga kukunyezwa, ku be ilowo a tande omunye ku nomunye.
7Ngokuba u ketwa ubani na? u nantoni o nga yamkeliswanga na? uma u yamkeliswe, u zibongelani, ngokungati a u nga yamkeliswanga?
8Se ni suti, se ni cebile, ni busisa okwamakosi ngapandhle kwetu; se nga ti ni nga busa, si ze si buse kanye nani.
9Ngokuba ngi ti uTixo u si misile tina abapostoli abokugcina, ku nga ti si bekelwe ukufa; ngokuba senziwe okokubukwa izwe, nezingelosi, nabantu.
10Tina si iziula ngenxa kaKristu, kepa nina ni hlakanipile kuKristu; tina si butakataka, kepa nina ni namandhla; nina ni ngabadumileyo, kepa tina si ngabeiswayo.
11Ku ze ku be manje si lambile, somile, si hambaze, si mukulwa, si imihambima;
12Si kutele, si sebenza ngezandhla zetu; nxa si tukwa, si ya kulekela okuhle; nxa si hlutywa, si ya bekezela;
13Nxa si telwa ngenhlamba, si nxusa; senziwe ku nga ti si insila yezwe, umpucuzo wezinto zonke ku ze ku be manje.
14A ngi lobi loku ukunitela amahloni; ngi ya ni luleka njengabantwana bami abatandekayo.
15Ngokuba, noma ni nabafundisi aba izinkulungwane ezi ishumi kuKristu, oyihlo ka ba baningi; ngokuba ngaye uKristu Jesu nga ni zala ngevangeli.
16Ngakoke ngi ya ni ncenga, yibani abangilingisayo.
17Ngaloku ngi tumele kini uTimote, o indodana yami etandekayo, ekolekayo eNkosini, o ya kunikumbuza ukuhamba kwami oku kuKristu, njengokuba ngi fundisa ezindaweni zonke emabandhleni onke.
18Kepa abanye ba kukumele, ngokungati a ngi yi kuza kini.
19Kodwa ngi ya kuza kini masinyane, uma ku tanda iNkosi, a ngi yi kwazi ukukuluma kwabakukumeleyo, kepa amandhla abo.
20Ngokuba umbuso ka Tixo a u mi ngezwi, u mi ngamandhla.
21Ni tandani na? ukuba ngi ze kini ngi pete induku, nokuba ngi ze ngi notando nomoya omnene na?