UJakobe uhlangana noEsawu
1UJakobe waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nango uEsawu eza enamadoda angamakhulu amane. Abantwana wabahlukanisela oLeya, noRaheli, nezincekukazi zombili.
2Wabeka izincekukazi nabantwana bazo ngaphambili, uLeya nabantwana bakhe ngasemuva, oRaheli noJosefa ngasekugcineni.
3Yena uqobo wadlulela phambi kwabo, wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.
4UEsawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa ngasentanyeni yakhe, wamanga; bakhala.
5Waphakamisa amehlo akhe, wabona abesifazane nabantwana, wathi: Bangobani laba onabo na? Wathi: Bangabantwana uNkulunkulu ayiphé bona inceku yakho ngomusa.
6Zase zisondela izincekukazi, zona nabantwana bazo, bakhothama.
7Wasondela noLeya nabantwana bakhe, bakhothama; ngasemuva wafika uJosefa enoRaheli, bakhothama.
8Wayesethi: Uqondeni ngawo wonke lombonda engihlangana nawo na? Wathi: Ukuba ngifumane umusa emehlweni enkosi yami.
9Kepha uEsawu wathi: Nginokuningi, mfowethu; okwakho makube-ngokwakho.
10UJakobe wathi: Hayi bo; uma ngifumene umusa emehlweni akho, samukele isipho sami esandleni sami, ngokuba ngiboné ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.
11Mawusamukele isibusiso sami esilethwa kuwe, ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa nangokuba nginakho konke. Wamcindezela; wasamukela-ke.
12Wayesethi: Asisuke sihambe, ngihambe phambi kwakho.
13Wathi kuye: Inkosi yami iyazi ukuthi abantwana bancane nokuthi izimvu nezinkomazi ezinami ziyizindlezane; uma bezishishinga usuku olulodwa, umhlambi wonke uyakufa.
14Ake idlule inkosi phambi kwenceku yayo, mina ngiseseze njengokuhamba kwempahla ephambi kwami nanjengokuhamba kwabantwana, ngize ngifike enkosini yami eSeyiri.
15UEsawu wathi: Ake ngishiye kuwe abanye abantu bami. Wathi: Ngani na? Mangifumane umusa emehlweni enkosi.
16UEsawu wayesebuyela endleleni yakhe ngalolosuku, waya eSeyiri.
17UJakobe wasuka waya eSukoti, wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amathanga; ngalokho igama laleyondawo lathiwa iSukoti*.
18UJakobe wafika kahle emzini waseShekemi osezweni laseKhanani, evela ePhadani-Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.
19Wathenga isiqephu sezwe, lapho ebemisé khona itende lakhe, esandleni samadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu.
20Wakha khona ialtare, walibiza ngokuthi iEli-Elohe-Israyeli*.