1NGI lingiseni, njengokuba nami ngi m lingisa uKristu.
2Ngi ya ni bonga, bazalwane, ngokuba ni ngi kumbula ezintweni zonke, ni gcine imiyalo njengokuba nga ni nika yona.
3Kepa ngi tanda ukuba nazi ukuti, inhloko yendoda i nguKristu; inhloko yomfazi i indoda; inhloko ka Kristu i nguTixo.
4Indoda e suka i kuleka, i profeta, ikanda layo li mboziwe, i li tela amahloni ikanda layo.
5Kepa owesifazana o suka e kuleka, e profeta, ikanda lake li nga mboziwe, u li tela amahloni ikanda lake; ngokuba loko ku kunye nokuti u puculiwe.
6Uma owesifazana e nga mbozile, a ka gundwe; kodwa uma ku ngamahloni ukuba owesifazana a gundwe, nokuba a puculwe, a ka mbozwe.
7Ngokuba indoda nga i nga mbozi ikanda, loku i umfanekiso nobukosi buka Tixo; kepa umfazi u ubukosi bendoda.
8Ngokuba indoda i nga velanga kumfazi; umfazi wa vela endodeni;
9Indoda a i datyulelwanga umfazi; kodwa umfazi wa datyulelwa indoda.
10Nga loku umfazi nga e namandhla ekanda, ngenxa yezingelosi.
11Kepa indoda a i ngapandhle komfazi, nomfazi a ka ngapandhle kwendoda enKosini.
12Njengokuba umfazi e vela endodeni, njalo indoda i vela ngomfazi; kepa konke kwa vela kuTixo.
13Yityoni nina; kuhle ini ukuba owesifazana a kuleke kuTixo e nga mbozile na?
14A ni fundiswa ini iyo imvelo ukuti, uma indoda i nezinwele ezinde, ku ngamahloni kuyo?
15Kodwa uma umfazi e nezinwele ezinde, ku ubukosi kuye; ngokuba u piwe izinwele, zi be okokugubuzela.
16Kepa, uma umuntu e pika inkani, a si namkuba o njalo tina, namabandhla kaTixo a ka nawo.
17A ngi ni bongi ngaloku engi ni yala ngako, ukuti, a ni butaneli okuhle, ni butanela okubi.
18Ngokuba kuqala, nxa ni butanayo ebandhla, ngi zwa ku tiwa, ku kona ukwahlukana pakati kwenu; ngi ya kolwa iko nganxanye.
19Ngokuba nga ku be kona ukwahlukana pakati kwenu, ukuba ba bonakale abaqinisekileyo pakati kwenu.
20Njalo nxa ni butanayo ndawonye, a ni butani ukuba ni dhle ukudhla kweNkosi.
21Ngokuba ekudhleni ilowo u qala, a dhle ukudhla kwake, be nga ka qali abanye; omunye a lambe, omunye a dakwe.
22Ini, a ni nazindhlu zokuba ni dhle, ni puze kuzo na? Ni ya delela ini ibandhla lika Tixo, ni ba tele amahloni aba nge nanto na? Ngi ya kutini kini na? Ngi nga ni bonga na? A ngi bongi ngaloku.
23Ngokuba nga kwamkela eNkosini loko enga ni nika kona, kokuti, iNkosi uJesu, nga lobobusuku eya nikelwa ngabo, ya tabata isinkwa;
24Ya bonga, ya si hlepula, ya ti, Tabatani, ni dhle; loku ku umzimba wami, owa hlepulelwe nina; yenzani loku, ni ngi kumbule.
25Njalo wa tabata isitya, se be dhlile, wa ti, Lesisitya si isivumelwano esitya ngegazi lami; yenzani loku, ni ngi kumbule, nxa ni si puzayo.
26Ngokuba nxa ni dhla lesisinkwa, ni puza lesisitya, ni bonakalisa ukufa kweNkosi i ze i fike.
27Ngakoke lowo o za kudhla lesisinkwa, a puze lesisitya seNkosi, ngokungafanele, u necala lomzimba, negazi leNkosi.
28Kodwa umuntu a ka zihlolisise, njalo a ka dhle lesisinkwa, a puze lesisitya.
29Ngokuba odhlayo, a puze ngokungafanele, u zidhlela a zipuzele icala lokulahlwa, e nga u qondi umzimba weNkosi.
30Ngaloko abaningi pakati kwenu be butakataka, be gula, nabaningi ba lele.
31Ngokuba uma si ziqondisisa tina, nga si nga jeziswa.
32Kepa nxa si jeziswa si tyaywa iNkosi, ukuze si nga lahlwa kanye nezwe.
33Njalo, bazalwane bami, nxa ni butana ukuba ni dhle ukudhla, lindanani.
34Uma ku kona o lambile, a ka dhle ekaya; ukuze ni nga butani, ni be necala lokulahlwa. Kepa okunye ngo ku lungisa nxa ngi fikayo.