UJakobe uyazilungiselela ukuhlangana noEsawu
1UJakobe wahamba indlela yakhe; izingelosi zikaNkulunkulu zamhlangabeza.
2UJakobe ezibona wathi: Lokhu kuyibandla likaNkulunkulu; waqamba igama laleyondawo ngokuthi iMahanayimi*.
3UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe kuEsawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwaEdomi.
4Waziyala ngokuthi: Niyakukhuluma kanje enkosini yami uEsawu, nithi: Inceku yakho uJakobe ithi: Ngigogobele kuLabani, ngilibele kuze kube-manje;
5nginezinkabi, nezimbongolo, nezimvu, nezinceku, nezincekukazi; sengithumele ukubika enkosini yami ukuba ngithole umusa emehlweni akho.
6Izithunywa zabuyela kuJakobe, zathi: Safika kumfowenu uEsawu, naye uyeza ukukuhlangabeza enamadoda angamakhulu amane.
7UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba-ngamaqembu amabili,
8wathi: Uma uEsawu efika kwelinye iqembu, alichithe, iqembu eliseleyo liyakubaleka.
9Wathi uJakobe: Nkulunkulu kababa uAbrahama, Nkulunkulu kababa uIsaka, Jehova, wena owathi kimi: Buyela ezweni lakho nasezihlotsheni zakho, ngikwenzele okuhle,
10angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leliJordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.
11Ake ungophule esandleni somfowethu, esandleni sikaEsawu, ngokuba mina ngiyamesaba, funa eze angichithe kanye nawonina nabantwana.
12Wathi wena: Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibengangesihlabathi solwandle esingebalwe ngobuningi.
13Walala khona lobobusuku; kulokho okwakusesandleni sakhe wathathela uEsawu umfowabo isipho:
14izimbuzikazi ezingamakhulu amabili, nezimpongo ezingamashumi amabili, nezimvukazi ezingamakhulu amabili, nezinqama ezingamashumi amabili,
15namakamela asengwayo angamashumi amathathu namathole awo, nezinkomazi ezingamashumi amane, nezinkunzi eziyishumi, nezimbongolokazi ezingamashumi amabili, namathole ayishumi.
16Wazinikela esandleni sezinceku amaqambi ngamaqambi, wathi ezincekwini zakhe: Dlulani ngaphambi kwami, nenze ibanga phakathi kweqambi neqambi.
17Wamyala ophambili, wathi: Nxa uEsawu umfowethu ehlangana nawe, ekubuza ethi: Ungokabani wena? Uyangaphi na? Ngezikabani lezi eziphambi kwakho na?
18wothi: Ngezenceku yakho uJakobe; kuyisipho esithunywa enkosini yami uEsawu; bheka, naye uyeza, ungasemuva kwethu.
19Wayala nowesibili, nowesithathu, nabo bonke ababelandela amaqembu, wathi: Niyakusho njalo kuEsawu, lapho nimfumana.
20Niyakukhuluma nithi: Futhi bheka, inceku yakho uJakobe iyeza, isemva kwethu. Ngokuba wathi: Ngizakumthoba ngalesisipho esihamba phambi kwami, andukuba ngibone ubuso bakhe; mhlawumbe angangamukela.
21Sase sihamba isipho phambi kwakhe, kepha yena wahlala ekamu* lobobusuku.
UJakobe ubambana noNkulunkulu
22Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.
23Wabathatha, wabawelisa emfuleni, wakuwelisa nalokho anakho.
24Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.
25Esebona ukuthi akamahluli, wathinta esikhoxeni senyonga yakhe, waphinyazeka uJakobe esikhoxeni senyonga esebambene naye.
26Wayesethi: Angihambe, ngokuba sekuyasa. Kepha wathi: Anginakukuyeka ukuba uhambe ungangibusisanga.
27Wathi kuye: Ungubani igama lakho na? Wathi: NginguJakobe.
28Wathi: Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha uIsrayeli*, ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.
29UJakobe wayesembuza ethi: Ake ungitshele igama lakho. Wathi: Ubuzelani igama lami na? Wayesembusisa khona.
30UJakobe waqamba igama laleyondawo ngokuthi iPheniyeli*, ngokuba wathi: Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, nokho umphefumulo wami wophulwa.
31Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.
32Ngalokho abantwana bakwaIsrayeli abawudli umsipha wenqulu osesikhoxeni senyonga kuze kube-namuhla, ngokuba wathinta isikhoxo senyonga kaJakobe emsipheni wenqulu.