OKayini noAbela
1UAdamu wamazi umkakhe uEva; wakhulelwa, wazala uKayini*; wathi: Ngitholile indoda kuJehova.
2Waphinda wazala uAbela umfowabo. UAbela waba-ngumalusi, uKayini wabangumlimi.
3Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi.
4Naye uAbela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka uAbela nomnikelo wakhe.
5Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.
6UJehova wathi kuKayini: Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na?
7Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.
8UKayini wakhuluma kuAbela umfowabo, wathi: Masiye endle. Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo uAbela, wambulala.
9Wayesethi uJehova kuKayini: Uphi umfowenu uAbela na? Wathi: Angazi; ngingumlindi womfowethu na?
10Khona wathi: Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.
11Usuqalekisiwe emhlabathini ovulile umlomo wawo ukwamukela igazi lomfowenu esandleni sakho.
12Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakubangumhambuma nozulane emhlabeni.
13Khona wathi uKayini kuJehova: Isono sami sikhulu kunokuba ngisithwale.
14Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba-ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.
15Kepha uJehova wathi kuye: Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa. UJehova wabeka uphawu kuKayini, funa omfumanayo ambulale.
16Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene.
Inzalo kaKayini
17UKayini wamazi umkakhe; wakhulelwa, wazala uEnoke. Wakha umuzi, wawuqamba igama lokuthi uEnoke ngegama lendodana yakhe.
18UEnoke wazala uIrade; uIrade wazala uMehujayele; uMehujayele wazala uMetushayele; uMetushayele wazala uLameka.
19ULameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalinguAda, igama lomunye lalinguSila.
20UAda wazala uJabale; yena wabanguyise wabahlala ematendeni, befuya izinkomo.
21Igama lomfowabo lalinguJubale; yena waba-nguyise wabo bonke ababetha ihabhu* nomtshingo.
22USila wazala uThubali-Kayini; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali-Kayini wayenguNahama.
23ULameka wathi kubo abafazi bakhe:
Ada noSila, yizwani izwi lami;
nina-bafazi bakaLameka, lalelani ukusho kwami:
Bhekani, ngibulala umuntu ngenxeba engilitholayo,
nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo.
24Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa,
kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa, aphindwe kasikhombisa.
25UAdamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti, ethi: UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika-Abela, njengokuba uKayini umbulele.
26Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi uEnoshe; ngalesosikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.