Isikhundla sikaJosefa
1UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari inceku kaFaro, induna yemilindankosi, owaseGibithe, wamthenga esandleni sabakwaIshmayeli ababemehlisele khona.
2UJehova wayenaye uJosefa, wabangumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe.
3Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe.
4UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe-yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe.
5Kusukela kulesosikhathi embeké ngaso ukuba abe-yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini.
6Yashiya konke okwayo esandleni sikaJosefa; yayingazi-lutho olwayo, ukudla eyakudlayo kuphela. UJosefa wayengumgembeleza, eyigeza.
Ubumhlophe bukaJosefa
7Kwathi emva kwalezozinto umkankosi yakhe waphonsa amehlo kuJosefa, wathi: Lala nami.
8Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami;
9ayinkulu kunami kulendlu; futhi ayingigodlelanga-lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobobubi obungaka, ngone kuNkulunkulu, na?
10Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abe-naye.
11Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe, kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu,
12wambamba ngengubo yakhe, wathi: Lala nami; kepha washiya ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka, wagijimela phandle.
13Kwathi eseboné ukuthi ushiyile ingubo esandleni sakhe, wabaleka,
14wabiza abantu bendlu, wakhuluma kubo, wathi: Bonani, usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; uzé kimina ukuba alale nami; ngamemeza ngezwi elikhulu;
15wathi ezwa ukuthi ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka, wagijimela phandle.
16Wayesebeka lengubo kuye, yaze yafika ekhaya inkosi yakhe.
17Wakhuluma kuyo wona lawamazwi, wathi: Lenceku engumHeberu, osilethele yona, izé kimi ukuba idlale ngami;
18kwathi ukuba ngiphakamise izwi lami ngimemeza, yashiya ingubo yayo kimi, yabalekela phandle.
Ukuboshwa kukaJosefa
19Yathi inkosi yakhe isizwé amazwi omkayo ayewakhulumé kuyo, ethi: Yenzé njalo kimi inceku yakho, lwavutha ulaka lwayo.
20Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba-khona etilongweni.
21Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.
22Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza khona nguyena owayekwenza.
23Umlindi wetilongo akabanga esabheka-lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.