Ukuwela esonweni
1Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: Ningadli emithini yasensimini, na?
2Owesifazane wathi enyokeni: Singadla izithelo zemithi yasensimini,
3kepha ngezithelo zomuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu ushilo ukuthi: Ningazidli, ningazithinti ukuba ningafi.
4Inyoka yathi kowesifazane: Aniyikufa nokufa;
5kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe-njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.
6Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla.
7Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba-ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.
8Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; uAdamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.
9Kepha uJehova uNkulunkulu wambiza uAdamu, wathi kuye: Uphi na?
10Wathi: Ngizwé izwi lakho ensimini, ngesaba ngokuba ngihamba-ze; ngalokho ngacasha.
11Khona wathi: Ngubani owakutshela ukuthi uhamba-ze na? Udlile kulowomuthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo na?
12UAdamu wathi: Owesifazane, owangipha yena ukuba abe-nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.
13UJehova uNkulunkulu wathi kowe-sifazane: Yini lokhu okwenzileyo na? Owesifazane wathi: Inyoka ingikhohlisile, ngadla.
14UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: Njengokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho.
15Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
16Wathi kowesifazane: Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba-sendodeni yakho; yona iyakukubusa.
17Wayesethi kuAdamu: Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowomuthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.
18Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle.
19Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.
20UAdamu wamqamba umkakhe igama lokuthi uEva*, ngokuba waba-ngunina wabo bonke abaphilayo.
21UJehova uNkulunkulu wabenzela uAdamu nomkakhe iziphuku, wabembathisa.
22UJehova uNkulunkulu wathi: Bheka, uAdamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube-phakade.
23UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwé kuwo.
24Wamxosha uAdamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.