UIsaka eseGerari naseBeri-Sheba
1Kwaba-khona indlala ezweni ngaphandle kwendlala yokuqala eyayikhona emihleni ka-Abrahama; uIsaka waya eGerari kuAbimeleki inkosi yamaFilisti.
2UJehova wabonakala kuye, wathi: Ungehleli eGibithe; hlala ezweni engizakukutshela lona,
3ugogobale kulelizwe; ngizakuba-nawe, ngikubusise, ngokuba ngiyakunika wena nenzalo yakho onke lawamazwe, ngigcwalise isifungo engasifunga kuAbrahama uyihlo.
4Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe-ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawamazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,
5ngokuba uAbrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.
6UIsaka wahlala-ke eGerari.
7Amadoda aleyondawo ambuza ngomkakhe; wathi: Ungudadewethu, ngokuba wesaba ukusho ukuthi: Ungumkami, ethi: Funa amadoda aleyondawo angibulale ngenxa kaRebeka, lokhu ebukeka kahle.
8Kwathi esehlalé khona isikhathi eside, uAbimeleki inkosi yamaFilisti walunguza efasiteleni, wabona; bheka, uIsaka wayetekula noRebeka umkakhe.
9UAbimeleki wambiza uIsaka, wathi: Bheka, impela yena ungumkakho; usholoni ukuthi: Ungudadewethu, na? UIsaka wathi: Ngokuba ngathi: Funa ngife ngenxa yakhe.
10UAbimeleki wayesethi: Kuyini okwenzile kithina na? Bekulula ukuba kufike omunye wabantu, alale nomkakho; ubususibangele icala.
11UAbimeleki wayala bonke abantu, wathi: Othinta lomuntu nomkakhe uzakubulawa nokubulawa.
Amandla kaIsaka nokuphikisana ngemithombo
12UIsaka watshala kulelozwe, wathola ngawona lowomnyaka okuphindwé kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa.
13Lowomuntu waba-mkhulu; kwayilokhu eqhubeka ukukhula njalo, waze waba-mkhulu kakhulu.
14Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye.
15Yonke imithombo ezaziyimbile izinceku zikayise ezinsukwini zika-Abrahama uyise, amaFilisti ayeyivalile, ayigcwalisa ngomhlabathi.
16UAbimeleki wathi kuIsaka: Suka kithina, ngokuba unamandla kakhulu kunathi.
17UIsaka wayesesuka khona, wakha esigodini saseGerari, wahlala lapho.
18UIsaka wabuye wemba imithombo yamanzi ababeyimbile ezinsukwini zika-Abrahama uyise, ngokuba amaFilisti ayeyivalile emva kokufa kuka-Abrahama; wayibiza ngamagama ayiqamba ngawo uyise.
19Izinceku zikaIsaka zemba esigodini, zafumana umthombo wamanzi aphethuzayo.
20Abelusi baseGerari baphikisana nabelusi bakaIsaka, bathi: Amanzi angawethu. Wabiza igama lomthombo ngokuthi iEseke*, ngokuba baphikisana naye.
21Bemba omunye umthombo, baphikisana nangawo. Waqamba igama lawo ngokuthi iSitina*.
22Wasuka lapho, wemba omunye umthombo; abaphikisananga ngawo; wabiza igama lawo ngokuthi iRehoboti*, wathi: Ngokuba uJehova usenzele indawo; siyakwanda ezweni.
Isithembiso sika-Abrahama siyaphindwa kuIsaka
23Wasuka lapho, wakhuphuka waya eBeri-Sheba.
24UJehova wabonakala kuye ngabona lobobusuku, wathi: NginguNkulunkulu kayihlo uAbrahama; ungesabi, ngokuba nginawe; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami uAbrahama.
25Wakha khona ialtare, wakhuleka egameni likaJehova, wamisa lapho itende lakhe; izinceku zikaIsaka zemba umthombo khona.
Isivumelwano sikaIsaka noAbimeleki
26UAbimeleki wayeseya kuye evela eGerari, enoAhuzati umngane wakhe noPikoli induna yempi yakhe.
27UIsaka wathi kubo: Nizeleni kimi, lokhu niyangizonda, ningixoshile kini, na?
28Bathi: Sesiboné nokubona ukuthi uJehova unawe. Sathi: Akube-khona manje phakathi kwethu isifungo, phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe
29sokuthi awuyikusenzela okubi, njengokuba singakuthintanga, sikwenzele okuhle kodwa, sakumukisa ngokuthula; wena usubusisiwe nguJehova.
30Wabenzela idili, badla, baphuza.
31Bavuka ekuseni, bafungisana omunye nomunye; uIsaka wayesebamukisa, basuka kuye ngokuthula.
32Kwathi ngalolosuku zafika izinceku zikaIsaka, zamtshela ngomthombo ezaziwumbile, zathi kuye: Sitholile amanzi.
33Wayesewubiza ngokuthi iSheba; ngalokho igama lomuzi lithi iBeri-Sheba kuze kube-namuhla.
Amakhosikazi kaEsawu
34Kwathi uEsawu eseneminyaka engamashumi amane, wathatha umfazi uJuditi indodakazi kaBeri umHeti noBasemati indodakazi kaEloni umHeti.
35Baba-lusizi enhliziyweni kaIsaka noRebeka.