1A NGI tandi, bazalwane, ukuba ni ngazi ukuti, obaba betu bonke ba be pansi kwefu, bonke ba dabula ulwandhle;
2Bonke ba bapatizelwa kuMosi efwini na selwandhle:
3Bonke ba dhla ukudhla kunye komoya;
4Bonke ba puza ukupuza kunye komoya; (ngokuba ba puza etyeni lomoya ela ba landelayo itye lelo la li nguKristu.)
5Kepa abaningi kubo ba be nga tandeki kuTixo, loku be citwa ehlane.
6Lezizinto zenziwa iziboniso zetu, ukuba si nga nxaneli okubi njengabo.
7Futi ni nga bi ababongi bezitombe njengabanye kubo, njengokulotyiweyo ukuti, Abantu ba hlala ukudhla nokupuza, besuka ukudhlala.
8A si nga bi izifebe njengabanye kubo, ba fa ngosuku lunye aba izinkulungwane ezimashumi mabili nantatu.
9A si nga m lingi uKristu njengabanye kubo, ba bulawa izinyoka.
10Ni nga soli njengabanye kubo, ba bujiswa umbulali.
11Lezizinto zonke za behlela bona za ba iziboniso; zi lotyelwe ukuba si yalwe ngazo tina, e se si fikelwe ukugcina kwezwe.
12Ngako o suka e ti, u mi a ka bhekisise, a nga wi.
13A nehlelwa ukulingwa, oku njengokwabantu kupela; kepa uTixo u qinisile, o nga yi kuvuma ukuba ni lingwe ngokunga pezu kwamandhla enu, kodwa u ya kunenzela ituba lokupepa nxa ni lingwayo ni ze ni be namandhla okuma.
14Ngako, batandekayo bami, balekelani ukubonga izitombe
15Ngi ya kuluma njenga kwabahlakanipileyo qondanini engi ku tyoyo.
16Isitya sokubongwa, esi si bongayo, a siyo inhlanganyelo yegazi lika Kristu na? Isinkwa esi si hlepulayo, a siyo inhlanganyelo yomzimba ka Kristu na?
17Ngokuba tina baningi si isinkwa sinye, si umzimba munye; loku tina sonke si hlanganyela lesosinkwa sinye.
18Bhekani abaIsraeli ngokwenyama; abadhlayo iminikelo a ba hlanganyeli nelati na?
19Ngi tini na? Isitombe si into na? okuhlatyelwe izitombe ku into na?
20Kodwa loku aba ku hlabayo abezizwe, ba ku hlabela amademone, a ba ku hlabeli uTixo; kepa a ngi tandi ukuba ni hlanganyele namademone.
21Ni nge si puze isitya seNkosi kanye nesitya samademone; ni nge hlanganyele itebula leNkosi kanye netebula lamademone.
22iNkosi si i bangela umona na? Si namandhla ku nayo na?
23Ku vumeke konke, kepa a ku fanele konke; ku vumeke konke, kepa a kwake konke.
24A ka nga zifuneli okwake umuntu; kepa a ku be ilowo a m funele omunye.
25Konke oku tengwayo esilaheni, ku dhleni, ni nga buzi luto ngenxa yenhliziyo;
26Ngokuba okweNkosi umhlaba nako konke oku kuwo.
27Uma ni menywa umuntu kwabangakolwayo, ni tanda ukuya, ku dhleni eni ku bekelwayo ni nga buzi luto ngenxa yenhliziyo.
28Kepa uma umuntu e ti kini, Loku ku hlatyelwe izitombe, ni nga dhli ngenxa yake o ni bikelayo, na ngokwenhliziyo.
29A ngi tyo inhliziyo yako; ngi tyo eyomunye; ngokuba ukukululeka kwami kwahlulelwani inhliziyo yomuntu na?
30Uma ngamkela, ngi bonga, ngi tukelwani ngaloko, engi ku bongayo na?
31Ngako noma ni dhla, noma ni puza, noma nenzani, kwenzeni konke, ku bongwe uTixo.
32Ni nga bi nacala lokukubekisa, na kubaJuda, na kumaGreki, na sebandhleni lika Tixo.
33Njengokuba nami ngi ba tokozisa bonke ngako kone, ngi nga funi okuhle kwami, kodwa okwabaningi, ukuba ba sindiswe.