Ukuthululwa kwezitsha zezingelosi eziyisikhombisa
1Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.
2Eyokuqala yaya-ke, yathululela isitsha sayo emhlabeni; kwase kuvela isilonda esibi esinobuhlungu kubantu abanophawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso.
3Neyesibili yathululela isitsha sayo elwandle; lwase luba-yigazi elinjengelofileyo, nakho konke okuzwayo okuphila elwandle kwafa.
4Neyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuba-yigazi.
5Ngezwa ingelosi yamanzi ithi: Ulungile wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba wakunquma lokho,
6ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.
7Ngase ngizwa ialtare lithi: Yebo, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, ziqinisile, zilungile izahlulelo zakho.
8Eyesine yayisithululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo.
9Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezizinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.
10Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso waso wenziwa-mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,
11futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo.
12Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu uEwufrathe; kwase kusha amanzi awo, ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga.
13Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako*, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa;
14ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
15Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi-ngohamba-ze, baze balibone ihlazo lakhe.
16Wayesebahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni.
17Eyesikhombisa yayisithululela isitsha sayo emoyeni; kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi, lithi: Sekwenzekile.
18Kwase kuba-khona imibani, namazwi, nokuduma, kwaba-khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube-khona okunjalo, selokhu kwabakhona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka.
19Umuzi omkhulu waba-yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.
20Iziqhingi zonke zabaleka, nezintaba azifunyaniswanga.
21Isichotho esikhulu esisinda njengetalenta* sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu; abantu bamhlambalaza uNkulunkulu ngenxa yohlupho lwesichotho, ngokuba uhlupho lwaso lulukhulu kakhulu.