Ukuzila okuyikho
1Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya ngolwesine lwenyanga eyisishiyagalolunye, ekaKhisilevi.
2IBethele lalithumé oSareseri noRegemi-Meleki namadoda abo ukunxusa kuJehova
3nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova-Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: Ngikhale ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengalokho ngenzile leminyaka eminingi, na?
4Lase lifika izwi likaJehova-Sebawoti kimi, lathi:
5Khuluma kubo bonke abantu bezwe nakubo abapristi, uthi: Ekuzileni kwenu nasekulileni ngenyanga yesihlanu nangeyesikhombisa leminyaka engamashumi ayisikhombisa nangizilela nokungizilela mina na?
6Lapho nidlayo nalapho niphuzayo, anizidleli, niziphuzela nina, na?
7Akusiwo lawamazwi uJehova awamemezayo ngesandla sabaprofethi bokuqala, lapho iJerusalema lalakhiwe lisabusa, nalapho imizi yalo nxazonke zalo nelaseningizimu nehlanze kwakwakhiwe, na?
8Izwi likaJehova lafika kuZakariya, lathi:
9Washo kanje uJehova-Sebawoti, wathi: Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube-yilowo nalowo kumfowabo,
10ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi-ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.
11Kepha bala ukulalela, baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba-buthuntu ukuba bangezwa.
12Benza izinhliziyo zabo zaba-yidayimani*, funa bezwe umthetho namazwi ayewathumé uJehova-Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova-Sebawoti.
13Kwathi njengalokho wamemeza, bona bengezwanga, kanjalo, usho uJehova-Sebawoti, bayakumemeza bona, ngingezwa mina.
14Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga. Izwe selichithekile emva kwabo, ukuze kungabikho-muntu odlulayo nobuyayo, ngokuba benza izwe elihle laba-yincithakalo.