Izithembiso zokubuyiswa kukaJuda noIsrayeli
1Izwi likaJehova lafika kuJeremiya ngokwesibili, esavalelwe egcekeni letilongo, lathi:
2Usho kanje uJehova okwenzayo, uJehova okubumbayo ukuba akuqinise, nguJehova igama lakhe, uthi:
3Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.
4Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ngezindlu zalomuzi nangezindlu zamakhosi akwaJuda ezidilizelwe ukuzivikela kuwo amaduli nenkemba, uthi:
5Bafika ukulwa namaKaledi, bazigcwalisa ngezidumbu zabantu engibabulele ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nengifihlele lomuzi ubuso bami ngenxa yabo bonke ububi babo.
6Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.
7Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kukaIsrayeli, ngibakhe njengakuqala.
8Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo aboné ngabo kimi, ngithethelele zonke izono zabo aboné ngazo kimi nabaphambuké kimi ngazo.
9Umuzi uyakuba-yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela khona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.
10Usho kanje uJehova, uthi: Kuyakubuye kuzwakale kulendawo enithi ngayo ichithekile, ayinamuntu nazilwane, nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,
11izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: Bongani uJehova-Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade, nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala, usho uJehova.
12Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Kuyakubuye kube-khona kulendawo echithekileyo, engenamuntu nazilwane, nakuyo yonke imizi yayo ikhaya labelusi abenza ukuba izimvu zabo zibuthise.
13Emizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, nasezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda izimvu ziyakubuye zidlule phansi kwezandla zozibalayo, usho uJehova.
14Bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, engiyakuliqinisa ngazo izwi elihle engilikhulumé ngendlu kaIsrayeli nangendlu kaJuda.
15Ngalezozinsuku nangalesosikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela lokuLunga; liyakwenza ukwahlulela nokulunga emhlabeni.
16Ngalezozinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala lilondekile; yileligama eliyakubizwa ngalo, elithi: ujehova ungukulunga kwethu.
17Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Akuyikunqunywa kuDavide umuntu oyakuhlala esihlalweni sobukhosi sendlu kaIsrayeli,
18kunganqunywa futhi kubapristi amaLevi umuntu phambi kwami oyakunikela ngeminikelo yokushiswa, ashise iminikelo yempuphu, anikele ngemihlatshelo izinsuku zonke.
19Izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi:
20Usho kanje uJehova, uthi: Uma naphula isivumelwano sami semini nesivumelwano sami sobusuku, kuze kungabikho imini nobusuku ngesikhathi sakho,
21khona isivumelwano sami noDavide inceku yami siyakwaphulwa ukuze angabi-nandodana yokubusa esihlalweni sakhe sobukhosi, kanye namaLevi abapristi, izikhonzi zami.
22Njengebandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.
23Izwi likaJehova labuye lafika kuJeremiya, lathi:
24Awunakanga yini abakukhulumileyo lababantu, bethi: Imindeni yomibili ayikhethayo uyilahlile na? Base bebadelela abantu bami, baze bangabe besaba-yisizwe ngaphambi kwabo.
25Usho kanje uJehova, uthi: Uma isivumelwano sami semini nesobusuku singemi, ngingamisanga izimiso zezulu nomhlaba,
26ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka-Abrahama, nekaIsaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.