Ukuthengwa kwensimu
1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ngomnyaka weshumi kaSedekiya inkosi yakwaJuda, owawungumnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadiresari.
2Ngalesosikhathi impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema; uJeremiya umprofethi wayevalelwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda,
3lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda ebemvalele khona ngokuthi: Uprofethelani uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lomuzi esandleni senkosi yaseBabele, iwuthathe,
4uSedekiya inkosi yakwaJuda angaphunyuki esandleni samaKaledi, kepha anikelwe nokunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, akhulume nayo umlomo nomlomo, amehlo akhe awabone amehlo ayo,
5yona imyise uSedekiya eBabele, abekhona lapho ngize ngimhambele, usho uJehova; noma nilwa namaKaledi, aniyikuphumelela na?
6UJeremiya wathi: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
7Bheka, uHanameli indodana kaShalumi uyihlokazi uyakufika kuwe, athi: Zithengele insimu yami eseAnathoti, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.
8Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: Ake uyithenge insimu yami eseAnathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona. Ngase ngazi ukuthi lelizwi lavela kuJehova.
9Ngayithenga insimu eseAnathoti kuHanameli indodana kababekazi, ngamlinganisela imali, amashekeli* ayishumi nesikhombisa esiliva.
10Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso.
11Ngayithatha incwadi yokuthenga, enamathelisiweyo enemithetho nezimiso, nevulekileyo,
12nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana kababekazi naphambi kwawofakazi ababelobé incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo.
13Ngamyala uBaruki phambi kwabo, ngathi:
14Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Thatha lezizincwadi, lencwadi yokuthenga enamathelisiweyo nalencwadi evulekileyo, uzifake ezitsheni zebumba ukuba zihlale izinsuku eziningi.
15Ngokuba usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Kuyakubuye kuthengwe izindlu namasimu nezivini kulelizwe.
16Sengiyiniké uBaruki indodana kaNeriya incwadi yokuthenga ngakhuleka kuJehova, ngathi:
17E Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho-lutho olukwahlulayo
18wena owenza umusa kubo abayizinkulungwane, ophindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, ogama lakho linguNkulunkulu omkhulu oyiqhawe, uJehova-Sebawoti,
19omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube-yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;
20owamisa izibonakaliso nezimangaliso ezweni laseGibithe kuze kube-namuhla nakwaIsrayeli naphakathi kwabanye abantu, wazenzela igama njenganamuhla,
21wabakhipha abantu bakho uIsrayeli ezweni laseGibithe ngezibonakaliso nangezimangaliso, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu,
22wabanika lelizwe, njengalokho afunga koyise ukubanika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi;
23bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga-lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.
24Bheka, amaduli asefiké emzini ukuba umuzi uthathwe; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.
25Wena-Nkosi Jehova, noma umuzi unikelwe esandleni samaKaledi, washo kimi, wathi: Zithengele insimu ngemali, uzifakazisele.
26Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, lithi:
27Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?
28Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lomuzi esandleni samaKaledi nasesandleni sikaNebukadiresari inkosi yaseBabele, awuthathe.
29AmaKaledi alwa nalomuzi ayakufika, awuthungele lomuzi ngomlilo, awushise kanye nalezozindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.
30Ngokuba abantwana bakwaIsrayeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela emehlweni ami kwasebuntwaneni babo, ngokuba abantwana bakwaIsrayeli bangicunulile kuphela ngemisebenzi yezandla zabo, usho uJehova.
31Ngokuba lomuzi uvusé intukuthelo yami nokufutheka kwami, kusukela osukwini abawakha ngalo kuze kube-namuhla, ukuba ngiwususe ebusweni bami,
32ngenxa yakho konke okubi kwabantwana bakwaIsrayeli nabantwana bakwaJuda abakwenzileyo ukuba bangicunule, bona namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo, namadoda akwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.
33Bangifulathele, abangibhekanga; noma ngabafundisa ngibaxwayisa njalo-njalo, abalalelanga ukuba bamukele ukulaywa.
34Kepha bazibeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.
35Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesisinengiso ukuze bamonise uJuda.
36Ngalokho manje usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ngalomuzi enithi ngawo: Unikelwe esandleni senkosi yaseBabele ngenkemba, nangendlala, nangesifo, uthi:
37Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yami, nangokufutheka kwami, nangolaka olukhulu, ngibabuyisele kulendawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,
38babe-ngabantu bami, mina ngibenguNkulunkulu wabo,
39ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube-kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.
40Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.
41Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kulelizwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.
42Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Njengalokhu ngehlisele phezu kwalababantu konke lokhu okubi, kanjalo ngiyakubehlisela konke okuhle engikukhulumé kubo.
43Amasimu ayakuthengwa kulelizwe enisho ngalo ukuthi liyincithakalo, lapho kungekho-muntu nazilwane khona, nokuthi linikelwe esandleni samaKaledi.
44Amasimu ayakuthengwa ngemali, kulotshwe encwadini, kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.