Isithembiso sokubuyiswa
1Izwi likaJehova-Sebawoti lafika lathi:
2Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ngihawukela iJerusalema ngokuhawukela okukhulu, yebo, ngilihawukela ngokufutheka okukhulu.
3Usho kanje uJehova, uthi: Ngiyakubuyela eSiyoni, ngihlale phakathi kweJerusalema; iJerusalema liyakuthiwa uMuzi weQiniso nentaba kaJehova-Sebawoti iNtaba eNgcwele.
4Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Kusezakuhlala amaxhegu nezalukazi ezitaladini zaseJerusalema, yilowo nalowo abe-nodondolo esandleni sakhe ngenxa yobuningi bezinsuku zakhe.
5Izitaladi zasemzini ziyakugcwala abafana namantombazana bedlala ezitaladini zawo.
6Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Uma kuyisimangaliso emehlweni ensali yalababantu ngalezozinsuku, kuyakuba-yisimangaliso emehlweni ami na? usho uJehova-Sebawoti.
7Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Bhekani, ngiyakusindisa abantu bami ezweni lasempumalanga nasezweni lasentshonalanga,
8ngibahambise, bakhe phakathi kweJerusalema, babe-ngabantu bami, mina ngibe-nguNkulunkulu wabo ngeqiniso nangokulunga.
9Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Maziqine izandla zenu nina enizwa kulezizinsuku lawamazwi avela emlonyeni wabaprofethi ababekhona mhla sibekwa isisekelo sendlu kaJehova-Sebawoti, ithempeli, ukuba yakhiwe.
10Ngokuba ngaphambi kwalezozinsuku kwakungekho-nkokhelo yomuntu nanzuzo yenkomo, nakophumayo nakongenayo kwakungekho ukuthula ngenxa yesitha, ngokuba ngakhulula bonke abantu, kwaba-yilowo nalowo wamelana nomfowabo.
11Kepha angisayikuba-njalo kuyo insali yalababantu njengasezinsukwini zakuqala, usho uJehova-Sebawoti.
12Ngokuba kuyakuba-khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalababantu idle ifa lazo zonke lezizinto.
13Kuyakuthi, njengalokho wawuyisiqalekiso phakathi kwabezizwe wena-ndlu yakwaJuda nawe-ndlu yakwaIsrayeli, kanjalo nginisindise, nibe-yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.
14Ngokuba usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Njengalokho ngahlosa ukwenza okubi kini, lapho oyihlo bebengithukuthelisa, usho uJehova-Sebawoti, ngingazisolanga,
15kanjalo ngibuyé ngahlosa kulezizinsuku ukwenzela iJerusalema nendlu yakwaJuda okuhle; ningesabi.
16Yilezizinto eniyakuzenza: khulumani iqiniso, kube-yilowo nalowo nomfowabo, nahlulele izahlulelo zeqiniso nezokuthula emasangweni enu,
17ningacebi okubi ezinhliziyweni zenu, kube-yilowo nalowo ngomakhelwane wakhe, ningathandi izifungo zamanga, ngokuba lezozinto yilezo engizizondayo, usho uJehova.
18Izwi likaJehova-Sebawoti lafika kimi, lathi:
19Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ukuzila kwenyanga yesine, nokuzila kweyesihlanu, nokuzila kweyesikhombisa, nokuzila kweyeshumi kuyakuba-ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle kuyo indlu yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.
20Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Kusezakufika izizwe nabakhé emizini eminingi,
21bahambe abakhileyo komunye, baye komunye, bathi: Masiye impela ukunxusa ebusweni bukaJehova, simfune uJehova-Sebawoti; nami ngiyakuhamba.
22Kuyakufika abantu abaningi nezizwe ezinamandla ukufuna uJehova-Sebawoti eJerusalema nokunxusa ebusweni bukaJehova.
23Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ngalezozinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.