Amadodana ka-Abrahama kuKetura. Ukufa kuka-Abrahama
1UAbrahama waphinda wathatha umfazi ogama lakhe linguKetura.
2Wamzalela oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, noIshibaki, noShuwa.
3UJokishani wazala oSheba noDedani. Amadodana kaDedani ayengama-Ashuri, namaLetushi, namaLewumi.
4Amadodana kaMidiyani ayengoEfa, noEferi, noHanoki, noAbida, noElidaha. Bonke labo babengamadodana kaKetura.
5UAbrahama wamnika uIsaka konke anakho.
6Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama uAbrahama wawanika izipho nje, wawamukisa kuIsaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.
7Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka-Abrahama azihambayo: iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu.
8UAbrahama wagqibuka wafa, esemdala egugile, esanelisiwe yizinsuku, wabuthelwa kubantu bakhe.
9OIsaka noIshmayeli amadodana akhe bammbela emhumeni waseMakaphela, ensimini kaEfroni indodana kaSowari umHeti engaphambi kweMamre,
10insimu ayithenga uAbrahama kubo abantwana bakwaHeti; khona wembelwa uAbrahama noSara umkakhe.
11Kwathi emva kokufa kuka-Abrahama uNkulunkulu wambusisa uIsaka indodana yakhe; uIsaka wahlala eBeri-Lahayi-Royi.
Inzalo kaIshmayeli
12Lezi ziyizizukulwane zikaIshmayeli indodana ka-Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona uAbrahama.
13Lawa angamagama amadodana kaIshmayeli ngamagama awo nangokuzalwa kwawo: izibulo likaIshmayeli nguNebayoti, kanye noKedari, noAdibeli, noMibisamu,
14noMishima, noDuma, noMasa,
15noHadadi, noThema, noJeturu, noNafishi, noKhedema;
16yilawo angamadodana kaIshmayeli, yilawo angamagama awo ngemizi yawo nangezikaniso zawo, izikhulu eziyishumi nambili ngezizwe zawo.
17Le iyiminyaka yokuhamba kukaIshmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe.
18Bahlala-ke kwasukela eHavila kwaze kwaba-seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya eAsiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo.
Ukuzalwa kukaEsawu noJakobe
19Lezi ziyizizukulwane zikaIsaka indodana ka-Abrahama: uAbrahama wazala uIsaka;
20uIsaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani-Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe-ngumkakhe.
21UIsaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa.
22Abantwana baqhubukushana phakathi kwakhe; wathi: Uma kunje, ngisekhona ngani na? Waya wabuza kuJehova.
23UJehova wathi kuye:
Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili;
izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho;
esinye isizwe siyakwahlula esinye,
omkhulu akhonze omncane.
24Kwathi seziphelele izinsuku zakhe zokubeletha, bheka, kwakukhona amawele esiswini sakhe.
25Waphuma owokuqala, ebomvana wonke umzimba, enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi uEsawu.
26Emva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambelele esithendeni sikaEsawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe*; uIsaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.
27Abafana bakhula; uEsawu wabayiphisi, umuntu wasendle; uJakobe wabayibeka, ehlala ematendeni.
28UIsaka wamthanda uEsawu, ngokuba wayedla inyama yenyamazane yakhe; uRebeka wamthanda uJakobe.
29Kwathi uJakobe wapheka ukudla, kwafika uEsawu evela endle, ediniwe.
30UEsawu wathi kuJakobe: Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu, kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe; ngalokho igama lakhe lathiwa uEdomi.
31Wayesethi uJakobe: Thengisa kimi namuhla ngefa lobuzibulo bakho.
32Wathi uEsawu: Bheka, sengizakufa; linosizo luni kimi ifa lobuzibulo bami na?
33UJakobe wathi: Funga kimi namuhla. Wayesefunga kuye, wathengisa ngefa lobuzibulo bakhe kuJakobe.
34UJakobe wamupha uEsawu isinkwa nokudla kwembumba; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo uEsawu ubuzibulo bakhe.