Amaphupho omphathizitsha nomphekizinkwa
1Kwathi emva kwalezozinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nomphekizinkwa wayo bona enkosini yabo, inkosi yaseGibithe.
2UFaro wazithukuthelela lezozinceku zakhe zombili, induna yabaphathizitsha nenduna yabaphekizinkwa.
3Wazibeka ukuba zilindwe endlini yenduna yemilindankosi etilongweni, indawo lapho wayeboshwé khona uJosefa.
4Induna yemilindankosi yamyala ngazo uJosefa ukuba azibheke; wazikhonza; zazisekulindweni izinsukwana.
5Baphupha iphupho bobabili, kwaba-yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, ababeboshwé etilongweni.
6UJosefa wangena kubo ekuseni, wabona ukuthi badabukile.
7Wayesebuza izinceku zikaFaro ezazinaye zilindwé endlini yenkosi yakhe, ethi: Ubuso benu budabukeleni namuhla na?
8Bathi kuye: Siphuphé iphupho, akakho ongalichaza. UJosefa wathi kubo: Ukuchaza akusikho okukaNkulunkulu na? Ake ningilandise lona.
9Induna yabaphathizitsha yayisimlandisa uJosefa iphupho layo, yathi kuye: Ephusheni lami kwakukhona umvini phambi kwami;
10emvinini kwakukhona amagatsha amathathu; wahluma qede wakhahlela, amahlukuzo awo athela izithelo.
11Indebe kaFaro yayisesandleni sami; ngathatha izithelo zomvini, ngazikhamela endebeni kaFaro, indebe ngayinikela esandleni sikaFaro.
12Wathi uJosefa kuye: Nakhu ukuchazwa kwalo: lawomagatsha amathathu ayizinsuku ezintathu;
13zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, akubuyisele esikhundleni sakho; uzakunikela indebe esandleni sikaFaro njengokwenza kwakho kwakuqala, lapho wawungumphathizitsha wakhe.
14Kepha ngikhumbule, nxa usuhlezi kahle, ungenzele umusa, ungibike kuFaro, ungikhiphe kulendlu.
15Ngokuba ngebiwa nokwebiwa ezweni lamaHeberu, nalapha futhi angenzanga-lutho ukuba bangifake emgodini.
16Kwathi induna yabaphekizinkwa ibona ukuthi lokhokuchazwa kwakukuhle, yathi kuJosefa: Nakimi ephusheni lami kwakungathi kukhona amaqoma amathathu esinkwa esimhlophe ekhanda lami.
17Eqomeni elingaphezulu kwakukhona izinhlobo zonke zokudla kukaFaro; izinyoni zazikudla eqomeni eliphezu kwekhanda lami.
18UJosefa waphendula wathi: Lokhu kungukuchazwa kwalo: lawomaqoma amathathu ayizinsuku ezintathu;
19zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, alisuse kuwe, akuphanyeke emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho, ziyisuse kuwe.
20Kwathi ngosuku lwesithathu, usuku lokuzalwa kukaFaro, wazenzela izinceku zakhe zonke idili, waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathizitsha nelenduna yabaphekizinkwa phakathi kwezinceku zakhe.
21Wayibuyisela induna yabaphathizitsha esikhundleni sayo, waze wanikela indebe esandleni sikaFaro;
22kepha wayiphanyeka induna yabaphekizinkwa, njengalokho ebebachazele uJosefa.
23Nokho induna yabaphathizitsha ayamkhumbula uJosefa, yamkhohlwa.