Usuku olukhulu lokubuyisana
1UJehova wakhuluma kuMose emva kokufa kwamadodana ka-Aroni ekusondeleni kwawo phambi kukaJehova, afa.
2UJehova wathi kuMose: Khuluma kuAroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.
3UAroni kangene endaweni engcwele nalokhu: iduna, libe-ngumnikelo wesono, nenqama, ibe-ngumnikelo wokushiswa,
4embathe ibhantshi elingcwele lelineni, abe-nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande* lelineni, afake isigqoko selineni; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe.
5Wothabatha enhlanganweni yabantwana bakwaIsrayeli izimpongo ezimbili zibe-ngumnikelo wesono, nenqama ibe-ngumnikelo wokushiswa.
6UAroni kanikele ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe, azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana.
7Wothabatha izimpongo zombili, azibeke phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.
8UAroni uyakwenza inkatho ngezimpongo zombili, enye inkatho ibe-ngekaJehova, enye inkatho ibe-ngeka-Azazeli.
9UAroni wonikela ngempongo edliwe yinkatho kaJehova, anikele ngayo ibe-ngumnikelo wesono.
10Kepha impongo edliwe yinkatho ka-Azazeli iyakubekwa phambi kukaJehova isezwa ukuba kwenziwe ukubuyisana ngayo, ithunywe kuAzazeli ehlane.
11UAroni wonikela ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe, azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana, ahlabe inkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe.
12Wothabatha umcengezi womlilo ogcwele amalahle omlilo asealtare phambi kukaJehova, izandla zakhe zigcwele impepho ethaphukayo icolisisiwe, akulethe ngaphakathi kwesihenqo,
13abeke impepho emlilweni phambi kukaJehova ukuba ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi;
14athabathe kulo igazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe, nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe.
15Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,
16enzele indawo engcwele ukubuyisana ngenxa yokungcola kwabantwana bakwaIsrayeli nangenxa yeziphambeko zabo ezonweni zabo zonke; akenzele njalo netende lokuhlangana elihlezi nabo phakathi kokungcola kwabo.
17Akuyikubakho-muntu etendeni lokuhlangana, nxa engena ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele aze aphume, azenzele ukubuyisana, yena nendlu yakhe nebandla lonke lakwaIsrayeli.
18Uyakuphuma, aye ealtare eliphambi kukaJehova, alenzele ukubuyisana, athabathe kulo igazi lenkunzi nakulo igazi lempongo, alibhece ezimpondweni zealtare nxazonke.
19Uyakulifafaza ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe, alihlambulule, alingcwelise ekungcoleni kwabantwana bakwaIsrayeli.
20Eseqedile ukwenzela indawo engcwele ukubuyisana, netende lokuhlangana nealtare, uyakunikela ngempongo ezwayo;
21uAroni abeke izandla zakhe zombili enhloko yempongo ezwayo, avume phezu kwayo bonke ububi babantwana bakwaIsrayeli neziphambeko ezonweni zabo zonke, akubeke enhloko yempongo, ayithume ngesandla somuntu olungiselwe lokhu, iye ehlane,
22impongo ithwale ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, bayiyeke impongo ehlane.
23UAroni uyakungena etendeni lokuhlangana, akhumule izambatho zelineni azembetheyo ekungeneni kwakhe endaweni engcwele, azishiye khona.
24Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi endaweni engcwele, agqoke izambatho zakhe, aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana.
25Amanoni omnikelo wesono uyakuwashisa ealtare.
26Ovuma ukuba impongo iye kuAzazeli uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu*.
27Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono, elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu*, kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo.
28Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu*.
29Lokhu kuyakuba-yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa ngolweshumi lwenyanga niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningasebenzi-msebenzi, owokuzalwa ekhaya nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.
30Ngokuba ngalolosuku niyakwenzelwa ukubuyisana ukuba nihlanjululwe; niyakuhlambuluka ezonweni zenu zonke phambi kukaJehova.
31Kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo kini; anothobisa imiphefumulo yenu; kuyisimiso esiphakade.
32Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe-ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana, afake izambatho zelineni, izambatho ezingcwele,
33enzele indlu engcwele ukubuyisana, enzele abapristi nabantu bonke bebandla ukubuyisana.
34Lokho kuyakuba-yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwaIsrayeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka.
Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.