Ukucucuza okungcolileyo kowesilisa nokowesifazane
1UJehova wakhuluma kuMose nakuAroni, wathi:
2Yishoni kubantwana bakwaIsrayeli, nithi kubo: Nxa owesilisa ecucuza emzimbeni wakhe, ungcolile ngokucucuza kwakhe.
3Lokhu kuyakuba-ngukungcola kwakhe ngokucucuza kwakhe: noma umzimba wakhe ucucuza, noma umzimba wakhe uvimbekile ekucucuzeni kwakhe, kungukungcola kwakhe.
4Yonke imibhede alala kuyo ocucuzayo iyakuba-ngengcolile; nezinto zonke ahlala kuzo ziyakuba-ngezingcolile.
5Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe.
6Ohlala entweni ahlalé kuyo ocucuzayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe.
7Othinta inyama yocucuzayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe.
8Uma ocucuzayo emfela ngamathe ohlambulukileyo, yena uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe.
9Zonke izihlalo akhwela kuzo ocucuzayo ziyakuba-ngezingcolile.
10Bonke abathinta into eyayiphansi kwakhe bayakuba-ngabangcolile kuze kuhlwe, nalowo othwala lezozinto uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe.
11Nalowo ocucuzayo amthinta, engahashazanga izandla zakhe ngamanzi, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe.
12Isitsha sebumba asithinta ocucuzayo siyakwaphulwa, nazo zonke izitsha zomuthi ziyakuhashazwa ngamanzi.
13Nxa ocucuzayo ehlambulukile ekucucuzeni kwakhe, uyakuzibalela izinsuku eziyisikhombisa zokuhlanjululwa kwakhe, ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi agobhozayo, ahlambuluke.
14Ngosuku lwesishiyagalombili wozithabathela amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, eze phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, awanike umpristi:
15umpristi anikele ngawo, elinye libengumnikelo wesono, elinye libe-ngumnikelo wokushiswa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kwakhe.
16Nxa umuntu eshaywa yizibuko, uyakugeza wonke umzimba wakhe ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe.
17Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe-ngezingcolile kuze kuhlwe.
18Nowesifazane elalé naye indoda, imlalile yamthela ngamalotha, bayakugeza bobabili ngamanzi, babe-ngabangcolile kuze kuhlwe.
19Uma owesifazane ecucuza, ukucucuza kwakhe kube-yigazi, uyakuhlala engcolile izinsuku eziyisikhombisa; bonke abamthintayo bayakuba-ngabangcolile kuze kuhlwe.
20Zonke izinto alala kuzo ekungcoleni kwakhe ziyakuba-ngezingcolile; nakho konke ahlala kukho kuyakuba-ngokungcolile.
21Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe.
22Yilowo nalowo othinta noma intoni ahlala kuyo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe.
23Uma kusembhedeni noma kukuyiphi into ahlala kuyo, nxa kuthintwa ngumuntu, yena uyakuhlala engcolile kuze kuhlwe.
24Uma indoda ilala naye, ukungcola kwakhe kube-kuyo, iyakuba-ngengcolile izinsuku eziyisikhombisa; nayo yonke imibhede alala kuyo iyakuba-ngengcolile.
25Uma owesifazane ecucuza igazi lakhe izinsuku eziningi, zingabi-ngezokungcola kwakhe, noma ecucuza kudlula isikhathi sokungcola kwakhe, zonke izinsuku zokucucuza kokungcola kwakhe uyakuba-njengasezinsukwini zokungcola kwakhe; ungcolile.
26Imibhede yonke alala kuyo zonke izinsuku zokucucuza kwakhe iyakubakuye njengombhede wokungcola kwakhe; zonke izinto ahlala kuzo ziyakuba-ngezingcolile njengokungcola kwefindo lakhe.
27Yilowo nalowo othinta lezozinto uyakuba-ngongcolile, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe.
28Kepha uma ehlambuluka ekucucuzeni kwakhe, makazibalele izinsuku eziyisikhombisa, andukuba ahlambuluke.
29Ngosuku lwesishiyagalombili wozithabathela amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, awalethe kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana.
30Umpristi uyakunikela ngelinye libe-ngumnikelo wesono, elinye libe-ngumnikelo wokushiswa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kokungcola kwakhe.
31Kanjalo niyakwahlukanisa abantwana bakwaIsrayeli nokungcola kwabo ukuba bangafi ekungcoleni kwabo, lapho bengcolisa itabernakele* lami eliphakathi kwabo.
32Lowo ungumthetho wocucuzayo nowoshaywa yizibuko, aze angcole ngakho,
33nowogula ngokungcola kwakhe, nowocucuzayo, umlisa noma owesifazane, nowakhe olala nongcolileyo.