Isifebe esikhulu esiyiBabiloni
1Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: Woza lapha, ngikutshengise ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi,
2afeba naso amakhosi omhlaba, nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.
3Yayisingiyisa ehlane ngikuMoya. Ngabona owesifazane ekhwele isilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.
4Nowesifazane wayembethe okububende nokubomvu, evunulé ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele*, ephethe isitsha segolide ngesandla sakhe, sigcwele amanyala nokungcolileyo kobufebe bakhe,
5nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi: ibabiloni elikhulu, unina wezifebe nowamanyala omhlaba.
6Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthé lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu.
Ingelosi iyawuchasisela umbono wesifebe nowesilo
7Yayisithi kimi ingelosi: Umangalelani na? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane neyesilo esimthweleyo, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.
8Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba-khona.
9Nansi ingqondo enokuhlakanipha. Amakhanda ayisikhombisa ayizintaba eziyisikhombisa, lapho owesifazane ehlezi phezu kwazo. Futhi zingamakhosi ayisikhombisa;
10ayisihlanu asewile, enye ikhona, enye ayikafiki; nanxa isifikile, kumelwe ukuba ihlale isikhashana.
11Nesilo esasikhona, kepha esingasekho, singesesishiyagalombili, sikuwo ayisikhombisa, siya ekubhujisweni.
12Izimpondo eziyishumi owazibonayo zingamakhosi ayishumi angakamukeli umbuso, kepha amukeliswa amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.
13Lawo anomqondo munye, anika isilo amandla nokubusa kwawo.
14Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.
15Yayisithi kimi: Amanzi owabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi.
16Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe-yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;
17ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze umqondo wakhe, ziwenze umqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.
18Owesifazane owambonayo ungumuzi omkhulu onombuso phezu kwamakhosi omhlaba.